Ukwakha impilo engcono

vukuzenzele unnamed

Kusukela esahlupheka esigodini saKwaNongoma, KwaZulu Natali, uSilondiwe Magwaza oneminyaka engama-23 ubudala ose-nqobe izingqinamba eziningi ukuze afezekise iphupho lakhe lokuphatha kwezo-kwakha.  Ukukhula ezungezwe ingqalasizinda ebhedayo kwagqugquzela uMagwaza ukuhlola izindlela ezintsha zokufukula umphakathi wakhe. Njengamanje uyilu-ngu lokuqala ngqa emndenini wakhe elineziqu.  UMagwaza ugogode eNyu vesi yase-Witwatersrand ngowezi-2019, wathola iziqu ezifundweni zokwakha.  “KwaNongoma kunengqa lasizinda ebhedayo kakhulu futhi ukuhlinzekwa ngayo kwakubonakala kuza ngo-nyawo lonwabu. Ngokubuka zonke izingqinamba ezazibhekene nedolobha lakithi, ngagqugquzeleka ukwenza utho oluhlobene nezokwakha ukuze ngibe ngomunye wabantu abaguqula isimo leso,” ubeke kanjalo. Ukuthola iziqu zakhe kwakungelula neze. UMa-gwaza uthi wakuthola ku-nzima kakhulu ukubhekana ngqo nezifundo zakhe ngenxa yokukhathazeka kwakhe ngoxhasomali lokufunda. Kwabe, sekungenelela Omele Ukwesekwa Ngengqalasizi-nda Kumasipala (i-MISA) ukuze afake isandla.
“Ngangihleli ngikhathazekile kakhulu ngoxhaso mali njengoba ngiphuma ekhaya elintulayo. Kwaze kwaba ngunyaka wezi-2018, ngesikhathi ngitholaumfundaze ophuma ku-MISA. Lokhu kwangisiza uku-phothula iziqu zami ngapha-ndle kokukhathazeka okunye. Yonke into yayikhokheliwe, okwakumele nje ngikwenze kwakungukubhekana ngqo nezifundo zami,” ubeke ka-njalo.
UMagwaza ungomunye wabafundi abangamakhulu abedlula ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwentsha minya ka yonke. Izinhlelo zihlinzeka ngoxhasomali nokusekela futhi lusiza abafundi ukuthi bathole imisebenzi uma sebegogodile.  “Bengiwulinde ngamehlo abomvu umgubho wethu wokuthwala iziqu. Bewuzo-sho lukhulu ngenxa yokuthi bengizoba ngowokuqala ngqa othwala iziqu emndenini wami. Ngisenethemba lokuthi sizoba nomcimbi wokuthwala iziqu, kodwa lokhu kungenzeka kungenzeki ngenxa yobhu bhane lwegciwane lecorona ,” ubeke kanjalo.
Imboni yezokwakha igcwele kakhulu amadoda. “Esikhathini esiningi, abantu besifazane benziwa bazizwe bengelutho ngenxa yokuthi ikhono labo lokuletha uguquko luyangatshazwa. Ngezinye izikhathi bashaywa indiva uma bekhuluma.
“Ngaqhubeka ngakhetha ezokuphatha kwezokwakha ngenxa yokuthi ngikholwa ukuthi nginamandla oku guqula imboni futhi ngiyenze ngcono lapho kunesidingo.
Sengibone abesifazane kule mboni bekhuphukela ezikhundleni eziphezulu futhi beba nomthelela. Nami ngiyakholwa ukuthi ngingaphumelela,” ubeke kanjalo. 
Imifundaze yakwa-MISA ikhangiswa ku www.misa.gov.za kusuka kwinyanga kaMandulo, kuFacebook  @MISA, kuTwitter  @MISA_CoGTA nakuInstagram  @MISA_CoGTA.
Njengowokuqala othwale iziqu emndenini wakhe, uSilondiwe Magwaza ubonga i-MISA.



