Siza ukunqanda ukusabalala kweCOVID-19 

vukuzenzele unnamed 

Izwe lethu libhekene nensambatheka engakaze ibonwe emlandweni  wethu wonke wentandoyeningi labantu. Ezinsukwini ezingaphezu kweziyi-120, sesiphumelele ukukulibazisa nokho ukudlondlobala kwaleli gciwane eselidale umonakalo omkhulu emhlabeni-jikelele.
Kodwa manje, ukudlondlobala kwesibalo sabantu abanegci-wane esasitshelwe ngako yizazi zezempilo, sekuphezu kwethu. Abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwekota lesigidi sebetheleleke ngegciwane le-co-rona, futhi siyazi ukuthi baningi abanye abatheleleke ngalo leli gciwane kodwa abangabonakali. Njengamanje njalo ngosuku sithola abantu abangaphezu kwezi-12,000 abanaleli gciwane.Kusukela ekuqaleni kwalo  mbhedukazwe ngoNdasa, okungenani abantu abayizi-4,079 sebebulewe yigciwane leCOVID-19. Njengoba izingxenye ezithile zezwe lethu zihlaselwe isimo se-zulu esiletha amakhaza ashubisa umnkantsha eqhamuka ngasoLwandle lwe-Antilathikhi kulesi sikhathi sonyaka, kunezinye izingxenye ezimbalwa zezwe ezingeke zichaphazelwe yileli gciwane le-corona. Isichotho se-corona sinamandla amakhulu futhi senza umonakalo ongaphezu kweminye esake sayibona ngaphambilini. Lokhu kuyaziqeda izinsizakalo zethu kanjalo namandla ethu oku-phikelela aya ngokuya esiphelela.Ukudlondlobala kwamanani abantu abatheleleke ngegciwane ososayensi ababesixwayise ngako esikhathini sezinyanga ezingaphezu kwezi-3 ezidlule sekusificile. Kwaqala eNtshonalanga Kapa kanti kuyaqhubeka eMpumalanga Kapa nase-Gauteng.Yize noma, izibalo zabantu abatheleleke ngegciwane zikhula ngamandla, kusemqoka  ukuqaphela ukuthi izinga lokudlula kwabantu emhlabeni eliyi-phesenti eyi-1.5 lingelinye laphansi kakhulu emhlabeni. Lokhu kuqhathaniswa nezinga lokudlula kwabantu emhlabeni elingamaphesenti ayi-4.4. Uku-ba kwethu nezibalo eziphansi zabantu abadlulayo emhlabeni kungenxa yesipiliyoni nokuzinikela kwabasebenzi bethu bezempilo kanjalo nezinyathelo ezathathwa ngokushesha esasisophe ngazo ukulungiselela umkhakha wethu wezempilo uma sekwehla le nhlekelele futhi sizihlomise ngezinsiza esizidingayo.Nakuba abantu bethu abaningi benze imizamo yokuvikela igciwane, bakhona abanye abangazange bazihluphe. Bakhona abanye phakathi kwethu abangazigqizi qakala izimiso ne-mithetho ebekiwe ukuze sizame ukuqeda lesi sifo. Phakathi kwalolu bhubhane olunje, ukugibela nje itekisi ngaphandle kwesimfonyo sobu-so ukuhlangana njengabangani, ukuhamba imicimbi yobumnandi noma ukuvakashela umndeni, kungasabalalisa igciwane kalula kusimuke izimpilo zabantu. Lesi kungaba yisifo esibangwa yigciwane, kodwa sisatshalaliswa yindlela abantu abaziphatha nabaphila ngayo.Ngezenzo zethu – njengabantu ngabodwana, njengemindeni, nemiphakathi – singakwazi futhi kumele siguqule isivinini ohamba ngaso lo mbulalazwe ezweni lethu. Kufanele sifake isimfonyo sobuso sendwangu esimboza ikhala nomlomo njalo lapho siphuma emakhaya ethu. Kufanele siqhubeke nokugeza izandla zethu njalonjalo ngensipho namanzi noma ngesibulali-magciwane. Kufanele siqhubeke nokuhlanza zonke izindawo ezisobala ezindaweni ezisetshenziswa abantu abaningi. Okubaluleke kakhulu, kufanele sigcine kunegebe eliphephile phakathi kwethu nabanye abantu – okungenani ibanga elingamamitha amabili – kwabanye abantu. Manje sekunobufakazi obu-velayo bokuthi leli gciwane lingase futhi lisabalale nangezinhlayiya ezincane ezihamba emoyeni ezindaweni ezinezixuku zabantu, ezivalekile noma ezingakhiphi umoya ngendlela efanele. Ngenxa yalesi sizathu kufanele siphangise ukuphucula isimo sangaphakathi sezindawo ezisetshenziswa umphakathi lapho ubungozi bokutheleleka bubukhulu kakhulu khona. Isinqumo sethu sokumemezela ukuvalwa kwezwe lonke savikela ukuqubuka ngamandla kwesifo ngenkathi umkhakha wethu wezempilo ungakalungiselelwa, nobekungaholela ekudluleni kwabantu abaningi  emhlabeni. Ngesikhathi ebesinaso, sithathe izinyathelo ezibalulekile zokuhlomisa umkhakha wethu wezempilo ukuze ukwazi ukubhekana nalolu bhubhane. Sesenze ukuhlolwa kwegciwane le-corona okungaphezu kwezigidi ezimbili kanti abasebenzi bezempilo bomphakathi sebenze ukuhlungwa kweziguli okungaphezu kwezigidi ezingama-20.Sithole imibhede yezibhedlela ebalelwa kweziyi-28,000 yeziguli ze-COVID-19 futhi sesakhe ngempumelelo izibhedlela zesikhashana ezweni lonkana. Njengamanje sinemibhede engaphezu kweziyi-37,000 ezikhungweni zokugonqisa abantu embonini yezempilo ezimele neyomphakathi, elungele ukwamukela abantu abangakwazi ukuhlala ngabodwana emakhaya. Sithole futhi sathumela izimpahla eziyizigidi eziyizinsiza zokuzivikela ezibhedlela, emitholampilo nasezikoleni ezweni lonke ukuze sivikele abasebenzi bethu abangamabutho ayibambe ophondweni. Siqashe futhi siyaqhubeka nokuqasha abahlengikazi abengeziwe, odokotela nabasebenzi abasebenza ophikweni lwezimo eziphuthumayo. Siyaqhubeka nokwenza inqubekelaphambili emizamweni yethu yokubhekana ne-COVID-19, kepha inselele yethu enku-lu isasimele ngaphambili. Kuzo zonke izifundazwe, sisebenzela ukwandisa isibalo samagumbi ezimo ezijwayelekile kanye ne-mibhede yeziguli ze-COVID-19 ezisesimweni esibucayi. Umthamo omumathwa yigumbi lasesibhedlela uyandiswa ezibhedlela eziningi ngokubambezela ukunakekelwa kweziguli ezingadingi usizo olu-phuthumayo, ukuguqulwa kwezinye izindawo zasezibhedlela zibe amawadi engeziwe kanjalo nokwakhiwa noma ukunwetshwa kwezibhedlela zesikhashana.Sisebenzela ukwandisa izinsiza zokuhlinzeka ngomoya-mpilo, imishini yokuphefumula neminye imishini kulabo abadinga ukunakekelwa okubucayi, kubandakanya ukuphambukisa usizo ngomoya-mpilo kwezinye izindawo ubhekiswe ezigulini ze-COVID-19. Sisebenzisa ubuchwepheshe bedijithali ukuqinisa ukuhlonzwa, ukuthungathwa kanye nokuhlaliswa ngabodwana kwabantu abake bahlangana nabantu abanegciwane, kanjalo nokuhlinzeka ngokwesekwa ku-labo abathola imiphumela ebika ukuthi banalo igciwane.Njengoba manje sesisondele kuvuthondaba lokutheleleka kwabantu ngaleli gciwane, sidinga ukucophelela kakhulu ekulandeleni izinyathelo zoku-phepha futhi siqinise izinyathelo ezikhona ukuze sehlisa izinga lokuthelelana ngegciwane.Izimiso ezibekiwe mayelana nokufakwa kwezimfonyo zizo-qiniswa. Abaqashi, abaninizitolo nabaphathi, abasebenza ngezithuthi zomphakathi, nabaphathi kanye nabanikazi banoma yisiphi isakhiwo somphakathi manje baphoqelekile ngokomthetho ukuthi baqinise-kise ukuthi noma ngubani ongena emagcekeni abo noma ezimotweni zabo ungena efake isimfonyo.Amatekisi athatha uhambo endaweni manje azovunyelwa ukuthi enyuse isibalo sabagibeli bagcwale itekisi, kanti lapho abathatha uhambo lwamabanga amade ngeke ba-vunyelwe ukuthatha isibalo esevile kumaphesenti angama-70, futhi inqobo uma kulandelwe imigomo emisha yokunciphisa ubungozi ehlobene nezimfo-nyo, ukuhlanzwa kwetekisi ngezibulali-magciwane kanye nokuvulwa kwamafasitela.Sekunobufakazi obucacile bokuthi ukuvulwa kabusha ko-kuthengiswa kotshwala kulethe ingcindezi enkulu ezibhedlela, kubandakanya amayunithi ezinhlekelele nalawo abagula kakhulu, ngenxa yezingozi zezi-moto, udlame kanye nokulimala okuhlobene notshwala. Ngakho-ke sinqume ukuthi ukuze sigcine isibalo sabangeniswa ezibhedlela silawuleka, ukudayiswa, ukukhishwa nokusatshalaliswa kotshwala kuzomiswa kusuka manje.Njengesinyathelo esengeziwe sokunciphisa ingcindezi ezibhedlela, kuzobekwa umnqamula-juqu wesikhathi okuvunyelwe ngaso ukuba ngaphandle kwamakhaya phakathi kwehora lesi-9 ebusuku nehora lesi-4 ekuseni.Sithatha lezi zinyathelo sazi kamhlophe ukuthi zibeka imi-ngcele engathandeki ezimpilweni zabantu. Kodwa-ke, zi-yadingeka, ukuze sikwazi uku-phepha kulesi sikhathi esiwu-vuthondaba lwalolu bhubhane.Asikwazi ukusigwema lesi sivunguvungu segciwane le-corona. Kodwa singawubeka umkhawulo esingawudala ezimpilweni zethu. Njengesizwe sihlangane ndawonye ukuze selekelelane, siduduze labo aba-gulayo futhi sikhuthaze  ukwamukelwa kwabantu abaphila naleli gciwane.Manje kakhulu kunakuqala, kusezandleni zethu ukusindisa izimpilo zalabo esiphila nabo. Sizodlula lesi sichotho. Sizolakha kabusha izwe lethu liphinde libe yizwe elinempilo nelichumile. Sizonqoba.
 