Unyaka wezi-2021 ongcono kubantu baseNingizimu Afrika Amaviki okuqala onyaka abe nzima kubo bonke abantu  baseNingizimu Afrika.  

Vukuzenzele Unnamed

Ubhubhane lwegciwane le-corona luye lwaba nzi-ma kakhulu, nokusulele-ka okusha kwakhuphuka ngesivinini esikhulu futhi kwaya phezulu kakhulu kunakuqala. Izibhedlela zibe ngaphansi kwengcindezi enkulu njengoba abantu abaningi bebedinga ukulashwa.
Ngesikhathi imikhakha ye-zomnotho eminingi ikwazile ukusebenza futhi izinyanga eziningana, kuzothatha isikhathi ukuthi umnotho uphinde usimame nokubuyiselwa kwemisebenzi elahlekile. Njengoba unyaka omusha uqala, imindeni eminingi isakhahlamezekile ngenxa yobhubhane ezimpilweni zabo nasendleleni yabo yo-kuphila.Umhlaba usungena onya-keni wesibili wobhubhane lwegciwane le-corona. INingizimu Afrika, njengamanye amazwe amaningi emhlabeni jikelele, unyaka wezi-2021 uzoba nenselele kakhulu. Ihlandla lesibili lokusu-leleka nge-COVID-19 linga-landelwa ngezinye izigaba zokwesuleleka, okuzobeka engcupheni impilo yabantu bakithi kanye nokuvuselelwa komnotho wethu.Noma ngabe lo nyaka uzoba nzima kangakanani, ngiqini-sekile ukuthi sizolunqoba lolu bhubhane sibeke izwe lethu endleleni eya ekulula-meni.Ukuzithemba kwami ku-vela kubantu baseNingizimu Afrika. Uma ngibheka indlela abantu baseNingizimu Afrika ababhekane ngayo nalolu sizi kusuka kwaqubuka igciwane ezweni lakithi, anginalo ungabazane ukuthi siqinile, sineziyalo futhi singakwazi ukunqoba lesi sifo. Yebo kukhona abebehlukile, kodwa iningi labantu base-Ningizimu Afrika lasiqonda isidingo semikhawulo eku-hambahambeni kanye na-sekwenzeni imisebenzi ethile, futhi bayithobela imithethonqubo okwakufanele ibekwe. Futhi okubaluleke ukudlula ukuthobela imithethonqubo, abantu abaningi baseNingi-zimu Afrika bazibophezela bona kanye nabanye, ngo-kulandela iseluleko odabeni olufana nokuqhelelana, ukugqoka isifonyo kanye nokuhlanza izandla.Futhi lapho esingenzanga kahle khona, sikwazile, ngebhadi, sikubonile ukushayeka. Manje sesiyazi ngobungozi bezindawo ezi-valekile nemibuthano enesi-minyaminya, bokungagqoki izifonyo nokungaqhelelani kwabanye.Lokhu kuluphawu oluhle onyakeni esiya kuwo. Manje sesazi okuningi ngalesi sifo nokuthi singakugwema kanjani ukubhebhetheka kwaso. Naphezu kokuba omunye angakubiza ngokuthi 'ukukhathaliswa ngubhubhane', ukuzimisela kwethu akwehlile neze njengabantu baseNingizimu Afrika ukuthi senze lokho okumele sikwenze.Njengoba sithobela kakhulu kunakuqala izinyathelo zokugwema ukusuleleka ngegciwane, sizophinde si-qalise umkhankaso omkhulu wokugoma. Uma abantu abaningi begonywa, sizosindisa izimpilo futhi siqhu-beke nokunciphisa ubungozi bokusuleleka kubantu.Ukuthola imigomo eyanele ngokushesha okukhulu no-kuqinisekisa ukuthi ifikelela kubantu abayidingayo ku-zoba omunye wemisebenzi emikhulu yonyaka. Lokhu kuzoba yinselele enkulu njengoba wonke amazwe emhlabeni aphuthumela ukuthola imigomo enqunyelwe ekhona. Kodwa sisebenza kanzima nesibambisene nabo ebhizinisini, kwezabasebenzi kanye nomphakathi ukwenza lokhu. Sisebenza ngezindlela ezehlukene ukuthola imigo-mo, okubandakanya ukuse-benza nesikhungo somhlaba i-COVAX, uhlelo loBumbano Lwamazwe ase-Afrika kanye nangezingxoxo zethu nabakhiqizi bemigomo. Njengoba sibambisene ukunqoba ubhubhane, ku-zodingeka ukuthi sisebenze ngokubambisana ukwakha kabusha nokuguqula umnotho wethu. Sinalo ikhono kanye nentshisekelo yo-kusungula imisebenzi yezomnotho, sikhulise umnotho wethu futhi sakhe imisebenzi. Futhi senze njalo pha-kathi nalo ubhubhane.Izimali zikahulumeni ziphansi kwenkulu ingcindezi, manje kakhulu ngenxa yo-kubiza kakhulu kwezinsiza zezempilo zokubhekana ne-COVID-19 kanye nezinhlelo zokuxhasa ngokwenhlalo nangokomnotho esazibeka ukuze kusizwe amabhizinisi namakhaya antulayo. Uku-phazamiseka komnotho futhi kuchaza ukuthi imali yentela yehle ngokubonakalayo. Ku-nezingxenye zomnotho ezi-zothatha isikhathi eside  uku-phinde zivuke futhi ngenxa yokwehla kwesidingo sawo emhlabeni nemikhawulo ebe-kwe ekuvakasheleni amazwe angaphandle.Yingakho kumele siqha-muke nezinto ezintsha futhi sigxile ezinhlelweni zethu zokwakha kabusha umnotho. Uhlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho esalumemezela ngoMfumfu ngonyaka owedlule lusekelwe esivumelwaneni pha-kathi kwabobonke ababambi-qhaza emphakathini ezinya-thelweni ezidingekayo ukuze kwakhiwe kabusha umnotho. Lokhu kuyisisekelo esiqinile sokusebenzisana ngempu-melelo okuholela ezinsizeni, emakhonweni kanye nomdlandla wazo zonke izingxenye zomphakathi. Lokhu sikubona ngezindlela eziningi ezibonakalayo. Isibonelo, besisebenza ngo-kusondelana nabaxhasimali abazimele kanye nezikhungo zokuthuthukisa ezahlukahlukene ukulungiselela imisebenzi yezingqala-sizinda ezindaweni ezifana nezokuthutha, izindawo zokuhlala abantu, amanzi kanye nezokuxhumana. Ngokusebenzisa Uxhaso-mali Lwengqalasizinda ukusa phambili, sisungule izindlela zokuxhasa ngemali le misebenzi edonsa ezinda-weni eziningi emikhakheni kahulumeni kanye nezimele. Lokhu kubaluleke kakhulu esikhathini lapho izimali zikahulumeni zingekho.Uhlelo LukaMongameli Lokusungula Imisebenzi ngesinye sezibonelo sokuse-benzisana osekuqalile. Ukuqonda ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi ukukhula komnotho kuchazwe njengokusungulwa kwemisebenzi emkhakheni ozimele, sethule uhlelo lokusungula imi-sebenzi ukuze siqale sakhe amathuba emisebenzi manje. Lolu hlelo luhlelwe eHho-visi likaMongameli, kodwa luqaliswa ukusebenza iminyango kahulumeni eyehlukene nemikhakha eyehluke-ne. Ngalolu hlelo, amashumi ezinkulungwane zabantu abangasebenzi bayakwazi ukuthola imali nokufunda njengoba behlinzeka ngemi-sebenzi ebalulekile yompha-kathi.Ngokuhamba kwesikhathi, lolu hlelo luzobandakanya ingxenye 'yemisebenzi yomphakathi', lapho sizosebenza ngokubambisana nabanye abasebenzi bomphakathi ukuthi baqashe abantu emi-sebenzini eyehlukene ku-suka ekuqinisekiseni ukuthi ukudla kuyatholakala, kuya ekulweni nodlame olubhe-kiswe kwabobulili obuthile kuya ekwenzeni ngcono imijondolo konke lokhu kunegalelo ekwenzeni into eyodwa enhle.  Wonke lo msebenzi uqiniswa ngokugxila okukhulu ku-zinguquko zomnotho ezizoba nokugxila okukhulu ekukhu-leni. Lokhu kubandakanya ukunwetshwa komthamo wesiphehlimandla sikagesi, ukwenza amachweba ethu asebenze ngokufanele futhi abe sezingeni lokuncintisana, ukuthuthukisa ukufinyelela kuzinsiza ze-inthanethi ethengekayo, nokuthuthukisa isikhathi sokuthola izimvume zamanzi, zezimayini kanye nezinye. Le mizamo ihlelwe futhi ibekwe iso ngokuhlanganyela yihhovisi lami kanye Nomgcinimafa Kazwelonke.Kuningi okusamele kwenziwe kulo nyaka esibhekene nawo. Futhi kumele singangabazi ukuthi kumele sibhekane nezinselele ezisa-bisayo.Kodwa sibonisile ukuthi, njengesizwe, siyakwazi uku-phumelela uma sisebenza ngokubambisana ukufeza injongo efanayo.Uma sikhumbula lokho, futhi uma sibeka ukubumbana kwethu ekusebenzeni, sizoqinisekisa ukuthi unyaka wezi-2021 uletha impilo engcono nezimpilo ezingcono kubobonke abantu bakithi.Nginifisela okuhle kodwa onyakeni omusha. 