Ukubuyela emsebenzini emva kokululama kwiCOVID-19

Allison Cooper

Ungabuyela nini emsebenzini uma ngabe uke watholakala ukuthi wesuleleke ngegciwane lecorona (i-COVID-19)? Isikhungo Se zifo Ezithathelanayo Kuzwelonke  sinezimpendulo ozidingayo.
Uma ngabe ngihlonzwa nje-ngoneCOVID-19 , kumele ngi hlale isikhathi esingakanani endaweni yokuhlala ngawedwana?Abantu abahlonzwe njenga-baneCOVID-19 , kepha abangena zo izimpawu, kumele baqhubeke bahlale endaweni yokuhlala ngawedwana ekhaya noma esikhungweni sokuhlala ngawedwana sikahulumeni izinsuku eziyi-10, ukusuka ngosuku othole ngalo imiphumela ethi unaleli gciwane.Labo abanezimpawu ezincane kumele baqhubeke bahlale endaweni yokuhlala ngawedwana ekhaya noma esikhungweni sokuhlala ngawedwana sikahulumeni izinsuku eziyi-10, uku suka ngosuku okwaqala ngalo izimpawu zaleli gciwane.Labo abanezifo ezibucayi, okumele baye esibhedlela, kumele baqhubeke bahlale endaweni yokuhlala ngawedwana izinsuku eziyi-10, ukusuka sebezizwa ngconywana futhi bengasayidingi i-oksijini.
Abantu abaneCOVID-19  bangasi-dlulisela kanjani lesi sifo kwabanye?Ngokuka Ngqongqoshe Weze-mpilo u-Zweli Mkhize, abantu abaningi abanalokhu kugula okungabonakali bangalibhe-bhethekisa leli gciwane phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa kuya kweziyi-12. Noma kunjalo, abantu abagula kakhulu bangaba nobungozi obukhulu futhi bange sulela abanye ngaleli gciwane isikhathi eside.
Ngakube kufanele yini na ukuba ngiphinde ngihlolelwe iCOVID-19 , ukufakazela ukuthi angi senalo leli gciwane, ngaphambi kokuba ngibuyele emsebenzini?Cha. Ukuphinda uhlole abantu abahlangabezana nokugula okungabonakali futhi asebeluleme akunconywa. Umuntu uthathwa njengosephephile ukuba abuyele emsebenzini futhi angaphuma endaweni yokuhlala ngayedwana uma engeke esakwazi ukwesulela abanye ngaleli gciwane. Lokhu kuchaza ukuthi baba nezimpawu zabo zokuqala ezinsukwini ezingaphezu kwezi-10 ezedlule futhi abakabi nazimpawu okungenani izinsuku ezintathu.Ngokuvamile, abasebenzi banga buyela emsebenzini ngaphandle kokuhlola futhi uma:
• Beqede izinsuku eziyi-10 eziyimpoqo ukuthi uzihlale endaweni yokugonqa noma yokuhlala ngawedwana.• Labo ababenezimpawu  ezimaphakathi noma lezo ezibucayi behlolwa kokwezempi lo.• Beqhubeka nokulandela imi khuba yenhlanzeko yomuntu kanye nokuziqhelelanisa kubantu.• Umqashi egada umsebenzi ukuqinisekisa ukuthi akaphi-ndi asuleleke futhi.• Begqoka izimfonyo, kusuka ngosuku lokuhlonzwa okungenani izinsuku ezingama-21.
Ngihlolwe ngatholakala ngi-ngenalo leli gciwane kephangisenezimpawu. Kwenzakalani manje?Kuyenzeka uthole imiphumela okungesiyo. Lokhu kungachaza ukuthi le miphumela yokuhlolwa kokuqala ingathi awunalo leli gciwane, kepha ungahlonzwa nje-ngonalo leli gciwane ekuhambeni kwesikhathi. Uma usaqhubeka uba nezimpawu ze-COVID-19  kumele uthintane nezazi zezempilo.
Kwenzakalani uma ngisaqhubeka ngikhombisa izimpawu emvakwezinsuku eziyi-10?Kuvamile ukuba iziguli ziqhu beke nokuba nezimpawu ukwe-dlula izinsuku eziyi-10. Ukwelulama ngokuphelele kungathatha amaviki ambalwa. Uma ngabe usenezimpawu, thola iseluleko kumnakekeli wakho wezempilo.
Ngolwazi oluthe thuthu ngeCOVID-19 , vakashela iwebhusayithi yeSikhungo Sezifo Ezithathelanayo Kuzwelonke ethi: www.nicd.ac.za, iwebhusayithi yeCOVID-19  yamahhala ethi: coronavirus.datafree.co, shayela inombolo yezimo Eziphuthumayo zeCOVID-19  ethi: 0800 029 999 noma uthumele iWhatsApp  ku: 0600 12 3456.