Sibonga abahlengikazi bethu

Allison Cooper

Abahlengikazi bezwe  lakithi, ngokunjalo na banye abasebenzi be zokwelapha, baye babeka izimpi lo zabo engcupheni ukuze basize abanye abantu ngalesi sikhathi sobhubhane lweSifo segciwane le-Corona  (i-COVID-19).
Usuku Lomhlaba Lwabahlengi kazi, oluzoba mhla ziyi-12 ku Nhlaba, luyithuba elihle kakhulu lokuthi sibungaze abahlengikazi ngokusebenza ngokuzikhandla ukusiza abanye abantu bakithi.
Umhlengikazi oqeqeshiwe uLuyanda Ganuganu (oneminya ka engama-25), osebenzela Esi bhedlela i-Groote Schuur esi seNtshonalanga Kapa, uthi lolu suku luzoba yithuba labahlengi -kazi lokuthi baqhubekele pha mbili nokuba yisibani emkha kheni womsebenzi wabo.
“Kuphinde futhi kube yithuba lokuthi abahlengikazi bakhu njulwe, kodwa kumele futhi siqhu beke nokuhlinzeka ukunakekela  okusezingeni eliyilo, ikakhu lukazi ngalesi sikhathi sobhu bhane,” kusho yena.
UGanuganu ubengomunye  wabasebenzi bezempilo abebese benza phambili ngalesi sikhathi sehlandla lokuqala kanye nele sibili lobhubhane, esebenzela  esibhedlela ewodini leCOVID-19 lokunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu.
“Ingxenye ehamba phambili yengakuthola kwaba yisipiliyoni ngesikhathi ngisebenza ngezi guli, kodwa ingxenye yobuhlu ngu kwakuyikho nje ukusho na kwabantu okwakwenzeka  ewodini leziguli. Ngokwemizwa, lokho kwakungelula neze uku kwamukela.”UGanuganu, osebe ngumhlengi kazi oqeqeshiwe iminyaka emibi li eyedlule, wakhetha lomkhakha womsebenzi ngoba wayeno thando lokusiza abantu.
“Ngakhulela endaweni ese makhaya eMpumalanga Kapa futhi ngangibona ukuthi abantu bakhahlamezeke kangakanani ngenxa yokwesweleka kwemitho lampilo enabahlengikazi aba nakekelayo. Lokhu kwenza uku thi kukhule intshisekelo yami yokuthi ngifune ukwenza ume hluko,” kusho yena.
Ngesikhathi salolu bhubhane uGanuganu kudingeke ukuthi afunde ukusebenza ngaphansi kwengcindezi.
“Izinqumo kufanele zitha thwe ngokushesha futhi kume le ucabange ngaphandle koku thatha isikhathi eside. Ngaphinde ngafunda ukuthi kuxhunyanwa kanjani neziguli,” engeza.
UGanuganu wakuthola ku nzima kakhulu ukuthi aye  emsebenzini ngesikhathi sehla ndla lesibili. Ngesikhathi efuna ukusiza abanye abantu, ko dwa wayewusabela  kakhulu  no mndeni wakhe.
“Ngashada ngoZibandlela  kowe zi-2020 futhi unkosikazi wami ukhulelwe. Sengibone abaningi abantu besifazane abakhulelwe beshona ewodini leCOVID-19.  Kwakudingeka ukuthi ngiqa phele kakhulu ngoba ngangi ngafuni ukubeka impilo kankosi kazi wami engozini,” kusho yena.
UGanuganu uyababonga kakhu lu abaphathi bakhe kanye nalabo asebenza nabo.
“Ngifuna ukubabonga ngokunge sekela kwabo kanye nokunginika ithuba lokuthi ngikhule ngapha nsi kwesandl a sabo njengo mhlengikazi.
Kuyinto enhle kakhulu ukusebenza nabantu abamese kayo umsebenzi osemusha kulowo mkhakha womsebenzi.”Umyalezo wakhe emphakathini uthi umphakathi kumele usize abahlengikazi ngokuzibophezela ekwenzeni okufanele.  “Sisize ukuze nawe sizokusiza.
Wonke umuntu uyazi ukuthi yini okulindeleke ukuthi ayenze ngalesi sikhathi seCOVID-19 .  Niyacelwa ukuthi niqhu beke nokulandela imihlahla ndlela kanye nemithethomgomo ebekiwe,” kusho uGanuganu.  
Umhlengikazi oqeqeshiwe uLuyanda Ganuganu ubelokhu ephambili empini yokulwisana neCOVID-19  Esibhedlela i-Groote Schuur.


