Ukubhekana nokushonelwa ngothandiweyo

Vukuzenzele unnamed

Baningi kakhulu abantu abashone lwe ngababatha ndayo ngenxa yobhubha ne lwegciwane le-Corona futhi lokhu kushona kwabantu kungenzeka esi khathini esiningi kunga kholakali.
“Aninodwa kulokho,” kusho ungcweti we-zokusebenza kwengqondo emphakathini uZanele Ludziya waseSibhedlela  i-Stikland esiseNtshonalanga Kapa.Ukushonelwa ngomthandayo akukaze kwaba yinto elula futhi kungavusa imiz-wa ehlukahlukene.“Ziningi izimpawu ongazibheka nje uma othandi-weyo ezilile, kodwa futhi nokungabonisi zinkomba kakuchazi ukuthi umuntu akazilile.“Abantu bengatshengisa izimpawu zokuthukuthela, ukucasuka, ukudabukisa noma ukungabi nandaba. Indlela yokusebenza  komqondo yabo nayo ingaphazamiseka, njengoba umqondo wabo kungenzeka ukuthi usaphuphuma imicabango kanye nenkumbulo yalowo oshonile. Bangaphinde futhi babe nenkinga yokungakwazi ukugxila kulokho abakwenzayo noma babukeke njengabadidekile,” kusho u-Ludziya.U-Ludziya weluleka abantu ukuthi bakuqaphele ukushintsha kwendlela yokuziphatha, njengokuhlala sengathi ungakhala noma ukwenyusa izinga lokuphuza utshwala kanye nokusebenzisa izidakami-zwa. “Bangazithola bebhema ngokwedlulele ukunalokho abakujwayele, bangahoxa noma bazivalele ngabodwana noma baqoke ukugwema ezinye izindawo kanye nokuhlangana nabanye abantu. Bangafuna ukuthula nje noma benyuse izinga lomsindo. Bangaphinde futhi babe nolaka ngokwedlulele noma basheshe ukucasuka,” kusho yena.Uma weseka othandi-weyo, u-Ludziya uthi kuyasiza ukuthi uqonde indlela yokuzila kanye nokuthi wazi ukuthi omu-nye nomunye ubhekana nakho ngendlela engafani. Uyachaza ukuthi ukuzila akusona isimo nje, kodwa inqubo, futhi abantu bajwayele ukudlula ezigabeni zokuzila.Izigaba ezijwayelekile zokuzilaIzigaba zokuzila ezijwayelekile kungaba ukungavumi ukuthi ulahlekelwe noma ukuzivalela ngawedwana (uma ubheka-na nokuba ndikindiki noma ukushaqeka); ukuthukuthe-la (ukuthukuthelela abanye abantu bengenzanga lutho okubi); ukuzibuza-uziphendule (uma ubhekana nemi-zwa yokudliwa unembeza ngezinto ongazenzanga noma ongazishongo); uku-khathazeka (ukudabukisa okuza nokuthi ucabange ukuthi impilo izoqhubeka ngaphandle kothandiweyo); kanye nokwamukela (ukuthola indlela yoku-phila impilo ngokuphele-leyo ngaphandle komuntu othile).“Indlela eyodwa yokubhe-kana noma yokutshengisa ukweseka ukuqonda isigaba sokuzila okusona noma leso esibhekene nothandiweyo. Lokho kuzoqinisa idolo lowo ozilile ukuthi lokhu abhekene nakho kuyinto ejwayelekile. Phatha lowo muntu noma ziphathe ngobumnene, ngesineke futhi nangokuqondi-sisa, ngokuthi ukubeke emqondweni ukuthi lokhu obhekene nakho kuzogcina ngokwedlula,” kusho u-Ludziya.
 

