Phuza amanzi ukuze ugweme ukuphela kwamanzi emzimbeni

Allison Cooper

Ukushisa kakhulu kanye nokungaphuzi izinto ezi-wuketshezi ngokwanele kungaholela ekupheleni kwamanzi emzimbeni  kanye nesifo esidalwa ukushisa kwelanga, lokho okungaholela ekutheni  ushone.
Ngokusho koMnyango We-zempilo waseNtshonalanga Kapa, ukushisa kwasehlobo kuza nobungozi bokuphelelwa ngamanzi emzimbeni, lokho okungaba nobungozi bokulahlekelwa ngamanzi emzimbeni.Ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni kujwayele ukudalwa ukungaphuzi okusaketshezi ngokwa-nele ukuze ubuyisele amanzi asuke ephume uma uju-luka. Kungenzeka kudalwe ukugula, okwenza ukuthi uhlanze futhi/noma ukhishwe isisu; kanye nokuthi ujuluke ngenxa yemfiva.Umzimba awulahlekelwa uketshezi uma usebenza ngo-kukhandla umzimba kuphe-la, kodwa kungenzeka uma uhamba nje, wenza umsebenzi wasengadini noma ugibela ibhayisikili, ikakhu-lukazi ezimweni lapho kushisa noma kunomswakama.Uma usuphelelwe nga-manzi emzimbeni, umzimba wakho awube usasebenza ngendlela ejwayelekile. Izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ubudala, abantu abadala kanye nabantu abasebenzela  ngaphandle basengcupheni yokuphelelwa ngamanzi emzimbeni kanye nesifo esidalwa ukushisa kwelanga (lokhu ukugula oku-dalwa ukushisa komzimba ngokweqile).Isifo esidalwa ukushisa kwelanga siyisifo esidinga ukwelashwa okuphuthu-mayo. Uma ngabe unalezi zimpawu thola usizo lokwe-lashwa ngokuphuthuma:
• Ukuzizwa uphithene noma inkulumo yakho iqala ukunensa futhi  ingacaci.• Ucanucanu kanye no-kuhlanza.• Ukuphefumula ngokushe-sha, okuphansi.• Inhliziyo iqale ukushaya ngamandla.• Ukuqaqamba kwekhanda okungehli.Izinkomba ezixwayisa ngokuphelelwa ngamanzi emzimbeniEzinye zezinkomba ezi-sheshe zivele ezixwayisa ngokuphelelwa ngamanzi emzimbeni zibandakanya:
• Ukuzizwa wonyiwe kanye nesiyezi.• Umlomo owomile.• Ukuhlala ukhathele.• Umchamo ongcolile, futhi onuka kabi.• Ukuchama izikhathi ezimbalwa kunalezo ezijwa yelekile.
Ukuhlala unamanzi awenele emzimbeni futhi ugweme isifo esidalwa ukushisa kwelanga yenza lokhu:
• Phuza kakhulu amanzi  ukwedlula indlela oyijwayele ngezinsuku lapho kushisa khona.• Hlala ngaphakathi endlini noma endaweni enethunzi.• Gqoka isigqoko esiwumhelane noma usebenzise isambulela.• Hlala uphethe ibhodlela lakho lamanzi futhi uwaphuze njalo.• Thatha amakhefu njalo nje usuke elangeni uma use-benza ngaphandle. • Zipholise ngokuthi use-benzise amabhodlela oku-zifutha.
Izinsana kanye nezinganeAbazali kanye nabana-kekeli bezingane kumele baqaphe ngeso lokhozi izingane kanye nezinsana, uku-ze baqinisekise ukuthi zihlala zinamanzi awenele emzimbeni. Omama abasancelisa kufa-nele ukuthi bancelise izinsana zabo kaningana uma kushisa kakhulu.Gcina izingane zakho ngaphakathi endlini noma emthunzini, zigqokise izingubo ezilula futhi uzesule ngendwangu emanzi ukuze zihlale zipholile. Khumbula ukuthi uzigcobe ngesigcobo esivikela ukushiswa ilanga uma ziphumela ngaphandle.Uma izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu zikhipha indle emanzi, zihlanza futhi zihlala zikhathele, thola usizo lokwelashwa ngokuphuthuma. Phinda futhi uthole ukunakekelwa kokwelashwa okuphuthumayo uma usana lwakho lungakwazi ukuncela noma amehlo  eshone phakathi kanye nendawo ethambile eshone pha-kathi okhakhayini (ifokothi). Ezinganeni, ezinye izinkomba ezixwayisa ngoku-phelelwa ngamanzi emzimbeni zibandakanya lezi:
• Umlomo owomile noma onamfukayo.• Izinyembezi ezincane noma zingabibikho uma zikhala.• Ukuchama kancane noma amanabukeni amanzi amancane kunokujwayelekile.• Isikhumba esomile, esibandayo.• Ukucasuka.• Ukuhlala wozela noma isiyezi.
