Masivikele abesifazane nabantwana bethu

vukuzenzele unnamed

Onyakeni owedlule, osukwini oluseduze nje, izinku lungwane zabesifazane, amadoda kanye nabantwana bamashela ePhalamende ukuyobhikishela ukulwisana nesihlava sokudlwengulwa kanye nokubulawa kwabesifazane namantombazane.
 Ngaleso sikhathi, isizwe sasi sakhungathwe ukubulawa kuka-Uyinene Mrwetyana, u-Leighandre Jegels, u-Jesse Hess kanye nabanye abesifazane abaningi abalahlekelwa izimpilo zabo ngezandla zamadoda anesihluku.
 Kusuka kuyoyonke indawo, omnca ne nomdala, abafundi nabesifazane abasebenzayo, ababhikishi ababe-bhikisha ngokuthula babephakamise izingqwembe ezazibhalwe ukuthi 'Enough is Enough ' nokuthi ' Am I next?'. Usizi nentukuthelo kwaku-bhalwe emehlweni ngalolo suku. Ngesikhathi ngamukela izimfuno zabo ezazibekwe zacaca bha, kwacaca kumina ukuthi kudingeka sisukume ngokushesha futhi nangokuzimisela. Kwakubalulekile kumina ukuthi ngingaphenduli ngamagama ayize leze futhi nangezithembiso zamanga.
Ezinsukwini ezimbalwa ezala-ndela, ngabiza umhlangano woku-hlala ngokuhlanganyela kwezindlu zombili zePhalamende, lapho samemezela isamba esingu-R1.6 wesigidigidi soHlelo Lwezinyathe-lo Eziphuthumayo zokulwisananodlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (iGBVF).
Ezinyangeni eziyisithupha selokhu sethulwa, ukusetshenziswa kwemali eminyangweni ehlukene kahulumeni kwabuye kwahlelwa kwabusha ngokubeka phambili ukunakekelwa nokwesekwa kwabasindile, ukuqwashisa kanye nemikhankaso yoku vikela, ukwenza ngcono imithetho nezinqubomigomo, ukuthuthukisa ukwesekwa kwabesifazane kwezomnotho, kanye nokuqinisa uhlelo lobulungiswa kwezobugebengu. Futhi njengamanje sisesikhathini lapho ingalo ende yomthetho isiguqulwe kabusha ukuze kuliwe neGBVF . IMithetho-sivivinywa emithathu ebalulekile ehlobene neGBVF  yethulwe ePhalamende muva nje. Ngokwethulwa kwale Mithetho-sivivinywa, sigcina isethembiso esasenza kubabhikishi ngonyaka odlule nakubobonke abesifazane bakuleli lizwe. IMithetho-sivivinywa echitshiyelwe emithathu yenzelwe ukuvala igebe elivumela izaphula-mthetho ukubalekela ubulungiswa futhi inika ngokugcwele abesifazane nabantwana bezwe lethu amalungelo. Le Mithetho-sivivinywa, uma isiphasisiwe yaba imithetho, izosiza ukubuyisa ukuzethemba kwabesifazane bezwe lethu njengoba umthetho ukhona ukuze ubavikele. Owokuqala uMthetho-sivivinywa ochibiyela uMthetho Wokuchibiyela Wamacala Ezobugebengu (Amacala Ezocansi Nahambisana Nawo). Lokhu kwethula amacala amasha okusatshiswa ngokocansi, amacala okulalana kwezihlobo, kanye no-msebenzi wabantu wokubika uma besola ukuthi kukhona ukuhlukunyezwa ngokocansi okwenzekile emntwaneni. Iphinde yelula ukuthi i-Rejista Kazwelonke Yamacala Ezocansi (i-NRSO) ifake lonke uhla lwabaphuli-mthetho kwezocansi. Kuze kube manje, isafake kuphela abaphuli-mthetho kwezocansi abalahlwe ngamacala ezocansi kubantwana noma kubantu abaphila nokukhubazeka ngokwengqondo. Isikhathi sokugcinwa kohla lwesaphuli-mthetho sikhushuliwe, futhi labo abafakwe kurejista kuzomele bakudalule lokho uma befaka izicelo zokusebenza nabantu ababuthaka-thaka. UMthetho-sivivinywauphinde uhlinzekele ukuthi amagama abantu aku-NRSO umphakathi uyakwazi ukuwathola. Isichibiyelo soMthetho-sivivinywa Wamacala Obugebengu kanye Nahambisana nawo sizoqinisa, phakathi kokunye, ukunikezwa kwebheyili kwezaphula-mthetho zeGBVF , futhi sichaze kabanzi ngamacala azothola izigwebo ezincane.Izichibiyelo zibeka izibopho ezi-ntsha phezu kwezikhulu zomthetho kanye nezinkantolo zethu. Uma umshushisi engasiphikisi isicelo sebheyili emacaleni eGBV , kumele abhale izizathu zakhe phansi. Ngaphandle uma umsolwa wecala leGBV  angabeka izimo ezinqala ukuthi kungani kumele akhululwe ngebheyili, inkantolo kumele inqume ukuthi bavalelwe kuze kuphele ukuthethwa kwecala. Ekuthatheni isinqumo esicelweni sebheyili, izinkantolo ziphoqelekile ukucabangisisa ngezinto eziningi. Okubandakanya imibiko yaphambi kokuthethwa kwecala, ukwesatshiswa okunodlame kosindile, kanye nombono wosindile mayelana nokuphepha kwakhe. Mayelana noshwele, ummangali noma isihlobo sesisulu esashona kumele bakwazi ukuyozimela kwi-bhodi likashwele. Ngokubuka amazinga angamukeleki neze odlame kubalingani abasebudlelwaneni  ezweni lethu, sesiqinise ukuhlinzekwa koMthetho Wodlame Lwasekhaya. Udlame lwasekhaya manje selu-chazwa ukuze luvikele labo aba-thembisene umshado, abajolayo, ubudlelwano bamasiko, abatha-ndanayo, ubudlelwano bocansi osebuqhubeke noma isikhathi esi-ngakanani. UMthetho-sivivinywauphinde welule ukuchazwa'kodlame lwasekhaya' ukuze ufake ukuvikelwa kwabantu abadala ekuhlukunyezweni ngamalungu omndeni. Abamangali bazokwazi ukufaka izicelo zomyalo wokuvikelwa nge-inthanethi. Ukugwema isimo lapho izaphula-mthetho zingafihla imilando yodlame lwasekhaya, kuzosungulwa inqolobane yemiyalo yokuvikelwa. Izichibiyelo ezethuliwe ziphinde ziphoqe iminyango Yokuthuthu-kiswa Komphakathi, Owemfundo Eyisisekelo, Owemfundo Ephakeme kanye noWezempilo ukuthi ihlinzeke ngezinsiza ezithile kwabasindile uma kudingeka nokubathumela ukuze bathole ukukhosela nokunakekelwa kokwelashwa. Izimo lapho umshushisi anganqaba ukushushisa uma amacala enziwe ngaphansi koMthetho ochitshiyelwe noma ukusula icala uma kufaka phakathi ukulimala noma lapho kukhona isikhali esasetshenziswa ukusabisa ummangali. Uma mhlawumbe ukuchitshiyelwa okuqinile okwethuliwe koMthetho, uma umuntu othile enolwazi,ekholelwa noma enezinsolo zokuthi isenzo sodlame lwasekhaya lwenzekile emntwaneni, kumuntu ophila nokukhubazeka noma kumuntu omdala futhi ahluleke ukubika kusonhlalakahle noma ephoyiseni angahlawuliswa noma aboshwe. Ngokufanayo, ukuhluleka kwelu-ngu le-SAPS ukulandela isibopho ngaphansi koMthetho kuzothathwa njengokuphula umthetho futhi kumele libikwe kuMabhalane Wophiko Lwamaphoyisa.Umthetho ungumvikeli wokuqala womphakathi, kodwa ikakhulukazi labo ababuthakathaka. Uma senza ngokukhuthala nangokulunga, lokho ikona okuqinisekisa amandla obulungiswa. Abesifazane baseNingizimu Afrika sebekhathele izinyathelo ezingayi ndawo ezingaxazululi ngisho nelu ngelo elibaluleke kakhulu kunawo wonke ukuphila ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba. Lo hulumeni nabambisene nabo bazobenzela kahle abesifazane baseNingizimu Afrika. Angeke sibaphoxe. 