Umphakathi wezenkolo ubaluleke kakhulu ekulweni  neCOVID-19

vukuzenzele unnamed

Kamuva nje abantu  baseNingizimu Afrika abakholwayo  bahlanganyele na banye emhlabeni jikelele  ukubungaza ezenko lo ezibalulekile. Amalu ngu enkolo yamaJuda abungaze i -Pesach , Abenkolo yamaKhrestu babungaze  iPhasika futhi aMasulumane maduze nje azobungaza i nyanga engcwele yeRamadan .
 Unyaka wesibili manje, le micimbi yenzeke phakathi kobhubhane lomhlaba oseluthathe izimpilo zabantu abangaphezu kwezigidi ezi2.5 emhlabeni jikelele.
 Izinhlangano zenkolo zilokhu zibalulekile ekubhekaneni kukazwelonke  nesifo, hhayi nje ngokusiza ngokududuza ngokomoya neziyalo kuphela, kodwa futhi ngokunakekela labo abakhahlanyezwe kakhulu imiphumela yobhubhane, okubandakanya ukuhlinzeka ngokudla, indawo yo kulala kanye nezinye izinsiza zenhlalo.
Inkolo idlala indima ebalu lekile ezimpilweni zezigidi zabantu baseNingizimu Afri ka, ukukhonza kwebandla kuyingxenye ebalulekile yenkolo yabo.
 Ukuhlanganyela ukuzokhonza kungukuphumula okwamukelekile esikhathini esinzima kangaka kubantu ngabanye, imindeni kanye nemiphakathi.
Kuyaqondakala ukuthi emva kwesikhathi esingaphezu konyaka sokusebenza ngaphansi kwemikhawulo yemibuthano yezenkolo umphakathi wezenkolo ulangazelela ukubuyela esi meni esijwayelekile.
 Ekuboneni ukubaluleka kokukhonza kwebandla ezimpilweni zabantu, uhu lumeni ubelokhu exoxisana nomphakathi wenkolo.
Abaholi bezenkolo bayaqonda futhi bayayibona ingozi yangempela yehlandla elisha lokusuleleka ngeCOVID-19 . Selokhu kwaqubuka ubhubhane, izinhlangano zokholo zithathe izinyathelo ezinhle kakhulu zokunciphi sa ukubhebhetheka kwesifo phakathi kwabakhonzayo.
Okunye okubalulekile ukuthi ngesikhathi sezigaba zokuqaphela ezehlukene, izinhlangano zenkolo zibhekane nokulahlekelwa ngokwezimali okubeke engcupheni ukusimama kwabo. sizinikele ekusebe nzeni nomphakathi wokholo ukuthola izisombululo ezise benzayo.
Ngaso leso sikhathi, impilo yomphakathi kanye noku phepha kumele sikucabangele phambili.
Umphakathi wokholo usubonise ukuqhamuka namasu amasha nezindlela ezintsha zokukhonza esikhathini  lapho kwakukhona ukunga baza ngalolu sizi lobhubhane.
Izinkonzo bezibanjwa ngobuchwepheshe beinthanethi futhi amakholwa agqugquzelwa ukuthanda zela emakhaya abo kuno kuya ezinkonzweni. Lokhu kusize kakhulu emzamweni kazwelonke wokunqanda ukubhebhetheka kwesifo.
Abaholi benkolo badlale indima ebaluleke kakhulu ekugqugquzeleni umpha kathi ukuthi uthobele izinya thelo zezempilo emicimbini yesintu namasiko efana ne mingcwabo.
Ngokulinganayo, abantu bakithi babonise ukuzi nikela kwabo ekuthobe -leni imithetho yezempilo no kuqhelelana. Futhi bayabona ukuthi kumele baqhubeke nokugwema imibuthano emikhulu.
Sisesikhathini lapho  ukuqaphelisisa kudingeka kakhulu kunakho konke.
Ubhubhane lwegciwane leCorona  alukapheli, kungaba ezweni lethu noma emhlabeni jikelele. Ubungozi behlandla lesithathu obangempela futhi bulokhu bukhona.
Esikubone emhlabeni kusi fundise ukuthi akumele sili nge ikusasa. Amazwe amaningi asexegise imikhawulo, kanti kuzoba nokunye ukuqubuka kwegciwane, okwadinga  okunye ukubekwa  kwe mikhawulo eqinile.  Imibuthano emikhulu,  inga ba eyenkolo noma eminye, inakho ukubhebhethekisa  igciwane, yize kukhona izinyathelo zokuqhelelana nokusebenzisa isibulalimagciwane.
Izigidi zabantu baseNingi -zimu Afrika bezilokhu zihlo nipha ukholo lwazo. Ezweni eliqhakambisa ilungelo lenkululeko yenkolo, wonke umzamo kumele wenziwe ukweseka abantu bakithi ukusebenzisa leli lungelo.
Futhi uma sekusetshenziswa leli lungelo, kudingeka siqi niseke ukuthi asibeki amalungelo noma izimpilo zabanye engcupheni.
Lesi yisimiso abaholi be zenkolo engihlangene nabo abaseseka ngokugcwele futhi abasibongayo. Bayasiqonda isibopho sabo bonke abantu abakholwayo – impela sabo bonke abantu baseNingizimu Afrika – ukulandela izinya thelo ezibekiwe zokuvikela impilo yabantu nokusindisa izimpilo.
Ngaphezu konyaka, sesi sebenze ngokubambisana njengomphakathi ukunqa nda lolu bhubhane. Manje  njengoba sisebenzela uku linqoba, sidinga ukuphinde siqinise ukuzimisela kwethu sonke ukuthi siziphathe ngendlela eqotho neno kuqaphela.
Uma senza njalo, siyobe si fezekisa imiyalezo yomhlaba yethemba, insindiso, inkulu leko kanye nobunye ezobe ikhulunywa emasontweni, kumasinagoge, emamosque kanye nasemakhaya asendaweni yakithi ezinsukwini nasemavikini azayo. 

