Sivuselela umnotho osebenzayo

vukuzenzele unnamed

Ukwethulwa Komzamo kaMongameli Wokusungula Imisebenzi ngesonto eledlule kuwuphawu lomnyakazo oyisisekelo ekubhe kaneni kwethu noku swelakala kwemisebe nzi.
Sithatha igxathu elifinyelela kude nelivelele lokutshala izimali zikahulumeni kuba ntu, ngokuthi uhulumeni abe ngumsunguli futhi abe ngumhlinzeki wemisebe nzi. Umzamo kaMongameli Wokusungula Imisebenzi uyingqayizivele ngobubanzi bawo, ubandakanya utshalomali lukahulumeni oluyizigi digidi eziyi-R100 eminyakeni emithathu ezayo.Sizovikela futhi sisungule imisebenzi exhaswe ngqo kanye nokungenelela ekwesekeni izindlela zokuziphi lisa ngesikhathi imakethe yezabasebenzi isalulama kubhubhane lwegciwane le-corona. Konke lokhu sekume ngomumo ukuthi kuqale ukusebenza, futhi kwengeza ezibophezelweni ezikhona.Ngesikhathi ezinye izi ndlela zokungenelela za khela phezu kwamandla ezinhlelo ezivele zikhona, lo mzamo nawo ubandakanya izindlela ezintsha nezisu ngulwe kabusha.Lokhu kubandakanya ukugxila kwesikubiza 'ngokuqashwa komphakathi'. Sisebenzela phezu kokuthi awukho umsebenzi ongenziwa ukubhekana nezinkinga zenhlalo eziningi emphakathini wethu.  Inhloso ngukuseka amakho no okudala, okusungula ka nye nawezikhungo akhona emphakathini ngobubanzi ukusebenzisana nabantu abenza umsebenzi ofanayo omuhle. Lo msebenzi ugamanxa ezinhlakeni ezihlukahlukene, kubandaka nya ukuvikeleka kokudla, ukuqeda udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, ukuthuthukiswa kwemijo ndolo nokunye.Lokhu kuzohambisana nemizamo yomkhakha kahulumeni, okuzovumela ubukhulu nokuthinteka kwenhlalo kanjalo nokwakheka kobudlelwano obusha nababambiqhaza abehlukene emphakathini.Umzamo wokusungula imisebenzi ubandakanya uhlelo olusha lukazwelonke lokuqasha abasizi bothisha nabezikole ezikoleni. Izikole kuyimanje ziyaqasha, zethula amathuba amasha kuyo yonke imiphakathi kulolonke izwe.Ukuqashwa komphakathi akuwona nje umsebenzi ongenakhono. Kugxilwe kakhulu kulabo abaneziqu, abanamathuba obuhlengikazi, abaneziqu zesayensi, abanamakhono omsebenzi wezandla kanye nabanye.Umzamo wokusungula imisebenzi uzophinde uvikele imisebenzi emikha kheni entekenteke eshayeke kanzima ngubhubhane.
 Ukwesekwa kuzohli nzekelwa abasebenzi Bo kuthuthukisa Ukukhuliswa Kwabantwana, ikakhulukazi abesifazane abaziqashe bona. Abalimi abancane abanga phezu kwezi-74 000 nabo bazohlomula ezibonelelweni zomkhiqizo.Njengesizwe, sidinga ubuciko nesiko ukuphakamisa umoya wethu futhi umzamo wokusungula imisebenzi uhlinzeka ngoxhasomali olusha oluzosiza ukuthi umkhakha ubuyele uzimele, kubandakanya ukweseka ukusungulwa kolwazi ngedijithali kanye nokwandisa izinkundla zokuthengiselana nge-inthanethi.Lokhu kuzovumela amaciko ukuthi ashintshele kuzimo ezintsha zemakethe ezilethwe ngubhubhane kithina nokubamba amathuba amasha ukuze akhule.Umsunguli obucayi wemisebenzi eminingi, owenziwe wabaluleka kakhulu ngenxa yobhubhane, ukuxhumana. Ukunqoba ukwahlukana kwezedijithali, lo mzamo uzohlinzeka ngesivinini so-kusebenza kwe-inthanethi, esingabizi kakhulu kuma khaya anemalingeniso enca ne ngokusebenzisa uxhaso olusha lwezokuxhumana nokufakwa kwe-WiFi yamahhala emphakathini.Njengoba izwe lethu lilulama kubhubhane olubi lwe gciwane le-corona, asingabazi neze ngomsebenzi omkhulu osasimele phambi kwethu.Kumele sizuze ukuvusele lwa komnotho okusheshayo futhi okubandakanya wo nke umuntu. Kumele senze ukuthi abantu bakithi abaningi baqalise ukusebenza futhi. Kumele futhi sizithole ukuthi simephi mayelana nokuhlinzekwa kwezinsiza eziyisisekelo nengqalasizinda ebucayi, ukubhekana nezinselele zenhlalo kanye nokuguqulwa kwamalokishi nemiphakathi yasemakhaya. Ukuqashwa komphakathi kungakwenza konke lokhu okungenhla: ukusungula imisebenzi yesikhathi esifu shane ngesikhathi izimakethe zisalulama, kanye nokusu ngula ubugugu bomphakathi sikhathi sinye.Isibonelo sihlale sishiwo  ohlelweni olukhulu lo msebenzi womphakathi owenziwa iMelika emva kwesehlakalo esinzima sokuwa komnotho i-Great Depression ngeminyaka ye-1930.  Lokhu kwakungewona nje umzamo, kodwa kwagqugquzela ukubamba iqhaza komphakathi nokuzibandakanya.Ziningi izibonelo zezi nhlelo ezintsha zemisebenzi yomphakathi emhlabeni othuthukayo, kubandakanya i-India, i-Ethopia kanye nalapha eNingizimu Afrika. Lezi zinhlelo zitshala ngqo izimali eminothweni yase khaya, zifinyelela ezindawe ni ezihlwempu kuqala, ze seka amabhizinisi asekhaya amancane bese ziqhubeke njalo ukusuka lapho ngobubanzi bomnotho.Ziphinde zigqugquzele ukubamba iqhaza komphakathi nokuzibandakanya, ngokuhlinzeka imiphakathi ngezindlela zokushintsha izimpilo zayo ngokuthatha umsebenzi omusha. Ngokwenza njalo, zifaka isandla ekwenzeni izinguquko ezi ngeni lasekhaya kanye na semphakathini ngobubanzi.Ukutshala ngqo izimali emphakathini ukuze kwesekwe imisebenzi noku sungula amathuba omnotho azokhiqiza ubugugu bo mphakathi kwenza oku ngaphezu nje kokubhekana nesimo esinzima sokuswe lakala kwemisebenzi.Kuyaphenduleka, ngoba kusetshenziswa izinsiza zikahulumeni ukubhekana nezidingo zomphakathi, ku ngaba amathafa, ukuvikelwa kokudla, ezinye izikhungo zokuthuthukiswa koku khula kwabantwana, noma ukwenza ngcono imigwaqo futhi ifinyeleleke kalula.Kuyinqubekelaphambili, ngoba kuhlinzeka ngokuvikelwa komphakathi nemalingeniso evikelekile kulabo ababhekene nenhlu pheko ngenxa yokungakwa zi ukuthola umsebenzi.Lokhu kungukubekelela ikusasa, ngenxa yokuthi kusekela uhlelo lokuvuse lelwa komnotho ngokuthola ngokuphuthuma okukhulu ukuthi abantu bethu basebenze ukwenza ngcono ingqalasizinda yethu kuzwelonke nakomasipala.Ngokungenelela emizameni, sisungula imisebenzi kulabo abayidingayo, ngesikhathi sishiya umphumela oyohlezi ukhona njalo emi phakathini yonke.Njengezinye izinhlelo zomsebenzi womphakathi emhlabeni jikelele, lo mzamo wamathuba emisebenzi usekela futhi ugcwalisa iqhaza elibalulekile lomkhakha ozimele ekusunguleni imisebenzi. Kuyaphambana-ke, ukuthi uma ukuvuselelwa komnotho kukhuphuka, izinga lemisebenzi emphakathini lizokwehla.Isipiliyoni somsebenzi namakhono azotholwa ngaba zuze kuMzamo kaMongame li Wokusungula Imisebenzi kuzovuselela amathemba okuqashwa ngokusemthe thweni.Isipiliyoni esitholiwe futhi siyindlela eholela ekuziqa leleni ibhizinisi lakho. Aba bambe iqhaza bazothuthu kisa amakhono abo kanye nolwazi lwabo ukuze baqale awabo amabhizinisi, futhi bangasebenzisa imalingeniso ehlinzekwe ngemisebenzi yomphakathi ukuziqalela eminye imisebenzi engabe nzela imali.Ngiqinisekisile ngoku ngaguquki ukuthi isimo esibi se-COVID-19 siyintuba yethuba lokuphinde sakhe kangcono.Kulesi sikhathi sesiphithiphithi, siyobe asizenzeli kahle uma senza izithembiso ezingeke zifezeke ezinyusa amathemba, bese siya phoxeka uma zingafezeki. Yingakho omunye nomunye wemisebenzi nokungenelela kokusekela indlela yokuziphilisa kuxhaswe ngoku gcwele, nohlelo olucace bha lokuqalisa ukusebenza.Umzamo wokusungula imisebenzi awusikho nje ukuzibophezela okufi phele kwesikhathi esithile esikhathini esizayo, kodwa umayelana nokusungulwa kwemisebenzi lapha futhi njengamanje.Umzamo wokusungula imisebenzi ungumphumela wokubonisana okujulile neminyango kazwelonke, yezi fundazwe kanye nomasipala ukuze kwakhiwe ngokushe sha izinhlelo zomsebenzi ezizoqala ukusebenza noma zisatshalaliswe ezinyangeni eziyisithupha.Iminyango ezoqalisa imisebenzi kanye nabanye ababambiqhaza bahlolisiswa ukuthi bazokwazi yini ukuqalisa le misebenzi.Kuzozonke izinhlelo ezingaphansi komzamo wokusungula imisebenzi, amathuba emisebenzi azo khangiswa futhi nokuqa shwa kuzoba neqiniso, kuvu leleke futhi kube sobala.Imigomo esizibekele yona eyangempela, iyisilinganiso esilungile futhi iyafezeka, futhi inezifundo kwesidlule kukhona kanye nemisebenzi emihle yomhlaba.Abantu bakithi bame ngomumo futhi bazimisele ngo kusebenza. La mandla ama khulu kumele aboshelwe, namakhono nolwazi lwethu oluhlangene sikusebenzise ukwakha kabusha izwe lethu emva kwegciwane le-corona.Umzamo KaMongameli Wokusungula Imisebenzi wethula umthwalo emindenini ebibekezelele ubusika obude obunzima ngemali ngeniso eyehliswe kakhulu, nalabo bantu asebephile iminyaka eminingi bengasebenzi.Ngempela, umsebenzi ohloniphekile uyilungelo lawowonke umuntu. Ku ngumbandela wokukhula komnotho nokuzinza ko mphakathi.Ngokwenza ukuthi leli lu ngelo eliyisisekelo lisebe nze, Umzamo kaMongameli Wokusungula Imisebenzi usunqume ukufaka isandla ekwakheni umphakathi osebenzayo.