Kwethulwe ngokusemthethweni uhlelo  lweWoza Matrics

Dale Hes  

UHLELO LWEWOZA MATRICS kuhloswe ngalo ukusiza bonke abafundi Bebanga lesi-12 ukuthi bakwazi ukuphumelela izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
Abafundi BakaMa tikuletsheni bakulonyaka kumele babhekane nezingqinamba eziningi ngenxa yesifo segciwane lecorona  (iCOVID-19) .
 UMnyango Wemfundo Eyi-sisekelo (i-DBE) ukuqiniseki-sile ukuthi ukuvulwa kabusha kwezikole ngendlela ephephile kungenye yezinto eziseqhu-lwini, ngokuhambisana  nezinhlelo ezehlukene  zokweseka abafundi  ukuze basizakale ekutheni baqede ngempumelelo lo nyaka wokufunda. Olunye lwezinhlelo uhlelo lweWoza Matrics , olwethulwa ngokusemthethweni mhla lulu-1 kuMandulo ngokusebenzisana nabahlanganyeli bezokusa kaza abaningi kanye nongcweti bezemfundo. Njengengxenye yohlelo, ukufundwa kwezifundo  ezisilele emuva ezifundweni eziyisithupha nokuyizo eziyisisekelo kuzosakazwa emoyeni nsuku zonke isikhathi esingangamaviki ayi-12 ez inkundleni zokusakaza i-SABC, i-DSTV kanye nakuOpenview  (kwiShaneli 122) , kusuka ngehora lesi-8  kuya kwihora lesi-10 ekuseni kuphinde kuqhubeke futhi ngehora loku-1 kuya nge-hora lesi-3 ntambama. Inhloso ukusiza abafundi balungiselele izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Lesi sizinda-lwazi sohlelo siphinde sihlinzeke ngezifundo bukhoma, lapho-ke abafu-ndi bezokwazi khona ukuba nethuba lokubuza imibuzo kothisha. Sizophinde sihlinzeke ngamasu azosiza abafundi. IWoza Matrics  iye yakubona ukuthi ngesikhathi bonke abafundi belahlekelwe isikhathi sokufunda, Ibanga lesi-12 lona likhahlamezeke ngokudlulele, njengoba amamaki abo eba-luleke kakhulu kulokho aba-fisa ukuba yikho kusasa kanye nokuthi izicelo zabo zokufunda enyuvesi zamukelwe.  UNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshe-kga uthi lolu hlelo lubaluleke kakhulu, ikakhulukazi uma ubheka umonakalo omkhulu odalwe yiCOVID-19 . “Umatikuletsheni uhlezi uza nobunzima, kodwa unyaka wezi-2020 ubugcwele ubunzima obungajwayelekile. Ngifuna ukuhalalisela bonke abafu-ndi bethu beBanga lesi-12 kanye nemindeni yabo ngesineke kanye nokuzinikela kwabo. Sekucace kwathi bha manje ukuthi ukwesekwa ngokwengeziwe kuyadingeka kulaba bafundi futhi sizoqhubeka sikuhlinzeke lokho. Zincane kakhulu izi-nyanga ezisele manje ngapha-mbi kokuba kuphele lo nyaka futhi i-Woza Matrics  izonika abafundi ukwesekwa abakudi-ngayo ukuze balungiselele ukuvivinywa kwabo kokuphela konyaka,” kusho yena.Lolu hlelo lwehlukile ngokuthi lubheke ikakhulu iningi lalabo bafundi beBanga lesi-12 ezweni abangakwazi ukungena ku-inthanethi manje namanje kanye nemishini yokuxhumana ngezobuchwepheshe bedijithali. Izi-nhlelo zokusakaza zizotholakala  ukuze zibukelwe  yizigidi eziyi-1.2 zabafundi ababhalela izivivinyo zabo zikaMatikule-tsheni ngoLwezi. UMkhandlu woNgqongqoshe Bezemfundo unxenxa bonke abafundi kanye nabazali ukuba basisebenzise lesi sizinda-lwazi. UMphathi Oyinhloko kwa-SABC uMadoda Mxakwe uthi umsakazo uyaziqhenya ngokuba yingxenye yalolu hlelo. “Ku-yasithokozisa ukuba yingxenye yababambiqhaza ababalulekile ekuvikeleni ukulahleka konyaka kaMatikuletsheni wonyaka wezi-2020. Njengomsakazo osiza umphakathi, sizibophezele emsebenzini ukuqinisekisa ukuthi okuqukethwe ngumsakazo kubandakanya izinto ezibalulekile ezinhlelweni zokufundisa, ikakhulukazi ngesikhathi lapho kudingeka khona.”Imibuzo yakho iphenduliweYiziphi izifundo ezizotholakala?•	I-Maths																																																																																																																																														•	I-Geography•	I-Life	Sciences			•	I-Physical	Sciences			•	I-Accounting			•	I-Maths	Literacy.	Kungani kuqokwe lezi zikhathi, ngoba abafundi kungenzeka babe sesikoleni?•	 Izikhathi	zokuya	esikoleni	ziyashiyana	emikhandlwini				 kanye	nasezifundazweni,	ngenxa	yokulandela	izinyathelo			 zokuziqhelelanisa	kubantu.	Baningi	abafundi	bakaMatiku		 letsheni	abazobe	besemakhaya	ngesikhathi	sokusakaza.	•	 Lincane	futhi	iphesenti	labafundi	abafundela	emakhaya.	•	 Ukusakazwa	kwempela	kuzophindwa	emva	kwehora	lesi-		 4	ntambama	KwiOpenview 	futhi	kuzophinde	kutholakale				 ku-DSTV	Catch-Up .
Kungani kuqokwe uMatikuletsheni kuphela?•	UMatikuletsheni	ungaphansi	kwengcindezi	yokuhlelela	impilo	yawo	emva	kokuqeda	isikole.•	UMatikuletsheni	uye	wabhekana	nokuphazamiseka	kakhulu	ekufundeni	kwawo	ukusuka	ngoNdasa	kowezi-2020	ngenxa	yokuthi	uhlelo	lokufunda	kwawo	aluzange	lwafinyezwa.•	UMatikuletsheni	usasalele	emuva	kakhulu	kuhlelo	lwawo	lokufunda.
Ngingazithola kuphi izikhathi zokubuka?Izikhathi	zokubuka	ziyatholakala	kwimihlahlandlela	Kamabonakude	kanye	nakuwebhusayithi	yeWoza	Matrics 	ethi:	wozamatrics.co.za .	Izinhlelo	zokusakaza	eziphindayo	zizotholakala.	Ngakube lokhu kwesekwa kuhlinzekelwe abazali kanye nothisha?Yebo.	Lezi	zikhathi	zokusakaza	zizoba	nesikhathi	lapho	kunikwa	khona	abazali	amasu	ngezindlela	zokuthi	abazali	bangamuseka	kanjani	umntwana	owenza	uMatikuletsheni.	Ezinye	zalezi	zikhathi	zokusakaza	zizogxila	kothisha	futhi	inkundla	yokuxhumana	iWhatsapp 	yothisha	boMnyango	Wemfundo	Eyisisekelo	izothumela	imilayezo	ebalulekile	kothisha.	Ngakube kuzokwenzeka yini ukuthi kugxilwe ekub hekaneni nobunzima obubhekene noMatikuletsheni?Yebo.	Kuzoba	khona	izikhathi	zokusakaza	lapho	kuzo-gxilwa	khona	ekuhlinzekeni	ngamasu	okubhekana	nempilo	yomfundi,	ukumelana	nobunzima	kanye	nokulawula	ixhala.	Ngolwazi oluthe thuthu, vakashela iwebhusayithi yeWoza Matrics kuwozamatrics.co.za  noma uthumele i-imeyili ku: info@wozamatrics.co.za


