Ukuguqula umkhakha wezolimo

vukuzenzele unnamed

Kamuva nje, uMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo zasemakhaya (i-DLRD) wamemezela ukuthi amalungu omphakathi azokwazi ukufaka izicelo zokuqasha umhlaba wombuso ongamahe ktha ayizi-700 000  ongasetshenziswa noma ohleli nje ezifundazweni eziyisikhombisa.
Ezolimo ziyinsika yesisekelo sokumbiwa phansi kwe mvelo. Ukuba khona nokuse tshenziswa okusimeme kwendawo yokulima izitshalo nokufuya izilwane sizonqoba ngakho.INingizimu Afrika inomhlaba omningi kakhulu olungele umkhiqizo wezolimo, ama-37.9% omhlaba wethu wonke njengamanje usetshenziselwa ezolimo ukuze kuthengiswe.Njengamanye amazwe, umhlaba wethu ovundile usengcupheni yokuncipha kokuvunda, ukungabi namanzi ngokwanele kanye nokusetshenziswa komhlaba ukwakha kuwona. Siphinde silahlekelwe umhlaba wokulima omkhulu kakhulu ngenxa yezinguquko ekusetshe nzisweni komhlaba.Uma sibheka umlando wethu, ukunweba ukufinyelela emhlabeni wokulima imikhiqizo ezothengiswa nokulimela ukuziphilisa kuyinto eseqhulwini kuzwelonke.Yize uhlelo lokuguqulwa komhlaba lwangasemva kowe-1994 luholele ekubu yisweni komhlaba omningi wabuyiselwa kubantu aba nsundu baseNingizimu  Afrika, umphumela oyingozi Womthetho wangowe-1913 Womhlaba Wabomdabu uyaqhubeka nokubonakala ebunikazini bomhlaba wokulima.Lo mthetho waqhubeka na ngaphezu kokuphuca izigidi zabantu umhlaba wokhokho babo.Njengoba ubunikazi  bomhlaba busesezandleni zabayidlanzana, nokukhiqizwa kwezolimo okukhulu nemisebenzi ehambisana nokukhiqizwa iphethwe  ngabalimi abamhlo phe, imiphumela ye sikhathi sethu esedlule  isalokhu inathi namuhla. Ukuqhubeka nokubusa wedwa emikhiqizweni eba lulekile njengomhlaba akusiso nje isithikamezo ekwenzeni ngcono umphakathi oli nganayo; kuzodala inxu shunxushu emphakathini. Ukulambela umhlaba wokulima kuyakhula, ikakhulukazi kulabo abadla imbuya ngothi emakhaya. Ngezizathu eziningi, ukuguqulwa ko mhlaba kulo mkhakha ku hamba ngonyawo lonwabu futhi akugculisi. Ukuguqula ukuphathwa kobunikazi bomhlaba wokulima kubaluleke kakhulu hhayi nje ukuze kubhekanwe no mlando ongenabulungiswa, kodwa ukuze sivikele ukuphepha kokudla kwesizwe sethu. Njengoba kubekiwe embi kweni wangowezi-2019 weSi gungu Eseluleka uMongameli Ngokuguqulwa komhlaba kanye Nezolimo, "ngesikhathi thina sithumela ukudla kwamanye amazwe, emuva ekhaya abantu abangama-41% ezindaweni zasemakhaya kanye nabangama-59.4% emadolobheni abafinyeleli ngokwanele ekudleni.” Ukuguqulwa kwezolimo bekulokhu kuseqhulwini kubaphathi abalandelanayo kusukela kwintando yeningi labantu. Phakathi kowe-1994 noNdasa kowezi-2018 uhulu meni unikeze amahektha omhlaba ayizigidi eziyisi-8.4 kubantu abebencishwe  amathuba ngaphansi kohlelo lokuguqulwa komhlaba. Kodwa le nqubekelapha mbili ilingana nokungaphansi kwe-10% komhlaba ophelele wokulima. Enkulumweni yami Yesimo Sezwe ekuqaleni kwalo nyaka ngazibophezela ukuthi  umhlaba wokulima ongapha nsi kukahulumeni uzodede lwa maduze ukuze kulinywe. Lokhu kuyingqophamla ndo ohlelweni lokuguqulwa kwezolimo, futhi lugcina isithembiso esikuSomqulu Wenkululeko esithi umhlaba kuzokwabelwana ngawo kulabo abasebenza kuwona.Umbono wethu wokuphi nde kwabiwe umhlaba uhlose ukulinganisa phakathi kobulungiswa kwezenhlalo noku lungisa, nokukhulisa imi khiqizo yezolimo ngokuletha abalimi abansundu abaningi emnothweni omkhulu.Umhlaba uyifa eliletha  inzuzo futhi ungasetshenzi swa njengesibambiso ukuzu za elinye ifa.Kumele siqinisekise ukuthi umhlaba odingekayo ukuze kulinywe usetshenziswa ngendlela enenzuzo. Ukuze siqaphe umhlaba onikeziwe kahulumeni ukuze kuli nywe kuwona, isivumelwano sokuwuqasha asidluliseleki komunye umuntu. Abazu zile bazosayina isivumelwano sokuqasha nohulumeni bese bekhokha imali yokuqasha elingana nenani lomhlaba.Kumele futhi siqinisekise ukuthi abalimi bayasekelwa baze basimame futhi benze inzuzo.Njengengxenye yalolu hlelo, abazuzile bazoqeqeshwa ngokulawula izimali kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi. Isikhathi esidlule sibonise ukuthi abalimi abasafufusa nabasebancane ba jwayele ukuswela amakhono kwezezimali ukubhekana namathuba ezimakethe kanye nokuzihlanganisa nokwenziwa kwemikhiqizo.Sibeke eqhulwini abesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka njengabantu abazozuza.Sekube nempumelelo  ebonakalayo ngokuhlomisa abalimi besifazane ngaphansi kwesu lokutholwa komhlaba i-Pro Active Land Acquisition Strategy (i-PLAS). Ezifundazweni eziningi, abesifazane asebenikwe amapulazi yi-DLRD bakwazile ukuwaqhuba ngempumelelo futhi sebedlulele ekukhiqizeni imikhiqizo ethengiswayo. Ukwengeza ekutholweni komhlaba ngokwawo, u Mnyango uyaqhubeka no kutshala izimali kwingqala sizinda, izinsizakusebenza nemishini ukuze labo somabhizinisi abancane bezokwazi ukuqhuba amabhizinisi aphumelelayo.Ukusabalalisa ukufinyelela emhlabeni nasemathubeni okulima kuzosekela ukusu ngulwa kwemisebenzi kanye nokuthuthukiswa kwama bhizinisi, futhi kuthuthukisa imakethe yokudla, izimpahla zolimo kanye nezinsiza.Inhloso enkulu yokudedela lezi ziqephu zomhlaba ngukuguqula isimo sezolimo ngokukhulisa isizukulwane esisha sabalimi. Ukuqasha umhlaba ngaphansi kwezimo ezivunayo kumele kubenze bacabange okukhulu; hhayi nje ukukhulisa amabhizinisi abo kodwa ukwenza ngcono ingcebo okwabelwana ngayo kanye nokuchuma emiphakathini abalima kuyona.Kumele bapholise ama nxeba obandlululo  lwesikhathi sethu esedlule. Kumele bayichithe inkolelo ethi abalimi abamhlophe kuphela abaphumelelayo ekuthengiseni eNingizimu Afrika, nokuthi abalimi aba nsundu bahlale 'befufusa.'Ekusebenzeni lo mhlaba; ukuwusebenzisela ukukhiqiza, nakanjani bazophendula izinkemba zibe ngamageja. Bazoba yizibonelo zokubu yisana kwezwe.