Ilunga lethimba lezicishamlilo i-Crew Juliet lisixoxela udaba lwalo

Dale Hes 

ABESIFAZANE kufanele babe ngamavulandlela, kusho  isicishamlilo
UVuyiseka Arendse oyisicishamlilo  esisesincane (26) uyingxenye ye-Crew Ju-liet, ithimba lokuqala le-zicishamlilo zasendle  ezingabesifazane zonke. Amandla nokuzimisela kwakhe ukuba azakhele igama emkhakheni wezi-cishamlilo, ngokuvamile obuswa abesilisa, kumenza abe yisibonelo esihle kubo bonke abesifazane.
U-Arendse wakhulela edolobhaneni laseNtshonalanga Kapa elincanyana i-Beaufort West. Emuva kokuphothula esikoleni, wazama ukuqeqeshwa  ekolishi lase-Oudtshoorn, kodwa wabuye wanquma ukubuyela ekhaya ukuze akwazi ukweseka umndeni wakhe. Wake wasebenza esuphamakethe yendawo isikhashana, kodwa umse-benzi wokuba yisicishamlilo wamkhanga. “Ngabona izicishamlilo zidlubhe umfaniswano wazo, zihamba ngamaloli akhona abomvu namakhulukazi. Ngaleso sikhathi ngaqala ukuba nentshisekelo futhi ngafuna ukwazi kabanzi ngalo mse-benzi,” kusho u-Arendse. U-Arendse wayengomunye wababephothule izifundo zabo esikhungweni sikahulu-meni waseNtshonalanga Kapa sohlelo lokuthuthukisa intsha, i-Chrysalis Academy ngowe-zi-2016. Emuva kwalolu hlelo, wasebenza esiteshini sezi-cishamlilo e-Beaufort West, ehola nje izi-R1 900 kuphela ngenyanga. Kodwa wazithela phezu kwethuba elalihlinze-kwa yi-NCC Environmental Services ngonyaka ofile. “Ngangisasebenza e-Chrysa-lis Academy njengomdidiyeli ngenkathi abakwa-NCC befi-ka esikhungweni bezotshela abafundi ngethuba lokufaka isicelo sokuqeqeshelwa ukuba sethimbeni lokuqala ngqa le-zicishamlilo zesifazane zodwa zokucishwa kwemililo yasendle. Yize noma ngangingeso-na isitshudeni, nganginentshisekelo enkulu ngakho ngafaka isicelo sokuqeqeshwa, isicelo sami semukelwa,” kuqhuba u-Arendse. U-Arendse wathola uku-qeqeshwa, okwakudidiyele ithiyori yokucishwa komlilo kanjalo nokwenziwa komse-benzi wokucishwa komlilo ngqo. “Ngafunda okuningi kakhu-lu. Okokuqala nje, ngangingazi ukuthi kunezicishamlilo omsebenzi wazo ukubhekana namaqubula omlilo wasendle nje kuphela. Ngangicabanga ukuthi zazisebenza ukucisha imililo emadolobheni ukuze zicishe imililo emabhilidini ashayo,” kusho yena. U-Arendse wengeze ngo-kuthi kwakuwumuzwa omnandi kakhulu ukuphumelela ukuqeqeshwa kwakhe, waba yingxenye yethimba lokuqala ngqa lezicishamlilo ezingabesifazane bodwa. “Nganginentokozo enkulu, ikakhulukazi ngoba ngangithi uma ngixoxela abantu ukuthi ngifuna ukuba yisicishamlilo, iningi labo lingitshele ukuthi ngeke kwenzeke lokho ngoba njengomuntu wesifazane ngangingeke ngikwazi ukumelana nalo msebenzi. Lokhu kwanginika umfutho omkhulu ukuze ngibakhombise ukuthi ngempela ngangikwazi ukukwenza lokhu, ngingazenzeli mina nje kuphela kodwa ngenzele nabo bonke abanye besifazane eNingizimu Afrika.”U-Arendse uthi umsebenzi wakhe omkhulu wokuqala wokucisha umlilo e-Noordhoek wawuyinselele enkulu kodwa ekugcineni uwubala njengowawuyinzuzo nomklomelo omkhulu. “Kwakuyishifti yami yokuqala ephelele yamahora angama-24 futhi kwakuyisikhathi sokuqala lapho sasisebenza njengethimba lezicishamlilo kanye namadoda. Kwakukhathaza futhi kushisa kakhu-lu njengoba sasifake izimpahla zethu zokuzivikela kodwa sakwazi ukuwuqeda umse-benzi futhi nomuzwa owa-landela lapho wawumnandi kakhulu unjengomhlomulo wokunqoba.”U-Arendse ukhuthaza abesifazane baseNingizimu Afrika ukuba bangalokothi bazibukele phansi. “Ungatshelwa abantu uku-thi yini onamandla okuyenza naleyo ongenamandla okuyenza.”  v*Ukuze ubheke amanye amathuba ahlinzekwa yi-NCC Environmental Services, landela ikhasi labo likaFacebook . Ungaphinde ubashayele lapha 021 702 2884 (eKapa), 010 007 5272 (eGauteng), 031 003 2964 (KwaZulu-Natali) noma 041 101 1033 (eMpuma-langa Kapa). UVuyiseka Arendse oyisicishamlilo esisesincane uyingxenye yethimba lezicishamlilo labesifazane bodwa lokuqala ngqa eNingizimu Afrika.“Women of South Africa, be proud of what you  have achieved.”Isithombe: Alistair Burt NCC Environmental Services