Ukulawulwa kweCOVID-19 : Ekhaya kanye nasezindaweni zokunakekela

Allison Cooper

KUBALULEKE kakhulu ukuba kakhulu ukuba uziqhelelanise nabanye abantu, noma ngabe uziqhelelanise nabanye abantu, noma ngabe usekhaya noma usekhaya noma esikhungweni sokuhlala ngawedwana samahhala, uma ngabe sewuhlonzwe njengosene-esikhungweni sokuhlala ngawedwana samahhala, uma ngabe sewuhlonzwe njengoseneCOVID-19COVID-19 ..
Abantu abaningi base Ningizimu Afrika asebehlonzwe njengabanegciwane lecorona (i-COVID-19)  baye bakuthole kunzima futhi kungenzeki ukuhlala ngabodwana ngoba amakhaya abo mancane ukuthi umuntu angahlala futhi alale egunjini lokulala ngaphandle kokuthi alisebenzise nomunye.Uhulumeni useqinisekisile ukuthi zikhona izikhungo zokuhlala ngawedwana neziqokelwe abantu asebesuleleke ngaleli gciwane, kanti futhi zikhona nezindawo zokugonqa labo abasalindele imiphumela yabo yokuhlolela leli gciwane. Zombili lezi zi-nsizakalo zimahhala.Ngokuka Dkt. u-Marlin McCay, ongudokotela ogxile e-Florida ese-West Rand, uthi uma usuhlonzwe nje-ngoneCOVID-19  into yokuqa la okufanele uyenze ukuthi wehlise amathuba okuthiibhebhetheke. “Ufuna ukuvikela umndeni wakho,” kusho yena. Ukuze wenze lokhu, kumele uye lapho kuhlalwa khona ngawedwana – kungaba sekhaya noma esikhungweni esiqokelwe ukuhlala ngawedwana. “Uma uqoka ukuzihlalela ngawedwana lokho kuchaza ukuthi kufanele uthole indlu lapho uzozisusa ngokuphelele kuwo wonke amalungu omndeni. Akekho namunye okufanele ukuba asondele kuwe ukwedlula amamitha amathathu. Kumele udle wedwa; usebenzise izinto zakho zokudla kanye nezitsha; usebenzise igumbi lokugezela lakho wedwa, lapho kunge-nzeka khona; futhi uqinisekise ukuthi akekho othintana naye emndenini.“Udokotela noma umnakeke-li wakho wezempilo kumele akusize ngezinye izinto eziyisisekelo zokwelapha ukuda-mbisa izimpawu zaleli gciwane, ikakhulukazi izinto ezifana nokuqaqamba kanye nobuhlungu bomzimba, ikha-nda kanye nemfiva. Kunezinye izakhamzimba noma ubani angazisebenzisa ukuze ahlale engumqemane,” kusho yena.Kubalulekile futhi ukuthi uphumule ngokwanele kanye nokuphuza amanzi anele noma yiluphi uketshezi olu-hlanzekile ukuqinisekisa ukuthi umchamo wakho uhlala umhlophe ngokufanelekile. Abantu abaningi abanokugula okuncane bayaye bazithole beqala ukuzizwa kangconywana emva kweviki lezi zimpawu zokuqala, kodwa kubalulekile ukuthi uqaphelisise izimpawu zakho. Uma ngabe kuba khona nanoma yiziphi izinkomba ezingaba isexwayiso esiphuthumayo, njengezinkinga zokuphefumula, ubuhlungu esifubeni noma ingcindezi esifubeni sakho engedluli, ukukhwehlela igazi, ukuhlala kunqwabelene imicabango, ukuhlala wozela noma ukuba nezindebe noma ubuso obuluhlaza okwesibhakabhaka kumele ubize imoto yeziguli noma uziyele wena esibhedlela ngokuphuthuma.
Izikhungo zokugonqaIzikhungo zokugonqaLabo abangakwazi ukuziqheli sa kwabanye uma behleli ekhaya, uhulumeni wenze izikhungo zokugonqa ezweni jikelele ukugcina wena kanye nabathandiweyo bakho niphephile.UHulumeni waseNtshona-langa Kapa usanda kushicilela ukuphawula okuqhamuka ezigulini mayelana nezikhu-ngo zazo zokuhlala ngawe-dwana.U-Marie Jantjies oqhamuka e-Witzenberg uye waqoka ukulandela iseluleko sabasebenzi bezempilo futhi waya esikhungweni sokuhlala ngawedwana ngoba umama wakhe oneminyaka engama-97 ubudala ebehlala naye nezingane zakhe futhi ubefuna ukubavikela. “Ngaphatheka kahle kakhulu. Ukudla kwabe kwehla esiphundu – ku-mnandi ukwedlula ngishookwasekhaya. Ngabona ukuthi kumele ngihlale ethembeni. Ngangihlala ngokukhathazeka, kepha ngathandaza futhi ngazama ukwehlisa amaphaphu,” kusho yena.“Leya ndawo iyazisindisa izimpilo! Ihamba phambili ngempela,” kusho u-John Arnoldus, owelulama kwiCO-VID-19 esikhungweni soku hlala ngawedwana e-Drake-nstein. “Omunye wabangani bami ubegonqele ekhaya futhi akuzange kube lulaukwelulama ngokwakhe. Ngiye ngamtshela ukuthi athinte laba bantu ababenginakekela – yiyona ndlela yokuthi ululame. Ukwesekwa okuqhamu ka kubasebenzi bezokwelapha kanye nabaphathi bakhona – yikho okukuvusa qingqo,” kusho yena.Ekuqaleni u-Arnoldus  wayemanqikanqika ukuya esikhungweni sokuhlala ngawedwana ngoba wayenomcabango ongekho woku thi uma uya kulesiya sikhungo uzofike ugule kakhulu futhi ushone. “Ngangilindele okubi kakhulu, kepha ngemukeleka kahle kakhulu. Ngibethulela isigqoko abasebenzi beze-mpilo! Bangichazela ukuthi nje-ngoba sengesuleleke ngeCO-VID-19, akekho namunye lapha kule ndawo ozokwenza ukuthi ngigule,” kusho yena.
Yini okufanele Yini okufanele uyilindele uyilindele esikhungweni esikhungweni sokugonqa?sokugonqa?Ngokusho kukaHulumeni waseNtshonalanga Kapa uthi, kufanele wazi ukuthi zonke izidingo zakho zizonakeke-lwa. Uzothola ukudla zikhathi zonke, ukuqashwa kwempilo yakho ngabasebenzi beze-mpilo, izinsiza zokuhlanze-lwa izimpahla, ukunethezeka kanye nokuthula usalulama kanye nokuthuthwa mahhala uya futhi ubuya kulesi sikhu-ngo.
Uma ungeke ukwazi ukuhlala ngawedwana, thinta Inombolo yezimo eziphuthumayo zegciwane leCorona Kuzwelonke ku-0800 029 999 ukuze uthole ulwazi mayelana nesikhungo sokuhlala ngawedwana noma sokugonqa esiseduzane nawe.“Kubalulekile futhi ukuthi uphumule ngokwanele kanye nokuphuza amanzi anele noma yiluphi uketshezi oluhlanzekile ukuqinisekisa ukuthi umchamo wakho uhlala umhlophe ngokufanelekile.”