Kusho Lukhulu Ukuhola uBumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU)

Vukuzenzele unnamed

Isikhathi seNi ngizimu Afrika  njengoSihlalo woBumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) sesi phelile. Njengoba sibhe ka onyakeni wethu sise sikhundleni, ngikhu mbula isisho sakudala esithi ‘kuba mnyama kakhulu uma sekuzosa’.
Kowethu unyaka besibhabhadiswa ngomlilo, ukungena esikhundleni sokuba uSihlalo ngenyanga eyodwa lapho kwabikwa khona isigameko sokuqala ngqa segciwane le-corona ezwenikazi.Esasikubeke eqhulwini ngesikhathi sethu, phakathi kwakho ukuqhubekisela phambili ukuthula noku-vikeleka, ukuthuthukiswa kwabesifazane ngokomno-tho kanye nokuqinisa ukuhlanganyela kwezomnotho, kwamele ukuthi kuguqulwe ngokuphazima kweso nangokubonakalayo ukuze kubhekanwe nobhubhane.Umsebenzi wethu omkhulu kwakungukuthi i-AU igxile ekubhekaneni nesimo esibi esiphuthumayo somhlaba esesibe khona kwikhulumnyaka.I-COVID-19 isikhahlameze wonke amazwe ezwenikazi. Kuze kube manje kuneziga-meko eziqinisekisiwe ezingaphezu kwezigidi ezi-3.5 e-Afrika, futhi bangaphezu kwezi88 000 abantu asebedlule emhlabeni.Kube usizi lwezempilo, lokusiza, lwenhlalo kanye nomnotho emazweni ase-Afrika, amaningi awo angenazo izinsiza zokulawula izimo eziphuthumayo zempilo ezinkulu ngalolu hlobo.Futhi nokho, njengento engakaze ibonwe njengemvelaphi yobhubhane, kanjalo nendlela amazwe ase-Afrika abumbane ngayo ukulwa nalo.Ngokwenza njalo siveze ubukhulu bobuchwephe-she bezwekazi, amakhono kanye nezikhungo ezifana neZikhungo zase-Afrika Zokulawula Nokuvikelwa Kwezifo (i-Africa CDC).I-Afrika ayigoqanga nje izandla uma ubunjalo nobungozi bobhubhane buvuleka. Kusukela ezinsukwini zokuqala zobhubhane futhi ngokuholwa i-AU, sasungula ngokushesha iqhingasu lezwekazi lokubhekana nobhubhane, elaliholwa i-Africa CDC kanye nama-thimba ezifunda.Sabona ukuthi wonke amazwe ezwenikazi azokhahlamezeka kakhulu ngubhubhane. Amazwe amaningi angeke abe nazo izinsiza ezidingekayo ukumelana nenselele yezempilo yompha-kathi noma ukuvikela imi-notho yawo. Ngakho-ke sabe sesivumelana njengamazwe ase-Afrika ukuqoka abantu base-Afrika abaningana abaqavile njengezithunywa ezikhethekile, ezizoxoxisana nabaxhasi bamazwe nga-mazwe kanye nezikhungo ezahlukahlukene ukuze bezoyokhulumela i-Afrika ukuze ithole ukwesekwa ngezimali nokusizwa nge-zikweletu.Ngale ndlela, ukusebenza njengezwekazi elilodwa, sikwazile ukutholela amazwe amaningi usizo ngezikweletu kanye nosizo lwezezimali zokubhekana ne-COVID-19 kanye nokuvuselelwa komnotho.Kodwa yize amazwe ase-Afrika aya kumazwe apheshe-ya kwezilwandle ukuyofuna ukwesekwa, saqala sazisiza thina – ngokusungula nokwenza imali yeSikhwama Sokubhekana ne-COVID-19 sezwekazi.Kubo bonke ubudlelwano obenziwe kanzima nama-zwe anezinsiza ezingcono kakhulu kanye nomphakathi wabaxhasi ba-mazwe ngamazwe, sisungule Inkundla Yokusabalalisa Izinsiza Zokwelapha e-Afrika  entsha sha nengakaze ibonwe ukuvumela ukuthi wonke amazwe ase-Afrika asheshe athole izinsizakusebenza zo-kuzivikela nezinye izinsiza zokwelapha ngendlela elinganayo, futhi engabizi.Futhi manje umgomo we-COVID-19 usukhona, sisebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi izwe-kazi liyayithola imigomo yalo ngokufanele, sisebenza nesikhungo i-COVAX no-kuholwa iThimba lase-Afrika Eliqinisekisa Ukutholwa Komgomo. Ukuqaliswa ko-kugonywa kwabantu sekuqa-lile ezwenikazi futhi sifisa ukuba nenanibantu elikhulu ezwenikazi eseligomile uma kuphela unyaka wezi-2021 ukuze sizogoma inani elanele labantu.Sisebenze ngobunye  ukuvikela impilo, abantu kanye nendlela yokuziphi-lisa ezwenikazi. Ngokwenzenjalo, sibonise ukwazi kwethu ukuthembela kithina kanye nekhono lethu lokuba  abalawuli bentuthuko yethu.Ngaphandle kokubusa kwe-COVID-19, sikwazile futhi ukuphumelela kokuningana kwebesikubeke eqhulwini.Ngesikhathi sethu, iNdawo Yokuhwebelana Mahhala Ezwenikazi lase-Afrika (iAfCFTA) yethulwa ngokusemthethweni, okwakumeme-zela inkathi entsha yokuhwe-belana ezwenikazi lase-Afri-ka kanye nokuhlanganyela kwezomnotho.Ngisho nangaphansi kwe-zimo ezinzima ezidalwe ubhubhane, izwekazi liphokophele phambili nephu-pho ‘lokuthulisa izibhamu’ ezwenikazi. I-AU ibilokhu izibandakanye ezingxoxweni ezithinta idamu i-Grand Ethiopian Renaissance Dam, ukuqeda udlame e-Libya nokugqugquzela ukuthula e-South Sudan.Okunye ebesigxile kukho ngesikhathi sethu kube ukuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho, esizoqhu-beka nakho ngisho sekudlule isikhathi sethu kuze kwedlulele kwiShumi leminyaka Lokubandakanywa Kwabe-sifazane Kwezezimali Nakwezomnotho kuya kunyaka wezi-2030.Njengoba sesiphosela i-De-mocratic Republic of Congo (i-DRC) izintambo sishiya le nhlangano evelele endaweni enamandla amakhulu.INingizimu Afrika izoqhu-beka nokudlala indima yayo ukukhulisa ukuhlangana ezwenikazi, nokwesekela uSihlalo ozongena nenhlangano emizamweni yayo yokufeza izifiso ze-Agenda 2063 ye-AU.Ngesikhathi iNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika isungulwa  ngonyaka we-1963, Ama-zwe Angamalungu atshala  imbewu yokusebenzisana nobumbano ukuze kuzozu-zwa impilo engcono yabo bonke abantu base-Afrika.Akuqinisa ukuthi ukubumbana kwe-Afrika kwaku-baluleke kakhulu uma inhla-lakahle nenhlalonhle yabantu base-Afrika kwakumele iqinisekiswe.Umlando unobufakazi bokuthi le mbewu ayiwelanga njalo nje emhlabathini ovundile, eminyakeni edlule umsebenzi wobumbano lwezwekazi usubhekane nezithiyo eziningi nokuqala kokusebenza okuyinkohliso.Kodwa ukufa okulethwe yilolu bhubhane sekushu-kumise amazwe ase-Afrika ukuthi asebenze ngokuhlanganyela.Kulesi sihogo sosizi lwe-COVID-19, imbewu yobunye nokusebenzisana eyatshalwa izingqalabutho zakithi isiya-thela futhi iyachuma.Lesi sikhathi sokulingwa nesobunzima kube ngesinye sezikhathi ze-AU ezikhethekile.Kuyintokozo enkulu kakhu-lu ukunikwa ithuba lokuhola inhlangano ngalesi sikhathi, lapho yabonisa ukuthi achaza ukuthini amagama athi Ubumbano Lwamazwe ase-Afrika.Leli iphupho elifezekile lapho sonke isakhamuzi se-zwekazi lethu i-Afrika ku-mele siziqhenye ngalo futhi bagqugquzeleke ngalo.
