Ithuba lesibili lokuthi uzitholele umatikuletsheni wakho  

Cathy Grosvenor

Asikapheli isi-khathi sokuthi ungazitholela umatikuletsheni wakho noma uthole imiphumela oyifunayo, lona ngumlayezo wakamuva nje woHlelo loMnyango Wemfundo Eyisisekelo (i-DBE) Lwethuba Lesibili Lokwesekela Umatiku letsheni.
  Umqondisi wohlelo, uDkt u-Sandy Malapile, uthi isiti-fiketi sikamatikuletsheni siba-luleke ngendlela eyisimanga ngoba ngaphandle kwaso,iminyango yamathuba emini-ngi ihlala ivalekile. “Inhlangano Yomkhakha Wokuqeqesha kanye Nezi-phathimandla Zemfundo (i-SETAs), izinikele emsebe-nzini wokukhuphula izinga lamakhono esizwe ngezi -nhlelo zamakhono kanye nokuqeqeshelwa ukufundela umsebenzi, kanti konke lokho kudinga ukuthi abafundi babe nomatikuletsheni,” kusho uDkt Malapile.  Lwethulwa ngokusemthe-thweni ngoMasingana kowe-zi-2016, lolu hlelo Lwethuba Lesibili lwesekela wonke umuntu – wanoma yimuphi unyaka wobudala – ofuna ukuthola noma enze ngcono imiphumela yesitifiketi sikamatikuletsheni, isifu-ndo ngesifundo kanti futhi lokhu kwenzeka ngokufunda ngezikhathi ezithile. Konke lokhu kumahhala.
Ngubani ofaneleke yilolu hlelo? 
• Ngabantu abafuna ukwenza ngcono imiphumela yabo kamatikuletsheni, okungaba yilabo abasanda kubhala noma labo ababhala eminyakeni eyishumi eyedlule. UDkt Malapile uyachaza ukuthi umuntu ofuna ukuthola isiqu sobunjiniyela, njengesibonelo nje, kumele ukuthi anyuse amamaki akhe ezibalo uku-ze afaneleke ukwenza lolo hlelo lomkhakha wezifundo.• Abantu abangazange ba-phumelela umatikuletsheni wabo futhi abafuna ithuba lesibili ukuze baphase.
• Abantu abashiya phansi isikole emva kokuphasa iBanga lesishiyagalolunye (owawubizwa ngoStanda rd 7 phambilini), abane-minyaka engama-21 noma ngaphezulu, futhi abafisa ukuthola umatikuletsheni wabo.
Uqala kanjani kulolu hleloBhalisa kwelilodwa lama-hhovisi ezemfundo ezifundeni ezingama-75 ezweni jikelele noma ubhalise nge-inthanethi kule webhusayithi ethi: www.eservices.gov.za .  Ukubhalisa kwavulwa mhla lu-1 kuMfumfu kanti futhi kuzovalwa ngoNhlolanja kowezi-2021. Abafundi abazifundela ngokwabo noma kwe sisodwa sezikhungo Zethuba Lesibili ezingama-133 lapho ukufunda kwenzeka khona emakilasini nsuku zonke ngezikhathi zamantambama kanye nangezimpelasonto.  UDkt Malapile uthi kulezi zikhungo kuzoqashwa othi sha abahamba phambili ngokwenza kahle umsebenzi wabo kuleso naleso sifunda. Lezi zikhungo azitholakali kuwo wonke amadolobha kanye namakhaya, kodwa zitholakala ezindaweni lapho kunesibalo esiningi kakhulu sabantu ababhalisile kanti lo-kho kuchaza ukuthi ukube-kwa kwesikhungo endaweni kungashintshashintsha unyaka nonyaka. Womabili amaqembu  abafundi laba abazofundela emakilasini nsuku zonke kanye nalabo abazofundela emakhaya banethuba lokuthi bafinyelele kunoma yiluphi uhlobo lwezinsiza ezikhona zokwesekela ukufunda, ku-suka ezifundweni ezethu-lwa ngezinhlelo zokusakaza emsakazweni kanye nakumabonakude ngezikhathi ezithile; izinsizakufunda ezifakwayo nezitholakala nge-inthanethi; futhi, labo abangakwazi ukufinyelela kumakhompyutha, amaprinta kanye ne-inthanethi izinsizakufunda eziprintiwe zithunyelwa yi-DBE kubona.  Abantu abanawo amakho-mpyutha kodwa abanganayo i-inthanethi noma amadatha, bengacela i-CD enazo zonke izinsizakufunda, nezothunye-lwa kubona ngeposi. “Baningi abafundi asebebadala abangeke besakwazi ukunikela isikhathi sabo sonke ezifundweni zabo. Ngenhlanhla enkulu, bangazikhethe la ukuthi bafuna ukwenza izifundo ezingaki ngonyaka ngoba abaphoqelekile ukuthi baqede umatikuletsheni wabo ngesikhathi esinqunyiwe.”  Uma sebebhalisile, i-DBE izo-siza abafundi asebebadala ukuthi bakhethe izifundo abafuna ukuzenza futhi iba-chazele ukuthi yiziphi oku-yimpoqo ukuthi bazenze. Mayelana nokufaneleka yilolu hlelo, abantu abayeke isikole emva konyaka wezi-2008 bathola Isitifiketi Sikamatikuletsheni Sikazwelonke kanti futhi labo abayeke isikole ngaphambi kwalokho, bathola Isitifiketi Sikamatikuletsheni Esichitshiyelwe. Noma ku-njalo, uDkt Malapile uthi zo-mbili lezi zitifiketi zinomthamo wesisindo olinganayo fu thi, kuya ngohlobo lwezifundo olukhethile kanye namamaki owatholile, zingasetshenziswa ukufaka izicelo zokufunda emanyuvesi kanye nasemakolishi.
Ukunikwa amathuba esibiliI-DBE isingatha imikhankaso yasemgwaqeni kuzwelonke ukuze ikhuthaze abantu ukuthi babhalisele uhlelo Lwethuba Lesibili. Izikhungo Zemfundo Ephakeme kanye nama-SETA ziyamenywa ukuthi zihlinzeke ngolwazi olwanele kubantu abanentshisekelo lapho ku-ngenzeka khona. Kweminingi yale mikhankaso yasemgwaqeni kuzwelonke, uNgqongqoshe u-Angie Motshekga wacelwa yintsha ukuthi ethule izinhlelo ezizo-siza abantu abasha ukuthi bakwazi ukuqasheka, kusho uDkt Malapile. Impendulo kulokho, i-DBE izobeka ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukiswa kwamakhono kulo nyaka noluzoheha abantu ababale-lwa kwizigidi eziyi-3.4 za-bantu abasha abangasebenzi, abangafundi noma abangekho ngaphansi kokuqeqeshwa. Izifundo zizoqala kuma-khono empilo – okuzoquka-tha izihloko ezifana nokuthiibhalwa kanjani Iminini-ngwane yakho yesicelo somse-benzi (i-CV) kanye nokuthi yini okulindeleke ukuthi uyenze kwinhlololwazi yomsebenzi; izifundo zamakhono eziyisise-kelo, njengokulungisa izicathu-lo, Isifundo sokuqeqeshelwa ikhompyutha (i-ICT) kanye nekhono lokufunda kanye nokubhala.  vBewazi ukuthi?
•	Akukhathaleki	uku thi	isikole	usiyeke	ngeminyaka	yama-60	noma	kamuva	nje,	kumele	ufunde	ngohlelo	lwezifundo	lwamanje.
•	Uhlelo	lwezemfu-	 ndo	lwaseNingizimu	Afrika	luhlinzekelwa	abantu	abayeke	isikole	ngaphambi	kokufika	eBangeni	Lesishiyagalolunye,	ngohlelo	lwemfu-	 ndo	eyisisekelo	yabantu	abadala	kanye	nokuqeqe-	 shwa	koMnya-	 ngo	Wemfundo	Ephakeme	kanye	Nokuqeqesha.
