Imithombo yabezindaba enamandla ibaluleke kakhulu kunakuqala

vukuzenzele unnamed

Siphila ezweni lapho kungezona kuphela izintatheli kodwa noma ngabe iliphi ilungu lomphakathi likhululekile ukusho imicabango yalo, imibono yalo kanjalo nokungagculiseki ngapha ndle kokusaba ukujeziswa.
Sesihambe ibanga elide kakhulu sisuka ezinsukwini lapho imibhikisho yomphakathi yababha-li yadonsa imiyalelo  yokumiswa, nokubika okubucayi kwezintatheli kwakubeka engcupheni ukuboshwa noma ukuvalwa kwamaphephandaba. Kamuva nje, inhlangano i-Reporters without Bor-ders ishicilele iNkomba Yenkululeko Yabezindaba Yomhlaba yangowezi-2021, okuyinkombandlela yesimo senkululeko yabezindaba emhlabeni jikelele.
Kukho konke, kwatholaka la ukuthi kunokwehla eku finyeleleni komphakathi kulwazi kanye nokukhula kwezingqinamba zokusakazwa kwezindaba emazweni amaningi. Umbiko wathi abezi ndaba “bavalelekile noma bavinjiwe” emazweni angama-73 futhi “bavimbekile” kwamanye angama-59.  Okukhathazayo ukuthi inkululeko yabezindaba yehlile ngesikhathi sobhubhane lweCOVID-19 , ne mikhawulo ehlukahlukene ebekiwe okubukeka engathi isetshenziselwe ukunqanda imisebenzi yabezindaba e zindaweni eziningi.Kulo mbiko wakamuva iNingizimu Afrika ibekwe yaba ngeyama-32 emazweni ayi-180. Inkomba ichaza isimo senkululeko yabe zindaba eNingizimu Afrika “njengesiqinisekisiwe ko dwa esintekenteke”. Uyakubonisa ukuthi  ngesikhathi uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uvikela inkululeko futhi sesisungule isiko labezi ndaba abaphenyayo, izithiyo eziningi zisalokhu ziphazamisa izintatheli ekwenzeni imisebenzi yazo. Lokhu kubandakanya izijeziso zomthetho ngokuthwebula izithombe zeZinto Ezibalulekile Zikazwelonke noma ukubika ngezindaba ezibandakanya ezokuvike lwa kombuso. Umbiko uphinde ubonise ukunyuka kokusatshiswa kwezintatheli ngonyaka wezi-2020, ikakhulukazi izintatheli zabesifazane e zinkundleni zokuxhumana. Lokhu kusatshiswa  akwamukelekile neze, kodwa kuyalimaza uma kuqondiswe ngqo ezintathelini zabesifazane futhi kujwayele ukuthi kuhambisane nokusatshiswa kodlame lwezocansi. Lolu udaba olukhathaza kakhulu futhi ngeke lwamukelwe.Ngaleso sikhathi, siyaduduzeka ngokwazi ukuthi si nabezindaba abakhululekile, nabanamandla abakwazi ukubika ngaphandle kokusaba ukwenzelelwa ngalabo abasemandleni, ngezi ndaba ezibucayi kakhulu zo mphakathi zesikhathi sethu, nokuhlinzeka umphakathi ngolwazi oluyilo, nolunga thathi hlangothi.Ngesikhathi lapho si sebenza ngokubambisana ukwakha kabusha umnotho wethu kanye nomphakathi wakithi phakathi kobhu bhane lwegciwane lecorona , imithombo yabezindaba e namandla ibaluleke kakhulu kunakuqala. Abezindaba baseNingi zimu Afrika badlale indima ebaluleke kakhulu ekuvundululeni ulwazi esilwaziyo namuhla mayelana neqiniso lokugwamandwa kombuso ngabantu abangogombelakwesabo, abantu aba khohlakele kanye namabhi zinisi.Babambelele ekubikeni kwabo izindaba ngisho sebebhekene nokusa tshiswa, ulwazi olungelona iqiniso kanye nokuhlaselwa kwabantu babo.Inkohlakalo iyona nselele esibhekene nayo njengezwe. Izimpilo zansuku zonke zabantu abaningi base Ningizimu Afrika zisalokhu zikhahlanyezwa ububha, ukungalingani kanye noku ngathuthukiswa, uku ngalethwa kwezidingo zo mphakathi kanye nokuswela ukufinyelela emathubeni. Uma abezindaba bezoma eqinisweni lesibopho sabo sokusekela intando yeningi labantu, izintatheli zakithi kumele ziqhubeke nokubika ngaphandle kokusaba noma ukwenzelela ngezinye izi ndaba zosuku. Ukubika kwabo kumele kubandakanye udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, ubugebengu emiphakathini yakithi kanye nezinkinga zenhlalo ezifana nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Abezindaba kumele ba hlinzeke ngolwazi oluyilo, olungathathi hlangothi, okuzokwenza ukuthi u mphakathi ukwazi uku thatha izinqumo eziyizo, ufinyelele emathubeni futhi uthuthukise izimpilo zawo. Kumele baqhubeke  nokukhiqiza ubuntatheli obungale kwezihloko namakhasi okuqala futhi o bunegalelo ekuthuthukiseni uluntu. Kumele babike izindaba ezimnandi nezimbi, inqubekela-phambili esiyenzayo kanye nezinselele esibhekana nazo.Ukwethembeka kubaluleke kakhulu ekugcineni ukuthembana phakathi kwezi ntatheli nomphakathi. Uma izintatheli zivuma ukuthi zona noma izizindakusebenza zazo zisetshe nziselwe izimpi zepolitiki noma ukuziphindiselela e sikhundleni sokwenza lokhu okufanele, ukwethembeka kwazo kuyathunazeka. Uma abezindaba besabalalisa izindaba ezingelona iqiniso noma lezo abaziyo ukuthi zingamampunge, umphakathi ulahla ithemba kubona.Kukuyena wonke umuntu othanda leli lizwe futhi ofisa ukuthi liphumelele ukuthi abezindaba bakithi baya sekelwa, futhi bangaphaza nyiswa emsebenzini wabo. Njengomphakathi, masiqhubeke nokusebenza ngokubambisana ukuze sivikele ngokungafuni lutho ngenkululeko yabezindaba bezwe lethu. Sayizuza kanzima futhi ngaphandle kwayo, ngeke sikwazi ukuba nethemba lokuchuma.