Imisebenzi kahulumeni eqeqeshekile

Vukuzenzele Unnamed

Ngesikhathi ngiqo kelwa esikhundle ni sokuba uMonga meli waseNingizimu Afrika,  ngathi ukwakha umbuso osebenza kahle, okhonayo nonomthetho ongenayo inkohlakalo kwakungenye yezinto eziseqhulwini.
Umbuso okhonayo, ose benza kahle, onomthetho noqhakambisa intuthuko kuphela ongakwazi ukufeza izibophezelo zokuthuthukisa izimpilo zabantu baleli lizwe.
Lokhu kusho ukuthi imi sebenzi kahulumeni kumele iqashe amadoda nabesifazane abawufundele umsebenzi, abanamakhono, abangaca bangeli bona bodwa futhi abaneqiniso.
Kumele bazinikele ukupha kamisa amagugu oMthethosi sekelo, futhi kumele, njengo ba ngangishilo enkulumweni yami yokugcotshwa, “base benzele umphakathi ngoku thembeka kuphela”.
Emavikini amabili edlule, izingxoxo nomphakathi bezi qhubeka mayelana nomthe tho obalulekile ozonikeza  umfutho omkhulu emizamwe ni yethu yokuqinisa, ukunike za amandla kanye nokunike za amakhono ezomsebenzi kahulumeni.
Umthetho osadingidwa woHlaka Lokuqaliswa Ko kusebenza Lukazwelonke Ekuqeqeshekeni Emisebe nzini Yomphakathi uhlose ukwakha umbuso osebenze la kangcono abantu bakithi, ongenakho ukungenelela kwezepolitiki futhi lapho imisebenzi inikezwa ngoku faneleka.
Uhlaka lwagunyazwa yi Khabhinethi ngoLwezi ngo nyaka owedlule futhi izi ngxoxo ezihlelekile nemikha kha yomphakathi eyehluka hlukene ziyaqhubeka njenga manje.
Iminyaka engamashumi amabili nesikhombisa yenta ndo yeningi, singasho ukuthi uma sikhuluma ngemisebenzi kahulumeni noma kukhona okuningi okuhamba kahle kakhulu, sisasenazo izinselele eminyangweni eminingi kahulumeni uma kuziwa kumakhono, ukwenza kahle umsebenzi kanye nokuqeqe sheka emsebenzini.
Isikhathi esiningi, abantu bebeqashwa futhi benyu selwa ezikhundleni eziphe zulu ezingabafanele noma abangaziqeqeshelwe. Lokhu kuthunaza ukusebenza kuka hulumeni, kodwa futhi kuvu na ukunikezana umsebenzi ngobuhlobo, ukugamanxa kwepolitiki kumsebenzi weminyango, ukungaphe nduli, ukungaphathi kahle kanye nenkohlakalo.
Kunenye futhi inkinga ehambisana nalokhu yepo litiki kanye nokugamanxa kwabaphathi ekuphathweni kwemisebenzi kahulumeni. Umuntu kumele abheke ku phela ukungazinzi kweminya ngo kahulumeni uma abapha thi abakhulu beshintshwa noma bekhishwa njalo nje uma kubekwa uNgqongqo she omusha.
Abaqondisi-Jikelele naba phathi beminyango ezifu ndazweni bathinteka ka khulu. Kweminye iminyango, ama-DG, ama-HoD kanye nabaphathi abakhulu babe nozinzo esikhathini, lokho okwenze iminyango yakwazi ukusebenza ngokuphazami seka okuncane. Kweminingi yale minyango lapho kukhona uzinzo kubaholi, imiphumela yocwaningo lwamabhuku ivame ukuba mihle futhi nezimali zikahulumeni kuya phenduleka ngazo. Lapho kukhona uguquko olukhulu kubaphathi bomnyango, ku vamise ukuthi kube khona isiphithiphithi ekuphatheni.
Esinye sezincomo ezibalu lekile ezenziwe kumthetho osadingidwa wohlaka ukuthi imisebenzi kahulumeni kumele abezepolitiki banga gamanxi kuyona nokuthi iminyango kahulumeni ku mele ivaleleke kwezepolitiki.
Ukuqeqesheka emsebenzi ni kuyadingeka ukuze ku zoba nozinzo emisebenzi ni kahulumeni, ikakhuluka zi ezikhundleni eziphezulu.
Abasebenzi bakahulumeni kumele bakwazi ukuqhu beka benze umsebenzi wabo “noma ngabe kunaluphi na ushintsho loNgqongqoshe, Amalungu oMkhandlu We ziphathimandla noma Ama khansela aseqenjini elibusayo eliphethe ukuphathwa, noma izinguquko zamaqembu epo litiki emva kokhetho”.
Siphakamisa izinguquko ezifinyelela kude ezimbalwa, ezifana nokwelula isikhathi saBaphathi Beminyango ngokubheka ukufaneleka kanye nokusebenza kahle, ngokwenza ukuhlolwa oku hambisana nomsebenzi no kubandakanya iKhomishana Yemisebenzi Kahulumeni kwinhlolokhono yaBaqondi si-Jikelele kanye namaPhini aBaqondisi-Jikelele.
Ukwethulwa kokuhlolwa ubuqotho kubo bonke abakhe thiwe kuzosiza ukuthi siqa she abasebenzi bakahulumeni abazosebenza ngeqiniso.
Sidinga futhi ukwelula ukuvivinywa kokuqashwa esakwethula ngoMbasa kowezi-2020 ezikhundleni ezingaphezu kwezabaphathi abakhulu. Imibuso ephumele layo nethuthukayo inezinya thelo ezifanayo ezisiza ngo kuqeqesheka okusezingeni emsebenzini kahulumeni.
Njengoba saphawula ohla keni lomthetho osadingidwa, “isakhiwo esizigabagaba ku mele siqhubeke nokusebenza ngokuthembeka nangoku khuthala ngalokhu oku gunyazwe ngabavoti kanye neqembu, kodwa bayeke ukuthi balingise osopolitiki ngokwabo.” Siphakamisa indlela enzima kakhulu ekuqashweni nase kukhethweni kwabasebenzi bakahulumeni, ukufundiswa ngomsebenzi omusha kanye nokulawulwa ngokusebenza.
Lokhu kubandakanya uku funda okuqhubekayo kanye nendlela ecacile yokuthuthu kiswa ngokomsebenzi kwabo bonke abasebenzi bakahulu meni.UHlaka lomthetho osadi ngidwa lugcizelela isidingo sabasebenzi bakahulumeni ukuthi baziphendulele uma ungenziwe kahle umsebenzi, nokuqeda nya ukungajeziswa kokungaphathi kahle kanye nokuxhashazwa kwezinsiza zombuso.
Ukuqeqesheka emsebenzini kahulumeni kubandakanya ukuqeqeshwa kwabasebenzi kuzo zonke izinhlaka zika hulumeni ngokuhlinzeka imithetho efanele.
Isikole Sikahulumeni Ku zwelonke sinendima ebalu leke kakhulu kulokhu.
Ukuqeqesheka akusikho nje ukuba neziqu ezifanele namakhono omsebenzi ku phela, kodwa futhi kumaye lana nokuba nenhlonipho, ukuzehlisa kanye nobuqotho uma usebenza ngabantu bomphakathi.
Umsebenzi kahulumeni uhlukahlukene, unohlu olukhulu lwamakhono, iziqu kanye namakhono omse benzi. Abasebenzi abaningi bakahulumeni banamakho no akhethekile adingeka ekuhlinzekweni kwezinsiza ngempumelelo. Ngakho-ke akusikho ukuthi sidinga abasebenzi bakahulumeni abambalwa: esikudingayo ngempela abasebenzi baka hulumeni abafanelekile ngumsebenzi abanamakhono afanelekile, ukuziphatha ngo mthetho kanye nokuzinikela ekusebenzeleni abantu.
Amadoda nabesifazane abasebenzela uhulumeni ku mele bacijwe ukuze bezodlala indima yabo ekuthuthukiseni nasekuqiniseni intando ye ningi. Lokhu kuyisiqinisekiso sethu sombuso okhonayo osebenzela izidingo zezakha muzi.
Ngiyanicela ukuba nibe yingxenye yezingxoxo zomphakathi mayelana nalolu hlaka lomthetho osadingidwa, olutholakala kwiwebhusayithi yeSikole Sikahulumeni Kuzwelonke, futhi wenze izwi lakho li zwakale.
Imisebenzi kahulumeni akuyona eyeqembu elilodwa, futhi akumele kuqashwe iqembu elithile. Akumele ibe umthetho yona uqobo.
Imisebenzi kahulumeni eyawo wonke umuntu wa seNingizimu Afrika. Kumele isebenzele bona futhi bona kuphela.  