I-Israeli ne-Palestine banxuswa ukuthi bafane neNingizimu Afrika ngokufuna ukuthula

vukuzenzele unnamed

Esabhekana na kho ngoguquko lwentando yaba ntu kuyisifundo ngama ndla okuzwelana, uku xoxisana kanye nokuze hlisa.
 Isimo esiqhubekayo kwa-Israeli kanye nase-Palestine siqinisekisa lokhu abantu baseNingizimu Afrika abakwaziyo nabo, ukuthi izingxabano ezinzima zingaxazululwa kuphela ngokuxoxisana ngokuthula.  Siphinde futhi sibonise ukuthi ngaphandle kokuthi kukhulunywe ngesisusa sengxabano, kulesi sigameko okungukuhlala ngoku ngekho emthethweni kwa-bantu bakwa-Israeli emhlabeni wabantu base-Palestine kanye nokunqatshelwa kwelungelo lokuzibusa labantu base-Palestine, ngeke kuze kube nokuthula. Udlame lwakamuva nje luqutshulwe isinqumo senkantolo yakwa-Israeli  ebesixosha imindeni ema khaya ayo endaweni yase-Sheikh Jarrah ese Mpumalanga ye-Jerusalema ukuze kunikezwe indawo yokuhlala kubantu bakwa-Israeli. Ukubuka amadoda, abesifazane kanye nezingane bexoshwa emakhaya imi-ndeni yabo ebisiphile khona izizukulwane ngezizuku-lwane kubuyisa isithombe senkumbulo yenhlanganisela yemicabango kanye nobuhlungu bomunye nomunye beningi labantu baseNingizimu Afrika – abasuswa ngendluzula ezinda -weni zabo futhi bathathelwa umhlaba wabo. Kwakubuhlungu futhi kuyimpoxo eyayibhekene nomndeni wami, kanye neningi lemindeni yabantu baseNingizimu Afrika. Umndeni wami wathu thelwa ezindaweni eze-hlukene zezwe ngenkani izikhathi kwaze kwaba kabili.  Ukuphoqwa ngenkani ukuthi uphume ekhaya ukhonjwe ngesibhamu kungubuhlungu obukhulu lobo futhi okungelula ukuthi ubukhohlwe futhi kudlulela ezizukulwaneni ngezizu-kulwane. Njengezwe, sisahleli nemi-phumela eyinsalela yezenzo ezibuhlungu ezenziwa egameni lokuhlelwa kwendawo yesikhathi sobandlululo.Kubo bonke labo aba-kholelwa ekulinganeni, ubulungiswa kanye nama lungelo abantu, ngeke  sikwazi kodwa ukushu kunyiswa futhi sithukuthe-liswe ngempela, ngubuhlu-ngu nokuphoxeka okwe nziwa kubantu base Palestine; ngoba nakhu ku nanelwa okwethu.Izenzo zabantu bakwa-Israeli zingukuphula umthetho womhlaba ji kelele. Batshengise ukunga-yishayi ndiva impumelelo yezinqubo zoMkhandlu Wezokuphepha zoMhlabu-hlangene ezazicela ukuthi kumiswe nsi ukusetshe-nziswa komhlaba wase-Palestine futhi kufezwe ngokuphelele amalungelo abantu base-Palestine. Selokhu amasosha ezokuphepha akwa-Israeli aqala ukuhlasela amakholwa  endaweni yawo ebizwa nge Al Aqsa Mosque  eseJe rusalema ngesonto ele dlule, lolu dlame selumboze  i-Gaza Strip okuyizingxenye ezinkulu ze-West Bank namadolobha amaningi akwa-Israeli. Lokhu sekudlule nemiphefumulo eminingi yabantu, okubandakanya nezingane.Kuyakhathaza kakhulu futhi ukuthi amasosha akwa-Israeli acekele phansi isakhiwo esiyisitezi nesinezinhlangano eziningi ze zindaba, lokhu bekwenze-lwa ukuthumela umyalezo othusayo kwabezindaba ababika ngalolu dlame.Ukuqhunyiswa kwama-bhomu yi-Israeli e-Gaza okungenazwelo futhi okuqhubekayo kuzoba nemiphumela emibi kubantu abangaphezu kwezigidi ezimbili abebekhahlanyezwe ukuvinjwa ngokunge-mthetho yizwe lakwa-Israeli iminyaka eyi-14. Sicela wonke amaqembu abandakanyekayo ukuthi azibambe, ahloniphe impi-lo yomuntu, futhi aqede ubutha obukhona njengamanje. NjengeNingizimu Afrika, sizinikele ukuthi sibe yi ngxenye yemizamo yama zwe omhlaba okuhloswe ngayo ukuvuselela inqu-bo yezepolitiki ezoholela ekwakhiweni kombuso wase-Palestine osebenzayo futhi okhona ezinhla-ngothini zombili ukudala ukuthula ne-Israeli futhi nangaphakathi emingceleni  eyaziwa emhlabeni jikelele. Isixazululo semibuso yomibili sisamile njengendlela eyiyo yabantu bakwa-Israeli kanye ne-Palestine futhi kumele kuqhutshekwe nokuthi sesekwe. Ngesikhathi amasosha ezokuphepha akwa-Israeli ehlasela amakhohlwa e Al Aqsa Mosque, nathi eNingizimu Afrika besilu-ngiselela ukugubha ikhulu leminyaka lesibhicongo sokubulawa kwabantu  i-Bulhoek Massacre enda weni yenkolo eNtabelanga eMpumalanga Kapa. Mhla zingama-24 ku Nhlaba 1921, amasosha ezokuphepha amakholoni ayehlome ngezibhamu nemishini yezikhali avulela ngenhlamvu kumakholwa, kwashona abantu abanga-phezu kwe-160 kwalimala kabi abacishe bafinyelele kwabayi-130.Lesi sibhicongo sokubulawa kwabantu siveze obala isihluku hhayi kuphela esombutho wamaphoyisa weNyunyana yaseNi-ngizimu Afrika, kodwa futhi nenqubo yokucwasa ngokwebala eyabekwa icala lokusivumela.Njengengxabano endaweni i-Sheik Jarrah, isihluku  e-Bulhoek sasingeyona nje ingxabano yendawo; kwakungokuphathelene nokuphucwa umhlaba ngenkani, ngokuqonelwa komhlaba, ngokubandlu lulwa ngokobuhlanga nango kucindezelwa kwabantu abangavumelani nezenzo zangaleso sikhathi.Njengoba sibheka inkinga yase-Middle East futhi  ikakhulukazi ngokuhlu pheka kwabantu base-Palestine, kungakuhle  sikhumbule amazwi ka-Selby Msimang, ilungu elasungula i-African National Congress.Ngemuva kwesibhicongo sase-Bulhoek wabhala wathi: "Umlando ukhombisile ukuthi umphefumulo womuntu uvukela ukungabi nabulungiswa".Imibhikisho kanye nokuvukelana kwabantu base-Ningizimu Afrika ababe cindezelwe belwa nobuqo nela nobandlululo kwa fakazela ubuqiniso balo mbono.Njengabathandi benkululeko nobulungiswa, simi nabantu base-Palestine emzamweni wabo wokuzi busa, kepha futhi ekume laneni kwabo nokuphucwa amalungelo abo kanye nokuphucwa isithunzi sabo. Njengezakhamuzi zezwe elikwazile ukufulathela inzondo yobuhlanga  nokuchitheka kwe gazi nokwakha umpha kathi obandakanya bonke abantu ogxile emalunge-lweni abantu bonke, ku-yithemba lethu sonke ukuthi abantu bakwa-Israeli kanye ne-Palestine bazolandela  indlela efanayo; yokuthi  bakwazi ukuthi bagcine bebona ngokufana, futhi bazokwazi ukuthola uku-thula.