Ukukhulisa ingane enesithuthwane

Allison Cooper

Nakuba kungenzeka ukuthi ku-wethuse umndeni ukuthola ukuthi ingane inesithuthwane, ungakwazi ukwakha ikhaya eliqondisisayo, elinothando futhi elamukelayo lapho ingane yakho izokwazi ukuthi ikhule futhi inokukholelwa  ekhonweni layo loku-phumelela.  Ngokwenhlangano ye-Sithuthwane eNingizimu Afrika i-Epilepsy South Africa, abazali bangakhatha-zeka ngekusasa lengane yabo futhi bakuthole kunzima ukwamukela isithuthwane noma ukukhuluma ngaso. Kungenzeka uzizwe uthu-kuthele ugane unwabu, ukhathazekile, unganelisekile futhi uzizwe unecala, kodwa ungakwazi ukunqoba le mi-zwa kanye nexhala ngokuzi-fundisa ngale simo.Isithuthwane ukujwayela ukuba nokudlikiza komzimba okuphindelelayo, lokho okwenzeka uma kube khona ukubanika kwemithambo okungajwayelekile ebuchosheni.
Kungani kumele kwenzeke enganeni yami?Ukuqondisisa isithuthwane kanye nokuthi kungani ukudlikiza komzimba kwenzeka kungekuchazele ukuthi kungani lokhu kwenzeka enganeni yakho.Ezigamekweni ezicishe zisondele kuma-66%, imbangela eyisisusa sesithuthwa-ne ayaziwa. Lokhu kubizwa ngokuthi i-idiopathic epilepsy. Ezigamekweni ezisele imbangela eyisisusa ingatholakala, lokhu kwaziwa ngokuthi i-symptomatic epilepsy. Kungaba nembangela eyisisusa ehlukahlukene njengokulimala ekhanda, okungenzeka kunoma yisiphi isigaba sobudala; ukulimala ngesikhathi ubelethwa, oku-fana nokuswelakala kwe-oksijini eyanele ngenkathi ubelethwa; ukubophana kwamamasela okudalwa imfiva, ukuvuvukala ko-buchopho, isifo solwembu lobuchopho noma isimungumungwana sobungane; kanye nokuphazamiseka noma ukungalingani komzimba noma kwamakhemikhali emzimbeni.Udokotela uzokunika umuthi ozohambiselana nobudala, isimo sobunjalo bomzimba kanye nohlobo lokudlikiza ingane yakho enakho. Khumbula, ukuthi umuthi wokulwa nokudli-kiza komzimba awuselaphi isithuthwane kodwa,  ezigamekweni eziningi, uzokwehlisa ukwenzeka kaningi kanye nobunzima bokudlikiza.Amathiphu okukhulisa ingane enesithuthwane:
• Yenza imizamo yokuthi ingane yakho yazi ngalesi simo. Izingane ezincane kusuka eminyakeni emithathu zingakuqondisisa ukuthi umqondo ulawula umzimba. Izingane ese-zindala kumele zinikwe incazelo ebanzi.• Yazisa izihlobo kanye na-bangani bengane yakho abaseduze, othisha kanye nabanye abasebenzi abaqotho besikolo. • Qinisekisa ukuthi ingane yakho ithola ukuhlolwa kokwelashwa okubanzi kungcweti ofanelekile, okungcono kungaba udo-kotela wezinzwa.• Gcizelela amakhono engane yakho kanye nanoma yimuphi omunye umse-benzi ongasiza ukuthuthukisa ukuzamukela kwayo, ukubona ukubalu-leka kwayo kanye nokuze-themba kwayo. • Qinisekisa ukuthi umuntu omdala uyayiqapha eminye imisebenzi, njengo-kubhukuda.• Qinisekisa ukuthi umuthi uphathwa ngendlela eyiyo futhi uphuzwa njengoba uyaleliwe.• Hlinzeka uhlelo lwemise-benzi olunezikhathi zoku-phumula eziningi, ukudla okuthathu okunempilo ko-suku futhi nokuzivocavoca njalo nje.• Uma uchaza ngokudlikiza sebenzisa amagama ingane yakho ezowaqonda.• Ungavumi ukuthi ingane yakho isebenzise ukudlikiza njengezaba zokungenzi imisebenzi yasekhaya noma ukwamukela uku-ziphatha ngobuqotho.
