Sekuqala ukuntwela ezansi eNingizimu Afrika

vukuzenzele unnamed

Izihlahla zeJacaranda  ziqhakazile kwinhlo kodolobha yesizwe, zenanela ukungena  kwehlobo. Emva kobusika obude futhi obunzima, ukuqala kwesikhathi so nyaka esisha kumele ku gcwalise amathemba.
Ngesikhathi kumenye zelwa iSimo Senhlekelele Kazwelonke ngoNdasa, okwaba seqhulwini kuthi na kwakungukunqanda ukubhebhetheka kwegci wane nokuhlinzeka ngosizo oluphuthumayo kwizakha muzi, imiphakathi, abase benzi kanye namabhizinisi.
Esikhathini sezinyanga eziyisishiyagalombili futhi nangokusekelwa ngesiba mbisene nabo emphakathini, sathatha izinyathelo ezinzulu ukuze sinciphise umthelela ongemuhle kwezenhlalo kanye nomnotho owalethwa ubhubhane.
Saletha ukuvikelwa ko mphakathi ngezinga elinga kaze libonwe phambilini kuleli lizwe. Singelinye la mazwe ambalwa emhlabeni lapho ilungelo lokuthola ukuvikeleka kwezenhlalo lishicilelwe kuMthethosi sekelo, futhi singazishaya isifuba ukuthi ngesikhathi salolu sizi olungaka sibonisile ukunikezela ngaleli lungelo ngezindlela eziningi.
Ukwengeza ezibonelelweni zethu ezikhona, ezitholwa ngabantu abangaphezu kwe zigidi eziyi-17 nyanga zonke, sengeze Izibonelelo Zabantu Abadala, Ezabantu Abaphi la Nokukhubazeka kanye nesibonelelo Sabantwa na. Saqalisa iSibonelelo Sokusiza Esiyisipesheli se-COVID-19 , esesitholwe ngabantu abayizigidi eziyi sithupha kuze kube manje.
Lokhu kwenzeka emavikini okumenyezelwa kweSimo Senhlekelele Kazwelonke.
Umsebenzi ongaka angeke wabukelwa phansi neze.
Ukuze lolu hlelo lusebenze kwaba nokusebenza ngo kubambisana phakathi kweNhlangano Yezimpe sheni Nezibonelelo Zikahu lumeni eNingizimu Afrika, uMnyango Wokuqoqwa kweNtela eNingizimu Afri ka, uMnyango Wezasekhaya kanye neminye eminingi.
Senza uhlelo lokuzifakela izicelo nokukhokheleka, futhi lwahambisana nemini ningwane eyehlukene, oku bandakanya Uhlu Lwenani Labantu eNingizimu Afrika kanye nemininingwane ye Sikhwama Somshwalense Wabantu Abalahlekelwe Umsebenzi (i-UIF). Sabeka izindlela ezintsha zokufaka izicelo njengakuWhatsApp  kanye ne-USSD, sasungula nohlelo lokusebenzisana namabhange ukuze sikwazi ukuqinisekisa imininingwa ne yasebhange. Lena yimpu melelo eyisimanga esikha thini esifushane kangaka.
Ezinye izinyathelo esizi thathile ukuvikela nokugci na izindlela zokuphila kwabantu, siphinde sasekela amabhizinisi awayo. Sihli nzeke ngosizo kumabhizinisi amancane olufana nokusizwa ngezikweledu, ukuxhaswa ngezimali, ukuhlehliswa kokukhokhela intela kanye nezinye izinsizakusebenza.
Saqalisa uHlelo lweCOVID-19  Lokuqinise kiswa Kwemalimboleko ukuze amabhizinisi akwazi ukubhekana nezindlela zawo zokuqhuba amabhizinisi nge sikhathi sokuvalwa kwezwe, futhi sisabheka ukuthi lolu hlelo lungafinyelela kanjani ezinkampanini eziningi ezi ludingayo.
Sahlinzeka ngokuvikelwa kwemalingeniso kubasebenzi kanye noxhaso kubanikazi bamabhizinisi ngoHlelo Lwe sikhashana Loxhaso Lwa baqashi oluphethwe i-UIF.
Konke lokhu kwakuyindle la yokubhekana ngqo ne simo esiphuthumayo futhi kwakungokwesikhashana.
Okunye sekuyaphela manje, ngesikhathi okunye kwelu liwe njengoba imisebenzi ivuselelwa.
Izinyathelo esazithatha zasiza kakhulu ekuvike leni umphakathi wakithi kwimimoya enamandla ye-COVID-19 . Izibonelelo ezengeziwe zasiza ukugwe ma ukuthi izigidi zabantu zikhahlamezwe ububha.
Ukube asingenelelanga ukuvikela indlela yoku phila kwabantu futhi sisindi se amabhizinisi, izimo zo kuphila zabantu bakithi nezimo zezinkulungwane zamabhizinisi ngabe zaba nzima kakhulu.
Manje sesikwinguquko sisuka kusizo siya ekulula meni.
Izinyathelo eziphuthumayo esizibekile zibe yisisekelo esiqinile esingakhela kusona umnotho wethu. Njengoba ukugxila kwethu sekubheke ekuqalisweni kokusebenza koHlelo Lokwakha kabusha Nokuvuselela Umnotho, okuseqhulwini kuzoba uku khuthaza ukukhula nokusu ngula imisebenzi.
Sekube nenqubekelapha mbili ezindaweni eziningi.
Sithola iminikelo embalwa yoxhaso lokuthuthukiswa kwengqalasizinda kula ndela umhlangano wangevi ki eledlule owawumayelana nomsebenzi wengqalasizi nda. Izinhlelo eziningi zemi sebenzi ngaphansi koHlelo LukaMongameli Lokusu ngula Imisebenzi seziqalile.
Siqhubekela phambili nge zinguquko zomnotho ezi ndaweni ezifana nezamandla kanye nezokuxhumana.Izinhlelo ziguqulwa zibe izenzo kanye nokuzinikela kuyabonakala emisebenzini nasemathubeni.
Konke kubalulekile kulesi sikhathi, ikakhulukazi ngoba kusondela isikhathi samaho lide, ukuthi kungabi yithina esisonga izandla.
Ukuqaphelisisa okukhulu kuyadingeka kithina sonke ukugcina igciwane liphansi.
Ukukhuphuka kwegci wane kuye kunoma iliphi izinga angeke nje kuhlehlise esesikuzuzile kwezempilo.
Kuzodicilela phansi imizamo esebenzayo yokuvuselela umnotho ebisikhona, futhi kusibuyisele emuva sisuka kwintwasahlobo siye ebu sika.
Ukugwema ihlandla lesibili lokusuleleka ngeCOVID-19 , kumele silandele imihla hlandlela yezempilo yompha kathi elokhu ikhona.
Uma sihluleka ukugqoka isifonyo uma sihlangene emphakathini, uma sithamele imicimbi enabantu abaningi, asibeki thina nabanye ku phela engozini. Sibeka futhi nokuvuseleleka komnotho wethu engcupheni.
Masiqhubeke sidlale indima yethu.
Izenzo zethu ezilungi le zokugqoka isifonyo, zokuqhelelana kanye no kuhlanza izandla njalo kusisizile ukudlula ebungo zini bobhubhane. Kuseyizo izikhali zethu ezihamba phambili.
Masikhumbule ukuzinikela sonke esikwenzile ukunqa nda ukubhebhetheka kwegci wane ezinsukwini zokuqala.
Ngisho imisebenzi eminingi yomphakathi neyomnotho isiqalile, kumele siqhubeke nokulandela izinyathelo ze zempilo. Lokhu kuyadingeka kakhulu uma sizokwakha ka busha umnotho wethu futhi sidlule kulolu sizi.  