Vikela abantwana kububhoklolo obenziwa nge-inthanethi 

Kgaogelo Letsebe

ONGCWETI BE-CSIR basebenzisa ubuchwepheshe ukuzama ukuqeda ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi.
Isihluku kanye nemi phumela emibi yo bubhoklolo obenziwa nge-inthanethi kubantwana sekuvezwe obala ezinya ngeni ezisanda kudlula.
Esigamekweni sakamuva sobubhoklolo obenziwa nge-inthanethi, umfundi weBanga le-10 uLufuno Mavhunga, wasesiko lweni iMbilwi Seconda ry School eLimpopo, washo na ngokuzibulala emva kokushaywa ngomunye umfundi. UMavhunga  weqisa amaphilisi ayewa nikwe ngudokotela emva kokuthi ividiyo eyaqoshwa ngesikhathi eshaywa yasabalala ezinkundleni zoku xhumana. Ongcweti bezokuphepha ku-inthanethi abavela ku Mkhandlu Wezocwaningo Lwezesayensi Nezimboni (i-CSIR) bathi ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi buyalimaza kakhulu eba ntwaneni futhi bungaba ngela ukukhathazeka,  ukudangala, intukuthelo, ukukhungatheka, ixhala  nokwesaba.“Bungaphinde bubangele ukuzenyeza, ubugebe-ngu obenziwa abantwana,  udlame esikolweni, izinki nga zomndeni kanye ne micabango yokuzibulala,”  kuchaza umcwaningi omkhulu wase-CSIR uSipho Ngobeni. Ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi benzeka  uma omunye esebenzisa ubuchwepheshe bezoku xhumana ukuhlukumeza, ukusabisa, ukuhlambalaza, ukuthusa, ukucathamela, ukuphoxa noma ukuhlekisa ngamabomu ngomunye umuntu.UNgobeni uthi ucwaningo lubonisa ukuthi abantwana abangama-41% baqala ukuba nexhala phakathi kwabantu emva koku bhekana nobubhoklolo obenziwa nge-inthanethi, abangama-37% baqala ukukhathazeka, abangama-26% banemicabango yokuzibulala bese kuthi abangama-25% bona bayazilimaza.“Le miphumela ibonisa ukuthi ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi bu yinkinga enkulu kakhulu.Ukubandakanya wonke umuntu – intsha, abazali, othisha, abomthetho kanye nezinkampani zezinkundla zokuxhumana – iyona ndlela yokubhekana nale nkinga,” engeza. Ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi obuningi, obungama-42%, benzeka ku-Instagram, obungama-31% benzeka ku-Facebook, obungama-31% benzeka ku-Sna pchat, obuyi-12% benze ka ku-WhatsApp, obuyi-10% benzeka ku-YouTube bese obuyi-9% benzeka ku Twitter.Ungcweti wase-CSIR u-Rofhi wa Netshiya uthi kunesi dingo sokufundiswa kompha kathi ngazo zonke izinhlobo zobubhoklolo obenziwa nge-inthanethi. “Kufanele sifundise aba ntwana ukuthi ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi bungaholela kwimiphumela emibi,” kusho yena.Ukubhekana nobubhoklolo obenziwa nge-inthanethi, ithimba le-CSIR lisebenza  ngohlelo olukwaziyo  ukubona ububhoklolo ezinkundleni zokuxhumana.“Lolu hlelo luzovele luzi bonele ububhoklolo obenziwa nge-inthanethi ezinkundleni zokuxhumana bese luvimbela labo abaqhubeka nokuthumela izinkulumo ezinenzo ndo. Luzothumelela loyo oyisebenzisayo imiyalezo emithathu yezixwayiso, uma beqhubeka, luzobavimbela ukuthi basebenzise inkundla leyo yokuxhumana,” kusho uNetshiya. Weluleke abazali ukuthi bafake i-software yoku qapha omakhalekhukhwini babantwana babo ukuze bezohlale bebheke ukuthi benzani. “Kunemikhiqizo engabizi kakhulu ekwazi ukuqapha ngokungabonakali konke okwenziwa abantwana bakho bese uthunyelelwa i-imeyili ngasese yemiphumela ngalezo zikhathi ezithandwa uwena. Lokhu kubalulekile kakhulu ukulandelela izizinda ze inthanethi okungenwe ku zona, okuthathwe ku-intha-nethi kwafakwa kumakhalekhukhwini, izingxoxo za sezinkundleni zokuxhumana kanye nemiyalezo.”I-CSIR inikeza la masu alandelayo kubazali abasola ukuthi abantwana babo bayi zisulu zobubhoklolo obenzi wa nge-inthanethi:
• Qinisekisa ukuthi umntwana uzizwa ephephile, bonisa ukumeseka ngokuphelele.•Bambisana nomntwana wa-kho ukuthola indlela enizo kwenza ngayo enivumelana ngayo nobabili.•Xoxisana nesikolo esithi ntekayo ngodaba lobubhoklo lo obenziwa nge-inthanethi.• Thinta abazali bomntwana onodlame ukuze kuzophe nyisiswa udaba futhi kususwe nakho konke okukhubekisayo.• Bika udaba emaphoyiseni uma kukhona ukusatshiswa okukhona noma ukuphangwa, ukucathanyelwa, ukuphoqwa ngenkokhelo kanye noku xhashazwa kwabantwana.• Fundisa umntwana wakho ngokuziphatha okufanele ku-inthanethi.• Gcizelela isimilo nokuziphatha okuyikho.