Ukubungazwa kwabesifazane Ukubungazwa kwabesifazane ngokubabandakanya kwezomnothongokubabandakanya kwezomnotho

vukuzenzele unnamed

NgoNcwaba iNingizi mu Afrika ibu-ngaza Inyanga Yabe-sifazane. Lo mgubho uyisikhu-mbuzo sosuku enyakeni we-1956 lapho abesifazane abayizi-20 000 bamashela eZindlini Zombuso – isixuku sabesifazane abakhu-luma izilimi eziningi, abaphuma ezindaweni ezehlukene futhi babobonke ubuhlanga. Babe-bumbene ezimfunweni zabo zokuqedwa nya kwemithetho emibi yokuphathwa kwamapasi kanye nelungelo labo lokuphila ngenkululeko.
 Isimo nalapho abesifazane eNi -ngizimu Afrika abakhona namu-hla sehluke kakhulu kunaleso esa-sibhekene nomama kanye nogogo bethu ngowe-1956. Sesibuya kude kakhulu ukuze sifinyelele kwi-Ningizimu Afrika engenabu-hlanga, engenabulili, yentando yeningi, ephumelelayo futhi ekhululekile.Sekube nenqubekelaphambili ebonakalayo ekwenzeni ngcono izimpilo zabesifazane baseNi-ngizimu Afrika kwezomnotho, kwezepolitiki kanye nasempi-lweni yomphakathi. Ngaso leso sikhathi, siyazi ukuthi kusekuningi okusamele si-kwenze. Abesifazane basabhekana nokucwaswa, ukuhlukunyezwa kanye nodlame, futhi babhekane ngqo nobumpofu. Uma sizosifeza ngempela isithembiso soMthethosiseke-lo wethu kumele sibhekane nokubekwa eceleni kwezomnotho nasezimalini okwenza abesifazane babe buthaka kakhulu ekuhluku-nyezweni nasodlameni. Sesihlanganyele emkhankasweni oyingqophamlando osihla -nganisa nemizamo yomhlaba jikelele ukuzuza ukulingana ngokobulili ngonyaka wezi-2030. Ukulingana Kwesizukulwana ku-luhlelo olunezifiso nezinguquko oluzoqeda ukucwaswa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nokubandakanywa kwabo okuli-nganayo empilweni yezepolitiki, yezenhlalo kanye nomnotho.Njengengxenye yalo mkhankaso, sesihlangane ‘neMifelandawonye’ emibili, owodwa wezobulungiswa kwezomnotho namalungelo kanye nomunye olwisana nodlame olu-bhekiswe kubulili obuthile. Zo-mbili lezi zingqikithi zibaluleke kakhulu ohlelweni lwethu lukazwelonke. Ezinyangeni ezilishumi nanye kusuka uHlelo Oluphuthumayo Lomabizwasabele lokuqeda udlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane lwaqalwa sekube nenqubekelaphambili ekusabalaliseni ukweseka nokunakekela labo abasindile, inqubekelaphambili iyabonakala kwezomthetho ukubanika ukuvikeleka okuthe xaxa.Ngenyanga kaNcwaba, siqalisa ukusebenza koHlelo Lwamasu Kazwelonke ukulwisana nodlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane. Okubaluleke kakhulu kulolu hlelo kusekuqinisekiseni ukubandakanyeka okukhulu kwabe sifazane kwezezimali. Lokhu kungenxa yokuthi ukungalingani kwezomnotho nokungalingani kwezenhlalo kuyahambisana. Isimo sabesifazane kwezomnotho eNingizimu Afrika kubenza babe buthaka kakhulu ekuhlukunyezweni. Ngakho-ke kumele sikhuphule ukwesekwa kwabesifazane ukuze bakwazi ukuzimela bona ngokwezimali. Sesenze ukuzinikela okuningi ngaphansi Kokulingana Kwesizukulwana okuzoba yimpumelelo ngoHlelo Lwamasu Kazwelonke.Okokuqala, sizoqhuba ukubandakanyeka kwabesifazane kwezomnotho ngentengiso kahulumeni. Sibeke ukuthi sifuna ukuqinisekisa ukuthi okungenani izimpahla ezingamaphesenti angama-40 nezinsiza ezithengwa nguhulumeni zithengwa emabhi-zinisini aphethwe ngabesifazane.Okwesibili, sizokhuphulaukwesekwa kwama-SMME aphethwe ngabesifazane kanye nabesifazane abasebenza imisebenzi engahlelekile noma aba-ngasebenzi. Lokhu kuzobandakanya ukuxoxisana nomkhakha wezezimali ukwenza ukuthi izinsiza zezimali abesifazane bafinyelele kuzona futhi zingabizi. Okwesithathu, sifuna ukuqinisekisa ukuthi abesifazane aba-ningi bayafinyelela ezimpahleni zokukhiqiza ezifana nomhlaba. Kubaluleke kakhulu ukuthi abesifazane babe ngabazuzi bohlelo lokubuyiswa komhlaba. Kubaluleke kakhulu ukuthi izigidi ezingama-75 zamarandi zoxha so lweCOVID-19  ezibekelwe amavawusha ezolimo amaphese-nti angama-53 kwabazozuza kuzoba ngabesifazane basemakhaya. Kumele siqinisekise ukuthi aba-tshali bokudla besifazane kanye nabalimi abancane bayaqhubeka ukuthola ukwesekwa nangale kobhubhane.Okwesine, sifuna ukuqinisekisa ukuthi abesifazane bayavikelwa kudlame olubhekiswe kubulili obuthile ezindaweni zokusebe-nza. Ngalokhu-ke, sizobe sise benza ezingeni likazwelonke nelesifunda ukuvumelana neNgqungquthela yeNhlangano Yabasebenzi Yamazwe Ngamazwe Ngodlame Nokuhlukunyezwa Emsebenzini. Kuyashiwo ukuthi inkululeko ayikhangezwa, kodwa iyatha-thwa. Ukukhululwa kwabesifazane kungamagama abhalwe phansi nje kuphela ngaphandle uma eha-mbisana nokuzinikela kwemikhakha yonke yomphakathi. Njengoba silungiselela ukuphinde sifukule umnotho wethu emva kobhubhane lwegciwane lecorona , sithe ngeke nje sivele sibuyele lapho kade sikhona ngaphambi kokuqubuka kwegciwane. Kumele sakhe isisekelo somnotho owehlukile, phakathi kwezinye zezinto, ozothuthukisa isimo sabesifazane. Lokhu kusho ukuthi utshalomali lwethu kwingqalasizinda akumele lweseke kuphela ukuthuthu-kiswa kwezimboni zasekhaya, kodwa namabhizinisi aphethwe ngabesifazane. Kumele ludale amathuba emisebenzi yabesifazane kuzozonke izigaba zoku hlela, ezezimali, ezokwakha kanye nokunakekelwa kwezingqalasizi-nda. Ngendlela efanayo, njengoba sikhuphula izinhlelo zemisebenzi yomphakathi, kumele siqinisekise ukuthi abesifazane abasebasha ikakhulukazi babamba iqhaza. Ekwengezeni kumalingeniso, lezi zinhlelo zizobahlinzeka ngethuba lokufunda amakhono kanye nesipiliyoni esidingekayo ukungena kumnotho ohlukahlukene.Noma kuyisibopho sikahulumeni ukuhlinzeka abesifazane ngamathuba omnotho futhi akhe uhlaka oluvumela ukuphucula ukulingana ngokobulili, wonke umuntu emphakathini kudingeka ukuthi adlale indima yakhe.Amabhizinisi kumele asekele amabhizinisi aphethwe ngabesifazane ekuthengeni izimpahla nezinsiza. Kumele baqashe abesifazane kakhulu futhi babeke abesifazane abaningi ezikhundleni zokuphatha. Lokhu kubaluleke kakhulu uma ubheka ukuthi ucwaningo lo-mkhakha ozimele mayelana nokumelwa kobulili ezingeni loku phatha lubonisa ukuba semuva kunalolo lomkhakha kahulumeni. Lena inkinga ehlale ivela ezingxoxweni engibe nazo nezinhlangano zamabhizinisi abesifazane ezi-ningi. Ngokulinganayo, kumele siqede ukungafani emiholweni yabesilisa nabesifazane, bese sila-ndela isimiso somholo olinganayo oqukethwe kuMthetho Wokuqa-shwa Ngokulingana.Abesifazane kumele bavikelwe ekuhlukumezweni nasekuba-ndlululweni endaweni yokusebenza. Kusemahlombe abashayeli bezithuthi, abaphathi bamanyu-vesi, ibhodi elilawula ukuphathwa kwesikole kanye nezinhlangano zezenkolo ukwenza izimo abesifazane namantombazane abazo hamba, bafunde futhi bakhonze kuzo bephephile.Kumele siphokophele pha-mbili ngemizamo yethu yokuqeda ukuthi abesilisa bakhulu kunabesifazane, ukucwasana ngokobulili kanye nokunikeza amandla abesilisa. Yiyo le ndlela yokucabanga edala ukucindezelwa kwabesifazane.Kusezandleni zethu – sonke abesilisa nabesifazane – ukugcizelela ukuthi ubugugu, isikhundla kanye nombono womuntu wesifazane awukho mncane kunalowo wowesilisa. Kusezandleni zethu njengabazali kanye nogogo no-mkhulu ukuphatha nokukhulisa amadodana namadodakazi ethu ngokufana. Kusezandleni zethu madoda ukwala nokuphumela obala silwisana nodlame olubhekiswe kubulili obuthile noma ikuphi lapho silubona, noma ngabe lwe-nziwa ngumngani wethu, obaba noma abafowethu. Ake sibe isizukulwana esiqeda ukucindezelwa kwabesifazane ngezindlela zonke, esikhathini sethu sokuphila. Isizukulwane esinesibindi sangowe-1956 samashela thina sonke. Kumele senzele bona, senzele thina kanye nezizukulwane zakusasa ukuthi singaphoxi leli lifa elihle kangaka.