Abaholi bendabuko bangukhiye emizamweni yokululama

Vukuzenzele Unnamed

Ezinyangeni ezimba lwa ezedlule, sava lelisa kabuhlungu kumakhosi endabuko ama bili ahlonishwa kakhulu ezweni lakithi.
Isizwe samaZulu siqeda ukutshala iNkosi u-Goodwill Zwelithini ka Bhekuzulu ose buse iminyaka engamashumi amahlanu. NgoMasingana, isizwe sabaPedi satshala u-Kgoshikgolo Thulare Thu lare III, owakhothama emva kwesikhathi esingaphansi konyaka egcotshiwe.
Ngokukhothama kwabo, silahlekelwe ngamaqhawe okulondolozwa kwesiko lethu, kanye nabagcini bo mlando abahlonishwayo kubantu babo.
Ngaso leso sikhathi, bebe dlala indima ebalulekile eku thuthukisweni kwezindawo ezisemakhaya, futhi bezini kele ekuqhubeni izinhlelo zo kuphakamisa izimo zempilo yabantu babo.
Ngokufika kwentando ye ningi labantu ngowe-1994, kwakuseqhulwini kuhulu meni omusha ukugcinwa kobuqotho nokuba semthe thweni kobuholi bendabuko ngokuhambisana nomthetho womdabu kanye namasiko ngokoMthethosisekelo We zwe.
Isikhungo sobuholi benda buko siyaqhubeka nokudlala indima ebalulekile ezimpi lweni zezigidi zabantu kulo lonke izwe lakithi, ikakhu lukazi ezindaweni zasema khaya. Abaholi bendabuko besekela futhi baqhuba intu thuko emiphakathini yabo.
Muva-nje, ngibe nethuba lokuba nenkulumo-mpiki swano ngokuvulwa kwe Ndlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko, eyayimayelana nezinkinga ezibhekene ne zwe njengamanje.
Okwangihlaba umxhwele kakhulu ngale ngxoxo kwaba ngukuthi ubuholi bendabuko buyaziqonda izimo ezinzima zomnotho ezibhekene nezwe lakithi, futhi bufuna ukuba yingxenye yokubhekana nezinselele eziningi zokunga thuthukiswa kanye nobubha ezindaweni zabo.
Ngilokhu ngisho ukuthi uku vuseleleka komnotho wethu emva kobhubhane lwegci wane leCorona  kumele ku bandakanye wonke umuntu, futhi kungabikhona muntu oshiyeka emuva.
Impumelelo yoHlelo Lokwa khiwa Kabusha Nokuvusele lwa Komnotho ihleli ekuba mbisaneni okunamandla hhayi nje phakathi kuka hulumeni, amabhizinisi na basebenzi kuphela, kodwa nobuholi bendabuko kanye nezinye izinhlangano zo mphakathi.
Okwakulokhu kuphawu leka kwababebambe iqhaza kwinkulumo-mpikiswano muva-nje kwakungukuthi abafuni ukuthembela ekuphi weni noma imiphakathi yabo ihlale ibheke usizo lwezimali kuhulumeni.
Bafuna ukuhlinzekwa ngokwesekwa okufanele, ukuqeqeshwa kanye nesi mondawo esivumela imipha kathi yasemakhaya ukuthi izimele.
Bafuna ukuvala ukwahluka na kwedolobha – namakhaya ekufinyeleleni kwezinsiza zikahulumeni kanye nezinsi za zomkhakha ozimele.
Abafuna ukukubona ukuthi izindawo zasemakhaya zibe izikhungo zemisebenzi yo mnotho, amathuba ezimboni kanye nokuqashwa. Lokhu kubonisa izifiso zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwesi funda (i-DDM), olwethulwa ngowezi-2019.
Abaholi bendabuko basesi meni esihle kakhulu ukuqini sekisa ukuthi izinhlelo zesi funda ziphendula izidingo zangempela zemiphakathi futhi zibonisa impilo eyiyona ezindaweni zasemakhaya.
Njengoba i-DDM yesekela izinhlelo zendawo ezigxile kwizidingo, amandla kanye namathuba ezindaweni ezithile, abaholi bendabuko sebeqalise indlela yabo yo kubhekana nokuthuthuka komnotho wasekhaya.
Sebesungule uHlelo lweInvestRural , olwethulwa e Nyakatho Ntshonalanga nge nyanga edlule. Kuyakhutha za kakhulu ukuthi abaholi bendabuko bahlanganyele ngalolu hlelo futhi bafuna ukusebenzisana neziphathi mandla zasendaweni ukuqi nisekisa ukuthi luyimpu melelo.
Ngesikhathi senkulumompikiswano eNdlini Ye sizwe Yabaholi Bendabuko kwaphakamiswa ukuthi okuzokwenza ukuthi uhlelo lweInvestRural luphumelele ukuthi izinhlaka zendabuko ziqeqeshwe, zinikwe ama ndla futhi zicijwe ngama khono.
Ababambiqhaza abaningi bachaza ngezinhlelo zomno tho esezisemazingeni athe thuthu okuthuthukiswa.
Kusuka kwimisebenzi ye zolimo kuya ekwakhiweni kwemikhiqizo ethile kuya kwezamandla avuselelekayo.
Okwakucace bha ukuthi isikhungo sabaholi benda buko siyaqonda ukuthi ukuqeqesheka emsebenzini kuyadingeka emabhizinisini asemakhaya amancane, apha kathi kanye nezinkampani ezincane nemifelandawonye ukuthi babe yingxenye yo mnotho ohlanganisile.
Abaholi bendabuko abakhu luma bethula imibono yabo ‘yokuthuthukiswa kwa makhosi’, abazibona hhayi njengabagcini bamagugu nje kuphela kodwa nanje ngabaqhubi bokuchuma ne nqubekela-phambili kwe zomnotho. Sebethole Imise benzi eminingi namathuba omnotho azosungula imi sebenzi futhi athuthukise izindlela zokuziphilisa ezi ndaweni zasemakhaya.Abaholi bendabuko baphi nde bazwakalisa isifiso sabo sokudlala indima ebonakalayo kwinqubo yezinguquko zomhlaba. Ku sukela ngowezi-2018, abaholi bendabuko banikezela nge ndawo engamahektha ayizi-1 500 00 ukuthi ithuthukiswe, kunethemba lokuthi lokhu kuzokwanda ngokuzayo.
Ukusungula iqhingasu eli hleliwe nelisimeme, sivumile ukubamba iNgqungquthela kaMongameli Yezomhlaba ngonyaka ozayo. Kuzoxoxwa ngezinkinga ezikhona nge zinguquko zomhlaba kanye nomthelela wazo emhlabeni ohlala abantu, omningi wawo usezindaweni zasemakhaya.
Umuzwa wenkulumo-mpi kiswano eNdlini Yesizwe wabonisa ukuthi ukuvu selelwa komnotho kuhamba phambili emicabangweni yethu. Ngasikhathi sinye kwakuluphawu oluthembi sayo ukuthi abaholi benda buko bayayithokozela indi ma yabo yokuba ingxenye yomzamo kazwelonke wo kuvuseleleka ngokuqalisa imisebenzi nokuqhamuka namaqhinga amasha.
Ifa elihle kakhulu labaholi abakhulu elokuthi imbewu yentuthuko abayitshalayo ngesikhathi sokubusa kwabo ikhule ibe yizihlahla ezinkulu ezivikela futhi ezikhoselisa imiphakathi yabo ngezizu kulwane ngezizukulwane.
Njengoba sisebenza ngo kubambisana njengezwe ukwakha kabusha umnotho wethu, sizoqhubeka noku thembela ekwesekweni yisi khungo sabaholi bendabuko, esiyingxenye emangazayo yemuva lethu, imanje lethu kanye nekusasa lethu. 

