mlutha wogwayi:  Impilo yakho ingashabalala

Kgaogelo Letsebe

UKUBUNGAZA Usuku Lomhlaba Lokungabhenywa kukagwayi mhlazingama-31 kuNhlaba, iphephandaba i-Vuk’uzenzele likhuluma nolulamayo kumlutha wogwayi mayelana nokunqoba kwakhe ngempumelelo lo mlutha.
UKatlego Makhanda odabuka endaweni yase-Moiletswane eNyakatho Ntshonalanga wazi kamhlophe ukuthi kunzima kangakanani ukuyeka ukubhema.
Ngaphambi kokuyeka  ukubhema eminyakeni  emine eyedlule, uMakha nda (oneminyaka engama-28 ubudala) ubebhema osikilidi abangama-30 ngosuku. Waqala ukubhema ene minyaka eyi-18 ubuda la ngenxa yengcindezi a yeyithola kontanga bakhe.  “Ngangingakaze neze ngaba nentshisekelo yoku bhema ugwayi – wawuyi nto engathi shu lapha kimi ngaphambi kokuba ngifike ebangeni likamatikuletsheni futhi lapho iqembu labafana engangiphila nalo lalilokhu lingigcona ngezinkulumo  ezinengayo zokuthi a ngikho ezintweni ngo ba ngingabhemi.” UMakhanda esaqala waye bhema usikilidi owodwa noma ababili ngelanga, kodwa kwabe sekwengezeka lokhu ngokuhamba kwesikhathi.
 “Ngesikhathi sengiqedile umatikuletsheni, ngaya enyuvesi futhi inkululeko eyeza nokungahlali na bazali yabe ichaza ukuthi  ngingaphuza utshwala noma kangaki uma nje ngifuna. Lokhu kwenyusa izinga lami lokubhema ugwayi.”  Ngonyaka wezi-2017,  uMakhanda wagula futhi wangeniswa esi bhedlela. Wahlonzwa nje ngonenhlobo yesibili yezifo zikashukela futhi kwaphela amaviki ebuthakathaka  engakwazi nokuvuka e mbhedeni. “Udokotela wakubeka kwacaca bha ukuthi ukulawulwa kokugula kwami ngeke kwe nzeke uma nje ngisaqhube ka nokubhema. Yilapho-ke nganquma ukuyeka uku bhema ugwayi unomphela.  ”UDkt Midah Maluleke wase Mpumalanga uthi ukubhema ugwayi kunobungozi cishe kuzo zonke izitho zomzimba.
 “Izifo ezifana nomdlavu za, isifo senhliziyo, isifo sohlangothi, isifo sama phaphu, isifo sikashukela kanye nesifo samaphaphu avalekile esiyimbelesela kungabangelwa ukubhema.
 “Ucwaningo lukhomba uku thi babalelwa kumaphesenti angama-30 kuya kwangama-40 abantu ababhemayo abangahle bahlaselwe yinhlobo yesibili yesifo sikashuke la ukunalabo abangabhemi. Ukubhema kuphinde kwe nze kube nzima ukulawu la lesi sifo,” kusho yena.  Amasu okuyeka  ugwayi INhlangano Yesifo So mdlavuza eNingizimu Afrika (i-CANSA) sikunika la masu alandelayo uma ngabe uzama ukuyeka ukubhema:  ●Nquma usuku ofuna ukuyeka ngalo ukubhema bese wenza kanjalo.  ● Lahla kude zonke izinto ezikukhumbuza ukubhema. Lokhu kubandakanya amaphakethe kasikilidi, izitsha zomlotha, nome ntshisi. ● Phuza kakhulu amanzi – lokhu kuzokusiza ukuthi ukhiphe i-nicotine emzi mbeni wakho.  ● Yazisa umndeni wakho kanye nabangani ukuthi uzama ukuyeka u gwayi ukuze bakusekele.  ●Ungahlangabezana  nokuphathwa isiyezi, ukunkenketha kwekha nda noma ukukhwehlela uma usuyekile ukubhema. Lokhu kwejwayele -kile uma uyeka ugwayi futhi kufanele kwedlule emva kosuku noma izi nsuku ezimbili futhi ku zoshabalala unomphela emva kwezinsuku eziyi-14. UMakhanda uthi indlela yakhe yokuyeka ugwayi ayizange yaba lula neze, kodwa uzinikele ekutheni angaphinde awulokothe ugwayi.“Umtholampilo wasendaweni kanye nabasebenzi bakhona bangi hlinzeke ngokwesekela kanye nolwazi olumayelana nokubaluleka koku phila impilo ngaphandle ko gwayi. Ekuqaleni, iphu nga likasikilidi belingili nga, kodwa manje sengili jwayele,” engeza.  


