Siza ukusindisa izimpilo

Allison Cooper

Inhlangano ezimele iSunflower Fund  ime ma bonke abantu base Ningizimu Afrika ukuthi baqinise ukwehlukana kwabo ngokobuhlanga esizindeni sokugcinwa kwegazi elinikelwayo  ukuze kusindiswe izimpilo zezingane.
Ngokuka-Palesa Mokome le, oyinhloko yeSunflower Fund  yezokumaketha kanye nezokuxhumana, uthi izinku lungwane zeziguli zihlonzwa njengezinezifo ezihlobene negazi minyaka yonke.
Esikhathini saphambili ni, lokhu kuhlonzwa kwa kuvame ukuholela ekufeni.
Kodwa esikhathini sana muhla, ukushintshwa  kwamangqamuzana egazi kungaba yindlela yokwe lapha esebenza ngempu melelo ekusindiseni izimpilo ngokushintsha lawo ma ngqamuzana egazi omuntu angasekho esimweni sempilo esiyiso ngalawo asenempilo.
Okubuhlungu, ukuthi aba ningi balabo abangazuza kule nqubo abatholi ukwelashwa abakudingayo ngoba ukutho la onikela ngesicubu sohlobo lwakho kunzima.
“Iziguli zohlanga zisengcu pheni enkulu ngenxa yabantu abancane ababhalisile aba nikela ngamangqamuzana egazi kwabamnyama, ama khaladi kanye namaNdiya,” kusho uMokomele.
Ithuba lesibili lempiloImpilo ka-Zyaan Makda (one minyaka eyi-19) yaguquka yabheka phansi mhla ehlo nzwa njengonesifo segazi esibizwa ngeheterozygote haemoglobinopathy , okuyi sifo esibeka engcupheni impilo futhi okuyisifo se gazi esingalapheki, ngonyaka wezi-2007.
Ithuba elihle lokusinda lalincike ekunikelelweni ngamangqamuzana egazi, kodwa umuntu onamangqa -muzana egazi afana nawakhe akatholakalanga. Ngenxa yalokho, kwafanele afakelwe igazi njalo emva kwamaviki amabili.
“Imithambo yegazi  ezandleni zami yaqhuma futhi kwamele ukuthi ngi fakwe ipayipi esifubeni sami.
Ngaphinde futhi ngabhe kana nokukhathala njalo, ngakhishwa inyongo kanye namatshe enyongo futhi ngakhahlanyezwa ukunga sebenzi kahle kwegilo.
Ngangihlala ngiphutha esiko -leni ngezizathu zokwelashwa futhi ngangingakwazi noku ba yingxenye yezemidlalo.
Ukuchitha isikhathi esini ngi esibhedlela kwabanzima kakhulu,” kusho yena.
Isimo sika-Makda saphinde sadala ukulahlekelwa uku khumbula izinto kanye nokudlikiza futhi kwamele ukuthi ahlale ekhaya iminya ka emithathu engayi esiko leni. Nakuba zikhona lezi zinselele, kodwa waqhubeka nokuhlalela ethembeni. Eku gcineni u-Makda wamtho la umuntu ozomnikelela, kodwa indlela yakhe eya empilweni yabe isekude ukuphela. Kwakumele uku thi ahlinzwe ekhanda ukuze kususwe isibazi ebuchosheni bakhe.
“Sengineminyaka emitha thu manje ngafakelwa ka busha izicubu futhi ngiphila impilo engangingacabangi ingaphileka, ngiyabonga kulowo waseJalimani owa tshengisa isenzo sobuntu kanye nomusa ngokungini kelela.” Yiba yithemba lo munye umuntuU-Naledi Senamela (one -minyaka eyi-14) wahlonzwa kwatholakala ukuthi uneleukaemia  (okuyisifo somdla vuza wegazi) ngoNhlaba kowezi-2020. Wengeza inani leziguli eziningi ezidinga ozonikela ngezitho ezihambi sana nezazo.
“Emva kokuhlonzwa  kwami, angisakwazi uku thola imiphumela egculisayo esikoleni. Angisakwazi ukuba yingxenye yezemi dlalo noma ngenze izinto e ngangizijabulela phambili ni,” kusho uSenamela, one phupho lokuba ngudokotela.
Labo abafisa ukunikela abaneminyaka ephakathi kweyi-18 kanye nengama-55 bangasiza uSenamela kanye nabanye abaningi abadinga ukunikelelwa ngokuthi ba bhalise kwiwebhusayithi yeSunflower Fund .
Udinga nje kuphela ukwe nza uhlolo ngokotini osaboya i-cotton swap  kanye nemizu zwana nje yesikhathi sakho.
Faka isicelo sokuthola ukotini osaboya wokuhlola kwaSunflower Fund  ngokuvakashela kule webhusayithi ethi:  www.sunflowerfund.org noma ushaye ucingo kule nombolo ethi: 0800 12 10 82. 

 