Umgomo weCOVID-19 : Okudingeka ukuthi ukwazi

Allison Cooper

Njengoba kuzoqali swa uhlelo olu khulu lwaseNi ngizimu Afrika loku gomela isifo segciwane le-corona (i-COVID-19) kubasebenzi bezempilo ngoNhlolanja, iphepha ndaba i-Vuk’uzenzele li dlulisa ulwazi olukhanyisa ngokuthi uyini umgomo we-COVID-19, usebenza kanjani futhi kungani uba lulekile ekunqandeni  ukubhebhetheka kwegciwane le-corona.
Umgomo wenzani?Umgomo uqeqesha izivikela zifo zomzimba wakho (okuyizona ezilwa nokwesulele-ka), ukuthi zikhiqize amasotsha omzimba (okunga-maprotheni alwa nezifo) – ngokufana ncimishi nanjengoba bekungenzeka uma bewuvuleleke egciwaneni.
Kungani ubaluleke kangaka umgomo?Ukugomela i-COVID-19 kuyindlela esebenzayo uku-zivikela egciwaneni ngoba kwehlisa ubungozi bokuthi usuleleke ngegciwane. Lapho-ke asuke esemancane amathuba okuthi ungadlulisela igciwane komunye umuntu.Inhlosongqangi yokugoma ukuthi sifinyelele enanini  elanele lokugonywa kwabantu – uma abantu abenele sebeligomele leli gciwane lokhu kuhlinzeka ukuvikeleka kulabo abangaligomele, kanti lokho kwenza izinga lokubhebhetheka kwegci-wane lilawuleke.Ngakube imigomo ibalulekile ukunqanda ukubhebhetheka kwe-COVID-19?Kunobufakazi obunzulu bososayensi obeseka ukuthi ukugoma kuyiyona ndlela ehamba phambili yokuzi-vikela ekwesulelekeni okudla lubi.
Ngakube umgomo ungavimbela ukuthi ngingayitholi i-COVID-19? Awukho umgomo ohlinzeka ngokuvikeleka okungama-phesenti ayi-100. Ukugonywa kwenani elanele labantu nakho kakuhlinzeki ngokuvikeleka okuphelele kulabo abangagomile. Noma kunjalo, ngokugonywa kwenani elanele labantu, laba bantu bazoba nokuvikeleka okusezingeni elikahle.Ngakube ukugoma kuphephile na?Imigomo ye-COVID-19  idlula kwinqubo enomsebenzi omkhulu,  enezigabagaba zokuhlola, okubandakanya ukuhlolwa kokusebenza kwayo okufaka phakathi izinkulungwane eziyishumi zabantu.Wonke umgomo osetshenzisiwe ohlelweni lokugoma abantu abaningi eNingizimu Afrika kumele ugunyazwe ukusetshenziswa inhlangano Yeziphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika i-South Afri-can Health Products Regula-tory Authority. Umgomo i-Oxford University-AstraZeneca usuvele ugunyaziwe kakade ngabalawuli abehlukahlukene emhlabeni jikelele futhi usuqalile ukukhishwa unikezwe abantu kwamanye amazwe.Ngakube iNingizimu Afrika izoyithola kuphi imigomo yayo yokuqala?Amaqoqo okuqala amabili emigomo azofika eNingizimu Afrika (abalelwa esi-gidini ngoMasingana kanye nayizi-500 000 ngoNhlolanja) ngawemigomo i-Oxford University-AstraZeneca evela e-Serum Institute of India.
Ngobani abazothola umgomo kuqala?Izwe lilinganisele ekutheni abasebenzi bezempilo aba-balelwa kwisigidi esi-1.25 yibona abazothola umgomo kuqala. Esigabeni Sesibili, abase-benzi abenza imisebenzi engumongo njengothisha, amaphoyisa, abasebenzi bakwamasipala, abashayeli bamatekisi kanye nabanye abasebenzi abasebenza phambili; abantu abasezikhungweni ezinjengamakhaya abantu abadala, izindawo zabaswele amakhaya kanye nasemajele; nabantu abaneminyaka engaphezulu kwama-60 ubudala kanye nabantu abadala abanezifo ezingamahlalakhona bazobekwa eqhulwini kulolu hlelo lokugoma.Esigabeni Sesithathu, cishe abantu ababalelwa kwizigidi ezingama-22.5 zalabo bantu abadala ezisele bazogonywa. Inani labantu okubhekeke ukuba ligonywe ngaphambi kokuba unyaka wezi-2021 uphele lilinganiselwa kuma-phesenti angama-67. Ngaleso sikhathi sizobe sesifinyelele ekugonyweni kwenani  elanele labantu.
Ngubani othenga umgomo?Uhulumeni nguye kuphela othenga imigomo futhi uzoy-ithumela kohulumeni bezi-fundazwe kanye nemikhakha ezimele.Bonke labo asebegonyiwe bazofakwa kwirejista ka-zwelonke futhi bahlinzekwe ngamakhadi okugoma.
 vLolu lwazi nilulethelwa  nguMnyango WezempiloEZEMPILO

