I-NSFAS ifeze amaphu pho ami

More Matshediso 

Isikhwama Soxhaso mali Lwabafundi Lu kazwelonke (i-NSFAS) seluye lavala igebe lezezi mali  phakathi kukaKara bo Mashego (21) nohlelo lwakhe lokuqhuba izifu ndo zakhe.
UMashego odabuka eSebokeng lapha endaweni yase-Gauteng e-Vaal uthi ubengeke akwazi ukuzi khokhela imali yokufunda kanye nezinye izindleko ezi za nokufunda emfundweni ephakeme uma ubengezange wathola uxhasomali lomfu ndaze we-NSFAS.
“Ukwengeza kulokhu, imali yokuphila yenyanga nenya nga engiyithola ku-NSFAS ingenza ngikwazi ukufunda futhi ukulala ngidlile,” kusho yena.
UMashego ungumfundi owenza unyaka wesithathu eziqwini zakhe zobunjiniyela kwezokwakha imigwaqo namabhuloho i-civil engi neering eNyuvesi yasePitoli.
“Imali yokufunda ibiza ngokwedlulele. Ngokomkha kha engiwukhethile, bengi ngeke ngikwazi ukukhokhela ngisho imali yokufunda izi nyanga eziyisithupha, ngi ngasakubali okonyaka owo dwa-ke nje lowo,” kuchaza yena.  UMashego uphothule umatikuletsheni wakhe ngonyaka wezi-2016 futhi wabashaya bonke emakha nda abafundi ayefunda nabo ekilasini lakhe, kodwa wabe enganakho okungamusiza ukuthi akhokhele izifundo zakhe. Waye wafaka ngempu melelo isicelo soxhasomali luka-NSFAS ukuze axhaseke ngonyaka wokufunda wezi2018.
“Lokhu kwanginika  ithuba lokuba ngikwazi ukuthi ngenze amaphupho ami okufundela izifundo zobunjiniyela afezeke. Imfu ndo idlala enkulu indima le ekuthuthukeni kwami futhi mina ingisize ukuthi ngiphumelele kukho konke ebekade ngifisa ukuku feza. Ngaphezu kwalokho, inginike amandla ukuze ngikwazi ukunika abanye amandla ngokubakhuthaza emphakathini wakithi kanye nokuthi lokho kuzofaka isandla ekufukuleni umnotho wezwe lethu,” kuchaza uMashego.
“Nginxenxa yonke intsha yakithi ukuthi ifake izicelo zoxhasomali luka-NSFAS ngokuba ukulandela ama phupho akho akusiyo into ongayenza mahhala nje, kudi nga uxhasomali, kanti futhi u-NSFAS ungakuvalela igebe lezezimali,” kusho yena.
UNgqongqoshe Wezemfu ndo Ephakeme, Ezesayensi Nokuqanjwa kabusha kwezi nto, u-Dkt. Blade Nzimande, usezivulele izicelo zikaNSFAS zonyaka wezi-2021 isikhathi esingangezinyanga ezine, ukusuka mhla ziyi-3 kuNcwaba kuya mhla zinga ma-30 kuLwezi kowezi-2020.
Abafundi abaqhamuka emakhaya antulayo kanye nalabo abasebenza imise -benzi eholela kancane labo abafisa ukuyoqhuba izifundo zabo kunoma yimaphi ama kolishi nama-TVET noma eNyuvesi bangaqala bafake izicelo.
Ukuze ukwazi ukuthola lolu xhasomali luka-NSFAS, lowo ofaka isicelo kufanele abe ngumsinsi walapha eNi ngizimu Afrika futhi aqha muke emndenini lapho ima lingeniso  yomndeni uma isi hlangene ngonyaka ingadluli kwizi-R350 000. Imalingeniso yomndeni yonyaka wonke yezingane ezikhubazekile ingadluli kwizi-R600 000.
“Kulo nyaka wokufunda esikuwo, u-NSFAS usuxhase abafundi abangaphezulu kwezi-700 000, abayizi-248 242 babo basemakolishi angama-TVET kanti abanye abayizi-481 339 abasemanyu vesi (abafundi abaneminini ngwane yokuthi babhalisile).
Lokhu kulinganiswa kukhu phuke ngamaphesenti anga ma-20 ukusuka ngonyaka odlule uma siqhathanisa imininingwane yokubhalisa esayithola esikhathini esifa nayo ngonyaka wezi2019 uqhathaniswa nowezi-2020,” kusho uNgqongqoshe uNzi mande.
U-NSFAS uxhase amaphe senti angama-40 abafundi abasemanyuvesi kanye nama phesenti angama-70 abafu ndi abasemakolishi (amaTVET).  vUsifaka kanjani isicelo •	 Abafaki-zicelo	kumele	bavakashele	ku:	www.nsfas.org.za 	bese	becindezela		ku-	myNSFAS .	Kumele	bavule	i-akhawunti	ye-myNSFAS ,	cindezela	lapho	kubhalwe	khona	ukuthi	 APPLY,	phendula	yonke	imi	buzo	ebuziwe		bese	futhi	ufaka	wonke	lawo	maphepha	adingakalayo.	Uma	usuqedile	ngalokho,	kufanele	bacinde	zele	uSUBMIT.	•	 Uma	usumcindezele	uSUBMIT,	inombolo	ewubufakazi	bokuthi	usifakile	isicelo	izovezwa.	Inombolo	ewubufakazi	bokuthi	usifakile	isicelo	izophinde	ithunyelwe	ezinombolweni	zikamakhalekhukhwini	kanye	ne-imeyili	enikezwe	ngumfakisicelo.	•	 Umfaki-sicelo	angasebenzisa	umakhale khukhwini,	ithebhulethi	noma	ikhompyu tha	ukufaka	isicelo.	Iwebhusayithi	yakwaNSFAS	seyithe	ukushintsha	kancane	ukwenza	ukuthi	kube	lula	ukuyisebenzisa	kanye	nangokuphepha.
•	 Kubafaki-zicelo	abaqalayo	kudingeka	Umazisi	noma	isitifiketi	sokuzalwa	ukuze	ubhalise	futhi	ukhande	imininingwane	yakho	kwiwebhusayithi	yemyNSFAS .	Kanti	abafaki-zicelo	asebenawo	amaakhawunti	badinga	ukungena	kuwo	kuphela	–	khumbula,	kuvumeleke	 	ukwenza	imininingwane	yakho	kanye	nje	vo.	•	 Umfaki-sicelo	kumele	anike	umuntu	wesithathu	imvume	yokuba	abheke	imininingwane	yakhe	kanti	uma	benga vumelani	ngalokhu,	ngeke	bavunyelwe	ukuba	baqhubeke	nokufaka	isicelo.	•	 Ngenxa	yesizathu	sobhubhane	lwegci wane	lecorona,	abafaki-zicelo	ngeke	kudingeke	ukuba	bathumele	noma	bafake	incwadi	yemvume.	Ukunalokho,	bazocelwa	ukuba	bamukele	imigomo	ne mibandela	kwifomu	lemvume	ngezobu chwepheshe,	okuhambisana	nemigomo	nemibandela	yoxhasomali.	•	 Abafundi	kusafanele	bathumele	amaphepha	aseka	izicelo	zabo	(umazisi	womfundi,	incwadi	engubufakazi	bema lingeniso	kamzali/	umnakekeli	womfundi,	umazisi	kamzali/	umnakekeli	womfundi,	nefomu	A	labafaki-zicelo	abakhubaze kile.	  UKarabo Mashego ofundela iziqu zobunjiniyela, ubonga Isikhwama Soxhasomali Lwabafundi Lukazwelonke (i-NSFAS).