Izinyathelo zokuvuselela kabusha umnotho 

Vukuzenzele unnamed

Akusasele sikha thi esingakanani kuphele unyaka selokhu kwabikwa isigameko sokuqala segciwane le-corona ezweni lakithi. Ubhubhane luze nomonakalo omkhulu kwezempilo yomphakathi kanye nendle la yokuziphilisa yezigidi zabantu bakithi.
Baningi abasebenzi aba lahlekelwe imalingeniso njengoba isikhathi sabo sokusebenza sancishiswa kanti iningi labo ladilizwa emsebenzini. Amabhizinisi amaningi alahlekelwa ka khulu ngenxa yokusebe nzela emuva. Kanti amanye kwadingeka ukuthi avalwe. Abantu abasebenza emikha kheni engahlelekile nabo bakhahlamezeka kakhulu. Kodwa okunzima kunakho konke nje, lolu bhubhane seluthathe izimpilo zabantu abondlayo emakhaya amaningi, lwabashiya benga bantulayo futhi baphila ngo kwesaba uma becabanga ngekusasa.Yingakho izinyathelo zosizo esazibeka zazibalulekile futhi zaziphuthuma kakhulu. Futhi, njengamanje njengoba cishe sekusele kancane nje ukuthi kuphele unyaka, singakusho kugcwale umlomo nje ukuthi lezi zinyathelo zibonise ukusebenza kahle kakhulu.Ohlelweni olugcwele lwezinyathelo zosizo lwesibonelelo olwethulwa, mhlawumbe izinyathelo ezimbili ezibe nomthelela omkhulu kube yisibonelelo esikhethekile sikahulumeni se-COVID-19 kanye neSibonelelo Sesikhashana se-CO VID-19 Sokusiza Abaqashi Nabasebenzi Sesikhwama Somshwalense Wabalahlekelwe Ngumsebenzi, ngoku jwayelekile esaziwa njenge-COVID TERS.Besingeke sikwazi uku khipha lezi zinyathelo kulesi sikhashana esifushane uma ngabe besingenayo ingqalasizinda yokuvikelela ko mphakathi ebanzi ebesivele ikhona.Kuze kube sikwazile ukubhekana nalesi sidingo esikhulu futhi esiphuthu mayo emphakathini waki thi sibonga ingqalasizinda  kazwelonke ekahle yeNhla ngano Yezimpesheni Nezibo nelelo Zikahulumeni eNingi zimu Afrika (i-SASSA) kanye Nesikhwama Somshwalense Wabalahlekelwe Ngumsebenzi (i-UIF).Noma bebukhona ubuxakaxaka kanye nezinye izi nkinga, kodwa iningi lazo lixazululwe ngokushesha. Lawa ma-ejensi kahulumeni enze umsebenzi oncomekayo ekubhaliseni izigidi zabantu abasha abazohlomula futhi aqinisekisa ukuthi bayakhokhelwa.Ukwesekela okuhlinze kwe yi-UIF kube yiyona ndlela yempilo emabhizinisini adonsa kanzima kanye nabasebenzi. Kwenze umehluko phakathi kokuthi izinkampani ziqhubeke nokuvula nokuthi ziphoqeleke ukuthi zivale, phakathi kwemisebenzi elondolozekile kanye naleyo egcine ilahleka.La mabhizinisi azuzile njenge-Sihle’s Brew, okuyi ndawo yokudlela e-Gauteng, ekwazile ukugcina abasebenzi bayo abayi-18 ngenxa yohlelo lwe-TERS . Siyabonga ekwesekweni nguhulumeni, inkampani i-Mamoshalagae Trading and Projects, okuyi bhizinisi lezinto ezisebenza ngogesi e-Mokopane, likwazile ukukhokhela abasebenzi balo ngokunjalo nemali yokuqasha kanye nemali yente la yakamasipala ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.Abasebenzi abebexinwe ngusizi olukhulu bakwazile ukuthola ingxenyana yomho lo wabo.ULindiwe Ntuli, ongummeli wezomthetho e-Centurion, uye washo ukuthi ukuhlomula kwakhe kumsize kanja ni ukuthi asebenzele ekhaya futhi akwazi nokukhokha imali yakhe yasemqashweni.Ziningi izindaba zezinka mpani ezikwazile ukuqhu beka ngempumelelo nokuse benza onyakeni owedlule ngenxa yokwesekelwa ezikuthole kwi-UIF. Into efanayo ingashiwo ngamabhizinisi asizwe yizibonelelo zikahulumeni ezahlukene kanye nemalimboleko ehlinzekwe yiminyango eminingi.Lezi zinyathelo zibasize kakhulu abantu bakithi ngesikhathi bezidinga kakhulu.Ekuguqukeni sisuka esigabeni sokudinga usizo siya ekululameni, kumele sishi ntshe ukwenza.Ngesikhathi lezi zinyathelo zosizo zazihlelelwe isikhashana, umnotho usazoqhubeka nokushayeka isikhathi eside ngenxa yalolu bhubhane.Nakuba imikhawulo yokuvalwa kwezwe isixegi siwe, izinkampani eziningi ziyahluleka ukubhekana nezinyanga lapho zingasebenzanga khona lapho kwa kunokuncipha komsebenzi kanye nokulahlekelwa yi nzuzo.Yisona kanye lesi sizathu esenze ukuba, emva kwezingxoxo ezijulile nesisebe nzisana nabo kwezenhlalo ku-NEDLAC, usizo lwe-COVID TERS lelulelwe umhla ziyi-15 kuNdasa 2021 kuleyo mikhakha ebingakakwazi ukusebenza ngokuphelele.Isibonelelo Esikhethekile se-COVID-19 sizolulwa ngezinye  futhi izinyanga ezintathu.Lezi zinyathelo zingezesi khashana.Manje kumele sigxile ekwakheni indawo ezovumela ukululama kwamabhi zinisi, kanye nokukhula komnotho okuzoqhubezela ukusungulwa kwamathuba emisebenzi futhi ihehe utsha lomali.Ukululama komnotho kuzoba nzima kakhulu futhi kuzothatha isikhathi, hhayi ngoba sisephakathi kwalolu bhubhane.Kubaluleke njengalezi zi nyathelo zosizo, esingeke si kwazi ukuzigcina unomphela.Kumele siqinisekise ukuthi lezi zinyathelo zosizo zihli nzeka isisekelo esiqinile ukuze silulame kakhulu ngaphandle kokufaka izwe ezikweletini kakhulu. Ngaphandle uma singakwazi ukwehlisa isikweletu sikazwelonke sisibeke ezigabeni ezisimeme ukwelulama komnotho ngeke kwenzeke.Izingqondo zethu njengesizwe kumele zisuke eku khululekeni ziye ekwelula meni, futhi kumele sonke sibe yingxenye yalo mzamo.Njengohulumeni, izinqumo ezinamandla ekusetshenzi sweni kwemali kahulumeni kumele zenziwe futhi ziqali swe ukusebenza kulo nyaka.Izinkampani kumele zibe nezindlela ezintsha zokuphatha kanye nezinqubo ezi zovikela ukusimama kwazo kanye nenzuzo, nokugcinwa kwemisebenzi njengezinto ezihamba phambili.Kumele sibuyisele imali yethu emnothweni wethu ngokuthi sithenge imikhiqizo yalapha ekhaya, sesekele amabhizinisi asekhaya kanye nezimboni futhi sithenge kubathengisi balapha ekhaya.Isiguli esilimele esinethe mba lokululama sinikwa ukwelashwa kokunyakazisa umzimba kwansuku zonke ukuze sisizwe ukuthi sibe namandla size sikwazi ukuma ngaphandle kokusizwa.Ngakho-ke lezi zinyathelo zosizo kumele zibonakale njengemizamo yokuphinde futhi simise umnotho wethu ume qingqo. Inhloso yethu ekugcineni ukuphinde si kwazi ukuhamba futhi.Njengesizwe, sonke masifakeni isandla. Masibe yingxenye yentuthuko kanye nenqubekelaphambili yethu.Masisebenzise lesi sibonelelo eseluliwe ukuqhubela phambili ukululama okunamandla. 

