Abezindaba baseNingizimu Afrika bayinsika yentando yeningi labantu

vukuzenzele unnamed

Emazweni amaningi emhlabeni jikelele, ubhubhane lwegci wane lecorona  lunciphise inkululeko yomphakathi lwaphinde lwalinga ubu mbano lomphakathi.
Kodwa amazwe anezikhu ngo eziqinile, izinhlelo zobu lungiswa eziqaphile kanye nabezindaba abanamandla akwazile ukugwema ukuthi amalungelo abantu  abukelwe phansi nokuhlukunyezwa kweziphathimandla zo mbuso.
Sekube yizinyanga ezi yisithupha selokhu kwame nyezelwa isimo senhlekelele kazwelonke. Ngaphezu kwesimo esingakaze sibonwe sesifo kanye nezingqinamba zokubeka izwe elinabantu abayizigidi ezingama-58 ngaphansi kokuvalwa kwe zwe, senze kahle kakhulu.
Sikwazile ukunqanda uku bhebhetheka kwegciwane ikakhulukazi ngenxa yokuse benza ngokubambisana nokuqaphela kwazo zonke izakhamuzi.
Lokhu akuyona into enca ne ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwa bezindaba bakithi.
Kumele sizibonge kakhulu izintatheli ezisebenza kanzi ma nangokuzimelela zase Ningizimu Afrika. Bezilokhu zinikeza abantu bakithi ulwa zi ngokusabalalisa imiyalezo yezempilo yokuqhelelana kubantu kanye nenhlanzeko.
Zikwenze lokho ngaphansi kwezimo ezinzima, esikha thini esiningi nezinsizakuse benza zinganele.
Zisitshele ngezindaba zemiphumela yokuvalwa kwezwe ezimpilweni zabantu kanye nasemabhizinisini abo.
Beziphumile ziye emakhaya, emadolobheni nasemado lobhenikazi, ziletha izindaba zabantu abajwayelekile futhi zidonsa amehlo esizwe ezinkingeni okubhekenwe nazo ezibhedlela nasemitho lampilo, zigqugquzela ukuthi uhulumeni asukume.
Abezindaba bakithi basikha nyisele indlela ebesingeke siyibone nje. Bayifezile indi ma yabo emphakathini ngokuvundulula izenzo zenkohlakalo nokunga phathi ngendlela, basusa inkulumo-mpikiswano enku lu kuzwelonke ekuphenywe ni kwamacala asezingeni eliphezulu. Ngalokhu kubika kwabo sebezuze ukwethe njwa ngabantu.
Inkululeko yabezindaba ayi yona isiphetho. Ingukugcina nokuphakamisa intando yeningi labantu. Ngesikhathi salolu bhubhane, abezindaba bakithi abadlalanga nje indima yabo emphakathini eyaziwayo, kodwa benze umsebenzi womphakathi ekwesekeni umzamo ka zwelonke wokunqanda igci wane lecorona .
Ngenxa yokubaluleka kwabezindaba ekuphileni kwentando yeningi yethu, kukhathaza kakhulu ukuthi njengayo yonke eminye imikhakha yomnotho, inkinga yegciwane lecorona  ihlasele kanzima abezindaba. Ezinye izinkampani ezishicilelayo zilahlekelwe ingenisomali engamaphesenti angama-60 ezinsukwini zokuqala zoku valwa kwezwe. Izinkampani eziningi kwamele zinciphise amaholo, zinciphise inani labasebenzi noma zinciphise amahora asetshenzwayo.
Okubuhlungu, ezinye  izinkampani ezishicilelayo ziphoqeleke ukuthi zivalwe, phakathi kwazo nga maphephabhuku asungulwa kudala futhi aziwa kakhulu eNingizimu Afrika.
Ukulahleka kwemisebenzi okubangelwe ukuvalwa kwezwe sekwandise inkinga yezinkampani zabezindaba ezivele zibhekene nezi nselele ezifana nezimali zokukhangisa, ukusatsha laliswa kwephephandaba kanye nesabelo semakethe esesihlwithwe izindaba ezikhishwa ngomakhale khukhwini nangobunye ubuchwepheshe. Lezi zingqi namba zemali zihlasele yonke indawo, kusuka kuzindaba zaku-inthanethi kuya kulwa zi olubhalwe ephepheni kuya kubasakazi.
Lolu olunye lodaba olwa phakanyiswa ngesikhathi sezingxoxo zami zakamuva nje nenkundla Kazwelonke yaseNingizimu Afrika Yabahleli i-South African National Editors’ Forum.
Esikhundleni sokubalisa ngekusasa labo, kunalokho, imboni yabezindaba isebenza kanzima ukuhlela kabusha ibhizinisi, ukuza nezindlela ezintsha kanye nokugcina abasebenzi ngayo yonke indlela.
Ngaso leso sikhathi, abezindaba bayibhizinisi elehlukile kunoma imuphi umphakathi ngenxa yokuthi abasebenza kulona bafezekisa indima ebaluleke kakhulu kwintando yeningi labantu.
Basebenza ukugcina umpha kathi unolwazi nokugcina abaphethe emgqeni.
Sidinga izintatheli eziningi, hhayi ezimbalwa. Yingakho nje ukulahlekelwa ngisho yi ntatheli eyodwa kungalahle kelwa imboni kuphela kodwa silahlekelwa njengezwe.
Sidinga omakadebona bezintatheli bakithi, aba zoletha isipiliyoni kanye nezikhumbuzo zabezindaba, futhi abazokwazi ukuletha imibiko ebucayi nenolwazi.
Ngaso leso sikhathi sidinga izintatheli eziningi ezisenca ne ezazi ezobuchwepheshe, ezihambisana nezindlela ezintsha zokuxoxa izindaba futhi ezixhumene nezinkinga ezibhekene nentsha.
Njengomphakathi kumele seseke ngokuphelele  abezindaba. Noma ngabe kumele sikhethe ukuthi si khokhele okuqukethwe izindaba, ukusekela izinta theli ezixhaswe ngeminikelo yomphakathi, ukukhokhela amalayisensi akwa-SABC noma nje ngokuthenga iphe  phandaba, sonke singadlala indima yethu ukwesekela le mboni esenkingeni. Njengo hulumeni, ngaphezu kwesimo somnotho ontengantengayo sizoqhubeka nokukhangisa kulabo abashicilelayo na basakazayo, ikakhulukazi abezindaba basemphakathini.
Umkhakha ozimele kumele nawo uqhubeke nokweseka le mboni ngokukhangisa kanye nokusebenzisana nabezinda ba ekukhiqizeni izindaba ezi ntsha ezisezingeni lomhlaba.
Labo abanesihe balapha ekhaya kanye nezinhlangano ezinikelayo kumele nabo bangenelele basekele amabhi zinisi abezindaba, njengoba kunjalo kwintando yeningi labantu.
Ukwanda kwezindaba ezi ngelona iqiniso ngesikhathi sobhubhane, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, kwengeze isidingo esiphuthu mayo sezindaba eziningi ezinembayo, ezilungile futhi ezingathathi cala. Ngalesi sikhathi abantu bakithi bathembele kwabezindaba ngolwazi, futhi sibukela phansi ukubaluleka kwabo njengezinsika zentando yeningi labantu.
Njengoba siqala umsebenzi omkhulu wokwakha kabu sha umnotho wethu emva kwemiphumela yobhubhane, imboni yabezindaba izodinga ukuthi siyisekele kakhulu kunakuqala. Inkululeko ya bezindaba yake yachazwa 'njengomnakekeli ongalali walolonke ilungelo elikhulula amadoda nabesifazane'. Nje ngoba sibethulela isigqoko ngendima yabo kulolu bhu bhane, asenze lokho esinga kwenza ukuqinisekisa ukuthi abezindaba abakhululekile nabahlukene ezweni lethu bayakwazi ukunqoba noku phokophelela phambili.  