Inkantolo yeseka izisulu ze-GBV 

More Matshediso

 Uma ngabe uke  wakhahlanyezwa ngudlame olubhe kiswe kubulili obuthile (i-GBV) futhi udinga ukwesekwa enkantolo, uPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke (i-NPA) lunezinsiza ezikhethekileyo ukukusiza.
Uhlelo Lwenkantolo iKe Bona Lesedi luyatholakala eziNkanto lo eziningi ezisebenza Ngezenzo Zokuphula uMthetho Wezoca-nsi kanye nezinye izinkantolo ezisebenza ngamacala ahlobene ne-GBV . Umusho othi Ke Bona Lesedi uhunyushelwe ususelwa olimini lwe-Setswana nochaza ukuthi ‘Ngiyakubona ukukhanya’. Isisulu se-GBV singafaka isicelo sosizo kwi-NPA ukuze sitholeukusizakala. Umshushisiomkhulu womphakathi noma umphathi wenkantolo uzoqoka isikhulu senkantolo ukuze si-kusize. “Lo msebenzi awuthembisi imiphumela ethile okwamanje futhi udaba lomunye nomunye lwehlukile. Noma kunjalo, usiza kakhulu ekunikeni amandla futhi ubuyise isithunzi saleso sisulu,” kusho isitatimende se-NPA. Kunezikhulu zenkantoloezingama-161 ezinkantolo eza-hlukene ezweni jikelele. Lo msebenzi ungezinye zezi-nyathelo eziza nohulumeni ukubhekana nesihlava esihambisana ne-GBV . Ngokusho kwe-NPA, onesikhalazo, isisulu, osindile noma ufakazi bazothintwa yizikhulu zenkantolo zalapho ezothula khona ubufakazi bakhe khona. Isikhulu senkantolo sizoba khona ukuzokweseka lowo onesikhalazo enkantolo futhi kuze kube kuphela ukuqulwa kwecala. Izinsizakusebenza ezikhe-thekileyo kanye namasu kuzose-tshenziswa ukutshengisa isisulu ukuthi siyazwakala, sivikelekile kanye nokuthi sihlonipheke. Lowo onesikhalazo angakhuluma ngolimi lwakhe lwebele futhi isikhulu senkantolo sizoqinisekisa ukuthi isisulu sithunyelwa kwabezokwelulekwa noma ukwelashwa ngengqondo, ukuze baphothule indlela yabo yokupholisa amanxeba. Abesifazane abaningi nezi-ngane ezikhahlanyezwe i-GBV , isibonelo, ukudlwengulwa, ziba nexhala lokuyokwethula ubufakazi phambi kwenkantolo futhi ziveze imininingwane yezehlakalo phambi kwabantu ezingabazi. Lo msebenzi uzo-kwenza ukuthi zikhululeke.
OKUQUKETHWEUngaxhumana nomphathi wenkantolo/umxhuma-Ungaxhumana nomphathi wenkantolo/umxhumanisi ngqo esifundazweni sakho ngokufonela nisi ngqo esifundazweni sakho ngokufonela noma uthumele i-imeyili kule mininingwane noma uthumele i-imeyili kule mininingwane yokuxhumana engezansi:yokuxhumana engezansi:
•	•	Mpumalanga	Kapa	(e-Grahamstown)Mpumalanga	Kapa	(e-Grahamstown)	–	uPumla	Nomfe mele-	041	502	5443 	–	Pnomfemele@justice.gov.za	•	•	Mpumalanga	KapaMpumalanga	Kapa 		(eMthatha)	(eMthatha)	–	uSindisiwe	Buthelezi	–	047	501	2646	–	Sbuthelezi@npa.gov.za	•	•	Free	State	Free	State	 –	u-Ena	Liebenberg—	051	410	6029	-	Eliebenberg@npa.gov.za	•	•	Gauteng	(e-Johannesburg)	Gauteng	(e-Johannesburg)	–		u-Asewa	Fundi	–												011	220	4085	–		Afundi@npa.gov.za	•	•	Gauteng	(ePitoliGauteng	(ePitoli))	–	u-Esther	Kabini	–	012	351	6713	–		Ekabini@npa.gov.za	•	•	Kwa-Zulu	NataliKwa-Zulu	Natali	–	u-Roelien	Wiesner	–	033	3928712	– 	Rwiesner@npa.gov.za	•	•	LimpopoLimpopo 		–	u-Reneilwe	Mashamaite	–	015	483	0302 	–		Rmashamaite@justice.gov.za	•	•	Nyakatho	KapaNyakatho	Kapa 		–	u-Henley	Nathan	Sass	–	054	337	5375	–		HSass@justice.gov.za	•	•	Nyakatho	NtshonalangaNyakatho	Ntshonalanga	–	uMmanotshe	Seletisha	–		012	700	9000	–		Mseletisha@justice.gov.za	•	•	Ntshonalanga	KapaNtshonalanga	Kapa 	–	u-Gary	Titus 	–	021	487	7287/				021	421	7287	--		Gvtitus@npa.gov.za	•	•	Inhloko	Yehhovisi	le-NPAInhloko	Yehhovisi	le-NPA–	u-Karen	Tewson	–																012	845	6399/012	812	6399	–	Ktewson@npa.gov.zaEzinye izinombolo ezibalulekile okufanele uzigcine:
•	Inombolo	Yezimo	Eziphuthumayo	ze-SAPS:	10111•	Isikhungo	Esilawula	i-GBV:		0800	428	428	noma	uchofe	*120*7867#	kunoma	yimuphi	umakhalekhukhwini.•	Abantu	abaphila	nokukhubazeka:	THUMELA	u-‘help’	ku	31531•	Inombolo	Yosizo	Ngokuhlukunyezwa	kwabantu	Besifazane:		0800	150	150•	Inombolo	Yosizo	Lwabantwana	eNingizimu	Afrika:	0800	055	555	•	Inombolo	Yokuqeda	Ubugebengu	ye-SAPS:	0860	10111	noma	uthumele	UMLAYEZO	ku-32211•	Inombolo	yosizo	ngezikhalazo	ezihambisana	ne-GBVF(SAPS):	0800	333	177/	complaintsnodalpoint@saps.gov.za•	Inombolo	Yosizo	oluphuthumayo	Ngodlame	Lwasekhaya:						0800	150	150	•	Inombolo	Yosizo	Ngengculazi	(iAIDS):	0800	012	322