Masigcinane siphephile

vukuzenzele unnamed

Izwe lethu lehlele esigabeni sesi-2  sokuqapha ekulweni kwethu nobhubhane  lwegciwane lecorona .
Lokhu kube njengokukhu luleka kubobonke abantu baseNingizimu Afrika abesebephila ngaphansi kwemikhawulo enzima izi nyanga eziyisihlanu eze dlule.
Kuluphawu lwenqubeke laphambili esiyenzayo uku nciphisa ukusuleleka okusha kanye nomthamo ezikhu ngweni zethu zezempilo.
Futhi kungukuthuthuka okubalulekile kakhulu njengoba siphokophelele ekuqaleni umnotho wethu kabusha.
 Kodwa-ke kusesekuseni kakhulu ukuthi singajabula.
 Sisaphila phakathi kwalo mashayabhuqe wobhubhane osuthathe izimpilo zabantu abayizi-11 000 eNingizimu Afrika kuphela nje. Ezi gamekweni eziqinisekisiwe ezingaphezu kwesigamu sesigidi, sisahleli esibalweni sesihlanu samanani aphe zulu kakhulu okwesuleleka emhlabeni. Futhi kuhlale kunethuba lokuphinde si bheduke isifo.
 Uma kwenzeka sidinga into ezosikhumbuza isidingo sokuthi siqaphelisise, kumele sibheke izigameko zaka muva ezenzeke endaweni engamakhilomitha ayizinku lungwane e-New Zealand.
Ezinyangeni ezintathu emva kokumemezela izwe njenge lingasenalo igciwane lecorona, i-New Zealand isiphinde yaba ngaphansi kokuvalwa kwezwe. Yize ukuqubuka kwegciwane kwakamuva kwaba nezigameko ezimba lwa, uhulumeni waphinde wabeka imikhawulo yoku valwa kwezwe ngokupha zima kweso.
 Imikhawulo efanayo kumele ukuthi iphinde ibekwe ezingxenyeni ezini ngi zaseYurophu njengo ba bebhekane ‘nehlandla lesibili’ lokusuleleka. Lezi zigameko zibonisa ukuthi izinto zingaguquka kanjani ngokuphazima nje kweso ngenxa yeCOVID-19 .
 Kuyisixwayiso kunoma ngubani phakathi kwethu ongaphupha emini ukuthi selidumela emansumpeni ekuboneni isiphetho saloku kufa kwempilo yomphakathi ephuthumayo.
 Nomakanjani, ikhona inhla nsi yethemba elokozayo.
Inani lezigameko ezintsha eziqinisekisiwe eNingizimu Afrika liyaqhubeka nokwe hla. Esicongweni sesifo enya ngeni eyodwa eyedlule, inani lezigameko eziqinise kisiwe ezintsha beliyizi-12 000 ngosuku. Lokhu sekwe hle kwaya esilinganisweni esiphakathi esiyizi-5 000 ngosuku evikini eledlule.
Izinga lethu lokululama lime kumaphesenti angama-80.
 Njengoba izwe lehlela esigabeni sesi-2 sokuqapha, imikhawulo eminingi kwe zenhlalo nakwezomnotho isi susiwe. Lokhu kuza nobungo zi obukhulu bokusuleleka.
 Manje sekumele silawule ubungozi futhi siqinisekise ukuthi esesikuzuzile kuze kube manje ekubambeze leni ukubhebhetheka kobhu bhane akubuyeli emuva.
Ubungozi obulengele impilo yesizwe njengamanje ukwe qiwa injabulo bese sikhohlwa ubungozi. Kungenzeka ukuthi manje sesivumelekile ukuhlangana nabangani nomndeni, ukuvakashela izindawo zokuzijabulisa, ukuthatha uhambo kuyonce belekwa nokuphuza utshwa la ezindaweni zokudlela, ezindaweni zokuphuzela utshwala nasemathaveni.
 Kodwa njengesisho saku dala esithi, ukuthi unga kwazi ukwenza into, lokho akusho ukuthi kumele uye nze.
 Abantu abaningi abahaqwe igciwane lecorona  abanazo izimpawu futhi kungenzeka bangazi nakwazi ukuthi ba sulelekile. Leli iqiniso eli hlasimulisa umzimba ngoba lokhu kusho ukuthi noma ngubani kithina kungenzeka usulelekile njengamanje futhi kungenzeka usulele abanye ngokungenhloso.
Kuzoba njalo uma ku vakashelwa izihlobo, ikakhu lukazi abantu asebekhulile kanye nalabo abanezifo ezi ngamahlalakhona ezibenza babe buthakathaka ekwe sulelekeni. Futhi kuliqiniso uma kuthanyelwa izinkonzo noma imicimbi yamasiko.
 ‘Ihlandla lesibili’ lokwe suleleka amanye amazwe amaningi abhekene nalo into ehlezi ingenzeka na kuthina. Yize imikhawulo eminingi seyisusiwe, lokhu akusho ukuthi ngeke iphinde ibuyiswe uma kungenzeka sibhekane nokukhuphuka kokusuleleka. Lolu bhu bhane luyisimo sokufa noku phila. Kumele sivumelane nesimo futhi sidinga ukuthi siqaphelisise.
Ezinsukwini, emavikini nasezinyangeni ezizayo, kumele ngokuphuthumayo sibhekane nemizamo yethu yokululama. Umnotho wethu nomphakathi wethu bakhahlamezeke kakhulu.
Njengoba sesibuyela emse benzini cishe kuzozonke izimboni – futhi sisebenza ukulungisa umonakalo owenzekile – sinesibophe zelo sokungayekeli uku hlale siqaphile njengomunye nomunye, njengabaqashi, njengomphakathi, njenge mindeni, njengochwephe she, njengabasebenzi kanye nezakhamuzi.
 Akekho kuthina ofuna ukubuyela ezinsukwini ezi dlule zemikhawulo eqinile yokuvalwa kwezwe. Sifuna ukuqhubeka nezimpilo zethu. Sifuna abangani bethu nabathandiweyo bethu bahlale benempilo futhi be phephile.
Njengesizwe, asiqhubeke sisebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi  siqhubekela phambili.
Ukwehlela esigabeni sesi2 sokuvalwa kwezwe akuyona nje ‘inkululeko kawonkewonke.’ Imithetho yokuqhelelana, ukugqokwa kwezifonyo, imibuthano yomphakathi kanye noku vakashela amanye amazwe isamile.
Impumelelo yethu ilele ekuthobeleni kwethu le mithethonqubo futhi noku qinisekisa ukuthi omunye nomunye uziphatha ngoku zinakekela nangokuzibo phezela.
Ngaso sonke isikhathi uma sicabanga nanoma isiphi isenzo esingabalulekile, kumele sibuze ukuthi: ibu phi ubungozi bokusuleleka kuthina nakwabanye? Lapho kukhona khona ubungozi, noma ngabe buncane kanga kanani, kungcono ninga kwenzi.
Asiphokophele phambili, njengakuqala, ngokuqa phela. Asigcine omunye no munye ephephile. 