INingizimu Afrika yenza umnyakazo  wokubhekana nokuntuleka kwemishini yokuphefumula

Silusapho Nyanda

Impi yokulwa nesifo segciwane le-corona (i-COVID-19) eNingizimu Afrika seyiqinisiwe njengoba sibona umshini wokuphefumula wokuqa-la owenziwe kuleli.
Umshini wokuphefumula  ebizwa nge-Continuous Positive Airway Pressure (i-CPAP) usiza iziguli ezinezimpawu ze-COVID-19 ezilingene zikwazi ukuphefumula kalula ngokuzihlinzeka ngomfutho olingene womoya-mpilo ozosiza ukugcina imigudu yomoya ivulekile.Umshini wokuphefumula wakhiwe ngokubambisana nguMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezimboni (i-CSIR) nabalingani  abaningana esebenzi-sana nabo kulo mkhakha futhi izosatshalaliswa ezweni lonke ezigulini ezikhombisa ukuba nengcindezi yokuphefumula esiga-beni sokuqala sokutheleleka nge-COVID-19.Ngokuvamile umoya ophefumulwa umuntu unamaphesenti angama-23 omoya ohlanzekile. Umshini wokuphefumula we-CPAP ukwazi ukumpompa izinga elingaphezulu kwalokho  lomoya-mpilo, nokusiza umuntu akwazi
IMISHINI YOKUPHEFUMULA ekhiqizwe kuleli izosiza iziguli zeCOVID-19 ezingenamandla zikwazi ukuphefumula kangconywana.
phefumula. Ophampu be-CPAP bampompa umoya-mpilo ngo-kuqhubekayo. Linga-nyuswa noma lehliswe inani lomoya-mpilo umuntu awuphefumu-layo,” kusho Isikhulu Esingumphathi Omkhulu e-CSIR Future Production: Manufacturing, u-Martin Sanne. Iziguli ezisebenzisa umshini wokuphe-fumula uxhunywe ku-setshenziswa isimfonyo sobuso. Umoya-mpilo udonswa ethangini lo-moya-mpilo oxutshwe no-moya wemvelo kumshini wokuphefumula lapho uthunyelwa khona kusimfonyo bese uphefumulwa yisiguli. U-Sanne uthi phezu kokumpontshwa komoya onomoya-mpilo, i-CPAP iphinde ilekelele  iziguli zikwazi nokuwukhipha umoya.I-CPAP iyinsiza engasetshenziswa ezindaweni zo-buchwepheshe obuseqophelweni eliphezulu iphinde ikwazi nokusetshenziswa ezikhungweni eziyizibhedlela zesikhashana nalapho kuhluswe khona abantu.U-Sanne uthi i-CSIR izo-be seyikhiqize imishini yo-kuphefumula eyizi-10 000 ekupheleni kukaNcwaba. Ngokusebenzisana ne-Siemens, i-Simera, i-Akacia, i-Gabler, i-Umoya neNyuvesi yaseKapa, i-CSIR ikhiqize i-CPAP ngokwamazinga abekwe yiNhlangano Yezempilo YoMhlaba.Iqoqo lokuqala lemishini yokuphefumula lizonike-zwa izibhedlela zikahulu-meni ezibhekene nengcindezi ngenxa yokuntuleka kwezinsizakusebenza ne-mishini ekwazi ukulwa ne-COVID-19.I-CSIR yaqala ukwakha i-CPAP emuva kokuba umhlaba uqale ukubhekana nokuntuleka okukhulu kwemishini yokuphe-fumula.“Cishe ngoNdasa noMbasa, kwaba nokuntuleka kwemishini yoku-phefumula obekungazelelwe kubahlinzeki bethu  bamazwe omhlaba. Uma ikhona indawo owawukwazi ukuyithola khona, yayimba  eqolo kakhulu ngakho uhulumeni wakhipha ithenda yokukhiqiza le mishini yokuphefu-mula,” kusho u-Sanne.Leli thenda beliyingxenye yePhrojekthi Kahulumeni Yemishini yokuphe-fumula kuZwelonke ngaphakathi koMnyango Wezohwebo, Ezezimboni kanye Nokuncinti-sana.Omunye umsebenzi we-CSIR wukwakha umshini wokuphefumula Womfutho omigudumibili phe-celezi i-Bi-level Positive Airway Pressure okuhloswe ngawo ukusiza iziguli ezi-nezimpawu ze-COVID-19 ezibucayi. Umshini wo-kuphefumula uzolekelela ngokufaka nokukhipha umoya, kungaba ngendlela yomfutho onqunyiwe kanye nangendlela yo-kushintshashintsha inani lomoya ohlinzekwayo ngokubuka isidingo sesi-guli.
