I-CGE ihlinzeka ngentuba yokufinyelela kwezobulungiswa

Dale Hes

Izisulu zodlame olu bhekiswe kubulili  obuthile (i-GBV) ezi sokolayo ukuthola usizo kanye nokwesekwa ezi kudingayo ziyanxenxwa ukuthi zixhumane neKho mishana Yokulingana  Ngobulili (i-CGE).
I-CGE ingasiza mayelana nemali yesondlo somntwana, ukunukubezwa kwezocansi, ukubandlululwa ngokobulili kanye ne-GBV , futhi inikezela ngokwelulekwa kwamahha la kwezomthetho kanye nezi nsiza kwizisulu.
Owalekhomishana u-Mo fihli Teleki uthi indima edla lwa yi-CGE wukuthi isize izisulu ukuba zivule amacala enkantolo. “Umnyango we zomthetho uphelezela lowo onesikhalo ukuya enkantolo kamantshi ukuyovula ama -cala odlame lwasekhaya futhi usize ukugcwalisa wonke amafomu okufanele agcwali swe. I-CGE iphinde idlale indima ekuqapheni amacala, abandakanya ukudlwengu lwa kanye nokuphulwa komthetho wezocansi, uku nukubezwa ngokwezocansi kanye nokubulawa kwabesi fazane.” I-CGE iphinde isize isisulu ukuthi sithole incwadi yomya lo wenkantolo yokuzivikela kanti futhi isebenzisana noPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke ukuqinise kisa ukuthi izisulu zithola ukugculiseka ngamacala.
“Kulesi simo, i-CGE ila ndela ukubhekwa kafushane kwecala iWatching Brief futhi ibhekisise nomsebenzi owe nziwa ngamacala e-GBV kanti futhi iphinde ihlaziye izingqinamba ezingumgo godla, ezifana nokungabi nazwelo kuziphathimandla eziphethe icala, ukuphinde kuhlukumezeke kabili kwa labo abasindile kanye noku ngabi nazwelo uma ku -phoswa imibuzo,” kuchaza u-Teleki.
Umangabe izisulu ziyaku sokolela ukuthola ubulungi swa Ezinkantolo ezibheke lele Udlame Lwasekhaya, i-CGE ingakwazi ukuzikhu lumela, ngokuhlinzeka ngo kumelwa kwezomthetho.
Iphinde futhi ikwazi ukudlu lisela izisulu ukuze zithole  ukwesekwa  ngokwengqo ndo.Insiza ebalulekileI-CGE beyiqhubeka nokuse benza njengenye yensiza ebalulekile nangesikhathi sokuvalwa kwezwe.
“Nakuba amanye ama cala ezinkantolo ehlehlisiwe ngenxa yomonakalo woku valwa kwezwe, izimo ezi phuthumayo ezihlanganisa udlame lwasekhaya kanye ne-GBV kuzoqhubeka ku nakwe ngaphansi kwezi ndlela zobulungiswa,” kusho u-Teleki.
I-CGE iyakuqinisekisa uku thi amalungelo omphakathi ayavikeleka. “INingizimu Afrika iyizwe elinenku luleko, elizinikele ekubalule keni kwamalungelo abantu, kubandakanya ilungelo lokulingana kanye nokwa zisa isithunzi somunye umuntu, njengoba kubekiwe kuMthetho-sisekelo.” 
Bhalisa isikhalazoIzisulu ze-GBV kanye nokuhlukunyezwa zingash ayela inombolo ye-CGE yamahhala ethi:  0800 007 709 ukuze zibhalise isikhalazo.Bangaphinde futhi bathumele umlayezo  kwikhasi leFacebook  elithi: Gender Commission of South Africa.


 