Gwema ukuba yisisulu sokushushumbiswa kwabantu 

Silusapho Nyanda

Njengoba isibalo sezigameko ezibikiwe zoku shushumbiswa kwaba ntu senyuka, kuba luleke kakhulu ukuthi uthathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuphepha kwakho.
Ukuze ugweme ukuba yi sisulu sokushushumbiswa kwabantu kumele ugweme ukuhamba wedwa, ebusuku, noma emigwaqeni engenabantu.Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi kwenzakalani endaweni okuyo ngazo zonke izikhathi. Ukuhlala uqaphile kuzokusiza ukuthi ukwazi ukubona uma kukhona okungekho esimeni. Uma ubona umuntu noma imoto ekulandelayo, thola indawo ephithizelayo futhi zama ukuxhumana namaphoyisa noma nomuntu omethembayo ngokuphuthuma.Laba abashushumbisa abantu bayaye bathembise umsebenzi ukuze bezokwazi ukuthumba izisulu futhi bayaye bazisondeze kwizisulu ngokuzithe mbisa ukuzinika umsebe nzi noma yiliphi elinye nje ithuba. Lolu hlobo loku shushumbiswa kwabantu lungenzeka noma yikuphi – ngisho nasezinkundleni zokuxhumana, esikoleni, enxanxatheleni yezitolo kanye nangaphandle kwekhaya lakho.Qinisekisa ukuthi we nza ucwaningo olunzulu ngabaqashi ngaphambi kokuba uyohlangana nabo kwinhlololwazi. Lokhu kungenzeka ngokuthi uqinisekise ukuthi leyo nkampani ikhona nge mpela yini ngokuxhumana neKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla Yokuzakhela i-Companies and Intellectual Property Commission. Kumele futhi utshele umuntu omethembayo uma uya kwinhlololwazi futhi ubahlelele ukuthi bakushayele ucingo emva kwesikhathi esithile. Uma kungenzeka, thola umuntu ozohamba naye.  Qaphela uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana, ikakhulukazi uma umuntu ongamazi efuna ukukunika usizo, ukukunika imali, indawo yokuhlala noma ithuba lomsebenzi ephe ndula kulokho wena ozobe ukubhalile enkundleni yokuxhumana.Uma uyohlangana nomuntu ongamazi, kwenze lokho ezindaweni zomphakathi futhi tshela umuntu omethembayo lapho ukhona.Uma usashaywa wumoya nezingane, zigcine eduze kwakho futhi qinisekisa ukuthi uyazibona ngazo zonke izikhathi.Ungalinge uthume ingane yodwa kungekho mu ntu omdala othembakele ozoyiqapha. Zijwayeze umkhuba wokuhlala  ubheka izingane zakho nja lo, ukuze uzokwazi ukuthi zikuphi.
Ngemininingwane ethe xaxa ngokushushumbiswa kwabantu shayela le  Nombolo Yezimo Eziphuthu mayo yamahhala yokuShushu mbiswa Kwabantu Ku zwelonke ethi: 0800 222 777. Ukubika ngokushushu mbiswa kwabantu  shayela le nombolo yama phoyisa ethi: 10111.Lolu lwazi luhlinzekwe nguMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo



