INingizimu Afrika inqoba Isandulela Ngculazi (i-HIV) kanye neNgculazi (i-AIDS)

Vukuzenzele Unnamed

Njengoba siqhube-ka nezinyathelo zethu zokulawula ubhubhane lwegciwane le-corona  olukhahlamezayo,  singeze neze sazishaya indiva ezinye izingqinamba zempilo yomphakathi ezi-bhekene nezwe lethu.
Sekungaphezu kweminyaka engamashumi amathathu, izwe lethu lazibandakanya emzuku-zukwini oqhubekayo wokulwa ne-HIV kanye ne-AIDS, oseku-dlule nemiphefumulo yabantu abaningi futhi kwadala ubunzi-ma ezimpilweni zabantu kanye nokuhlupheka.Selokhu kwabheduka iCO-VID-19 ezweni, okwaba noku-valwa kwezwe jikelele kanye nengcindezi kwizinsiza zethu zezempilo, ziningi izinsiza ze-HIV , ze-AIDS kanye nesifo sofuba ezikhinyabezekile. Lokhu kuphose inselele kubantu abahlo-layo kanye nabaqala imishanguzo yokudambisa igciwane. Baningi abantu abakuthola kunzima kakhulu ukuyolanda imithi yabo futhi bancane abantu aba kwazi ukufinyelela kwezinye izinsiza nje, ezifana nokusokwa kwabesilisa ngokuzithandela.Ngesikhathi esifanayo, ziningi izifundo esizifunde ngezempilo yomphakathi wethu ekubhe-kaneni nobhubhane lwegciwane lecorona  nokungasiqinisa ama-ndla empini yokubhekana ne-HIV kanye neSifo sofuba.INingizimu Afrika isalokhu iqhubeka nokuhamba phambili ngokuba nesibalo esiphezu-lu sabantu abaphila ne-HIVemhlabeni jikelele. Noma kunjalo, kuyakhuthaza, ukuthi eminya-keni eyishumi eyedlule sikwa-zile ukuba nenqubekelaphambili yokwehlisa izinga lokwesule-leka okusha ngegciwane le-HIV emphakathini onenanibantu elilinganiselwa kuma-60%.Kuyakhuthaza futhi ukuthi ukwesuleleka nge-HIV kwama-ntombazane asethombile kanye nabesifazane abasebancane kwe-hle ngamalengiso eminyakeni eyishumi eyedlule. Leli yiqembu elibalulekile ngoba liyaye libe sengcupheni enkulu yokuthi lisuleleke nge-HIV .Uhlelo lwethu lokwelapha selufake isandla ekwehliseniinani labantu ababulawa yiAIDS ngamaphesenti angama-60. Se-kube nokwehla ngamalengiso ukushona kwabantu abasha okuhlobene ne-HIV .Kube lula ukwehlisa inani la-bashonayo ngoba, sisebenzisana nalabo ababambe iqhaza, siqalise ngohlelo lwemishanguzo eﬁ  nye-lela kubantu abayizigidi abaphila nalesi sifo.
Ekuqaleni kweminyaka eyishumi, uhlelo lwethu lokuvikela ukwesuleleka ngeSandulela ngculazi okuqhamuka kumama kuya enganeni (i-PMTCT) kube kuncane kakhulu. Njengamanje sesinezinga eliphezulu kakhulu le-PMTCT ngaseNingizimu ne-Afrika, osekuphinde kwehli-sa kakhulu izinga lokwesuleleka ezinganeni.Nakuba sikwehlisile ukushona kanye nokwesuleleka okusha, sisekude kakhulu ekufezeni umgomo wethu esawubekangonyaka wezi-2016 wokufinyelela ngempumelelo ekunci-phiseni ukwesuleleka nge-HIV ngamaphesenti angama-75 ngo-nyaka wezi-2020. Uma singaphu-melela ekwenzeni lokho, hleze singakwazi ukuqeda i-AIDS njengenye yezinsongo zesihlava esibi kwezempilo yomphakathi ngonyaka wezi-2030.Ngeshwa, asikafiki laphookwamanje. Kusamele sikhuphule amasokisi ukuze siqi nise-kise ukuthi abantu abasha ba-yakhuthazwa ukuthi banqande ukwesuleleka, kubandakanyaukushintsha indlela yokuzi-phatha, ukufinyelela kuma-khondomu kanye nokuhlala ngokuhlolela leli gciwane. Ku-fanele siqinisekise ukuthi noma ngubani osehaqwe yileli gciwane uyakwazi ukuﬁ  nyelela ekwela-shweni kanye nasekunakeke-lweni.Kufanele ukuthi sisebenze ngokuzikhandla ekunqandeni i-HIV phakathi kwabantu abahamba phambili ekwesule-lekeni, okubandakanya aba-dayisa ngomzimba, abesilisa abazibandakanya ocansini na-banye besilisa, kanye nabantu abazijova ngezidakamizwa. Kumele siqede ukucwaswa kanye nobandlululo olubhe-kiswe kulaba bantu. Singeze neze sazinika ithemba lokuthi singaqeda i-HIV uma sisaziba izidingo, ukukhathazeka kanye namalungelo engxenye yenani-bantu lakithi.INingizimu Afrika kufanele ukuthi ikhuphule amasokisi ezinyathelweni zayo zokuthi kusokwe abesilisa abasha ukuze kuncishiswe ubungozi bokuthi bathole i-HIV . Ukuso-kwa okungaphephile akumele neze kugcine kunika abesilisa abasha izinkinga zempilo zangunaphakade, futhi akukho na-munye okufanele ukuthi abulawe ukusokwa. Kumele siqinisekise ukuthi abesilisa abasebasha ba-sokwa ngendlela ephephile. Sigqugquzelwa yimiphu-mela yocwaningo lwakamuva olumayelana nezindlela zoku-vikelwa kweSandulela ngculazi ipre-exposure prophylaxis( i-PrEP). Alufani nemishanguzo yokwelapha yona enikwa aba-ntu asebevele behaqwe yi-HIV , i-PrEP ihlanganisa phakathiukusetshenziswa njalo kwezidakamizwa zemishanguzo ngabantu abangakahaqwa yi-HIV ukuze kunqandwe ukwesule-leka. Ucwaningo, olwenziwe ngososayensi bethimba leHIV Prevention Trials Network, luthole ukuthi ukuthola imijovo esebenza isikhathi eside kanye emva kwamaviki ayisishiyaga-lombili yayingcono kakhulu ukwedlula amaphilisi asetshe-nziselwa ukunqanda i-HIV . Le miphumela inamandla kakhulu ekuqiniseni amandla ethu oku-bhekana nalo mqedazwe.Uma sifuna ukuqeda ngempu-melelo i-AIDS njengensongo ye-sihlava sezempilo yomphakathi eminyakeni eyishumi ezayo, kufanele ukuthi sihlanganise le ntuthuko yokwelapha ngo-kwenza izinguquko ezibalule-kile ekuziphatheni. Kufanele futhi ukuthi sibhekane nomnotho kanye nezimo zenhlalo noku-yizona ezinesandla emazingeni aphezulu okwesuleleka.Omunye wemisebenzi yethu obaluleke kakhulu ukunika amandla amantombazane asethombile kanye nabesifazane abasha, ngemfundo, ngomnotho kanye nangenhlalo. Kufanele ukuthi bakwazi ukuthathaizinqumo ngazo zonke izindlela ngempilo yabo, kubandakanya ububili babo kanye nendlela yokuziphatha ehambiselana nezocansi.Ekugcineni, sizophumelela ekuqedeni i-AIDS ngokuni-ka abantu abasha amandla, abesifazane kanye nabanye abantu abasengcupheni. Lokhu kubandakanya ukunikwa ama-ndla ngokukwazi ukufinyelela kulwazi, iseluleko kanye no-kusekela. Lokhu kubandakanya ukukwazi ukufinyelela kwi-mfundo kanye namathubaomnotho, ikakhulukazi abe-sifazane abasebasha. Lokhu kunikwa amandla kuphinde kuchaze ukuthi wonke umuntu kumele akwazi ukufinyelela ekuhlolweni, ukwelashwa kanye nezinye izinsiza zezempilo.
Abantu baseNingizimu Afrika basuka kude, babekezele kakhulu futhi benze inqubekelaphambili ebonakalayo ekulweni ne-HIV , i-AIDS kanye neSifo sofuba. Masiphinde siqinise amandla okusombulula kanye nezenzo zethu zokubhekana futhi sinqobe i-AIDS unomphela.
 