Amazwi okuhlonipha abasebenzi basemkhakheni wezempilo 

vukuzenzele unnamed

 Isibalo sakamuva sabantu asebedlulile emhla beni ngenxa yegciwane lecorona  sesevile kuzi-2000. Phakathi kwalabo abadlulile emhlabeni kubalwa nabasebe-nzi basemkhakheni wezempilo, ongoti ababenakekela abagu-layo, futhi ababeseka baphinde beduduze labo abasezibhedlela beqhelelanisiwe nemindeni yabo.
 Ukugula nokudlula emhla beni kwamadoda nabantu besifazane abenza lo msebe-nzi ohloniphekile noyigugu kangaka kusigqeme inkamba beyibuza.
 Yibo abahamba phambili ekulweni nalolu bhubhane. Basebenza ngaphansi kwezimo ezinencindezi enkulu futhi bathwala umthwalo owukha-thaza kakhulu umqondo ngokwazi ukuthi nabo base-ngcupheni yokutheleleka ngaleli gciwane. Bangamaqhawe namaqhawekazi eqiniso kule mpi yethu yoku-lwa negciwane lecorona .
 Sizethulela isigqoko lezi zakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezidela imizi yazo, imi ndeni kanye nabathandiweyo ziye emitholampilo, ezibhedle-la nakwezinye izikhungo zeze-mpilo mihla namalanga.  Lapho ezifika zihlinzeke ngemisebe-nzi yokunakekela ngokweze-mpilo, ezokusekwa ukupha-thwa kwemisebenzi kanye neminye imisebenzi njengoku-hlanza nokuhlinzeka ngokudla.
 Njengoba zenza imisebenzi yazo ngobungcweti, nathi kumele sizitshathe kanye nemindeni yazo emahlombe ethu. Impilo nokuphepha kwazo kumele kube seqhulwini.
 Siyazihlonipha futhi sizihlo ma uphaphe legwalagwala njengamadoda nabantu besifazane ababonakalisa ukuthi bazimisele ukubeka impilo yabo engcupheni ukuze thina sikwazi ukuphila.
 Ukuze benze umsebenzi wabo wobuqhawe nobuqhawekazi badinga ukuthi sibeseke futhi sibavikele ngokuba-hlinzeka ngezinsizakusebenza zokuzivikela  (ama-PPE).
Ngokwesekwa yiSikhwama Sobunye Nobumbano noxhaso oluvela kwizakhamuzi zase-Ningizimu Afrika ezingabantu ngabodwana, amabhizinisi, izinhlangano kanye nabanye ohulumeni, sikwazile ukuthenga izinsizakusebenza zokuzivikela zalaba basebenzi abangamaqhawe namaqhawekazi abahamba phambili kule mpi.
Lapho okube nokusho da kwama-PPE, izibhedlela zethu ziyalulungisa lolo daba ngokuphazima kweso ukuze kuqinisekiswe ukuthi ziyatholakala.
 Siyazi ukuthi ukutholakala kwama-PPE abasebenzi basemkhakheni wezempilo akusiyo kuphela inselele abasebenzi ababhekene nayo. Ezweni lonke imitholampilo nezi-bhedlela zibhekene nokushoda kwabasebenzi. Le nkinga siya-yilungisa.
Ukweseka umsebenzi owe-nziwa ngabasebenzi bethu abahamba phambili kule mpi  ezweni lonke, sithume oNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe esifundeni ngasinye ezweni ukuze baye kobona izingqinamba zakulezi zifunda nokusebenzisana nezikhulu zezempilo zasezifundazweni.
Sidinga ukusebenzisana uku ze sivikele ezempilo zabasebe-nzi abahamba phambili empini kanye nabasebenzi bonkana.
Sekunomsebenzi omkhu lu owenziwe izinyunyana ngokufundisa abasebenzi ngezindlela zokulawula ukuthelelana nokuvikela kanye nezenhlanzeko. Baphinde beseke nomsebenzi woMnyango Wezabasebenzi Nezemisebenzi ekwenzeni umsebenzi wokuhlola ezindaweni zokusebenze la ukuze kuqinisekiswe ukuthi zimisiwe izinhlelo zezempilo nezokuphepha zabasebenzi ababuyela emsebenzini. Iningi lezinyunyana zethu lihlinzeka ngolwazi ngegciwane lecorona kumalungu azo futhi abase benzi baqhuba imikhankaso yokuqwashisa.
Enye yezinselele eziqubuke ezweni lethu wukubekwa isihlava kwabantu abatholakale benegciwane lecorona . Njengomphakathi, sisonke sinomthwalo wokuqeda isihlava esinamekwe abantu abathe leleke ngegciwane lecorona . Kube nemibiko ephazamisayo ngabantu abahlukumezekile emiphakathini yabo kanye nemiphakathi ebeyibhikisha ilwa nokungeniswa kweziguli ezinegciwane lecorona  ezibhedlela nasemitholampilo yasezindaweni abahlala kuzo. Lokhu kumele kuphele nya.
 Njengoba sahlangana sakhu-thaza ukwamukelwa kwabantu abaphila ne-HIV futhi samelana nokuhlukunyezwa kwabo, kumele sibonakalise ukuqonda, ukwamukela, ukuba nesihawu, ukukhalisana nokuzwelana nalabo abatheleleke ngaleli gciwane kanye nemindeni yabo.
 Kuthiwa lokhu kunameka ngesihlava kudalwa wukwesaba ukutheleleka ngegciwane nokungaqondi. Indlela ephuma phambili yokunqoba ukwesaba kwethu ukugula nokutheleleka wukulandela imithetho yeze-nhlanzeko emisiwe. Ukwesaba ukutheleleka kuyazwakala futhi kuyinto ekhona. Khona manjalo, siyazi ukuthi kumele senzeni ukuze sizivikele thina uqobo kanye nabanye. Siyazi ukuthi yini edala igci wane nokuthi singenzani uku ze sizivikele ekuthelelekeni. Siyazi ukuthi kumele siziqhelelani se, sigonqe uma sihlanga bezane nalabo abathelelekile nokuthi siye esibhedlela uma sinezimpawu zokugula.
 Kumele siqhubeke nokula-ndela amaqiniso hhayi okungamahlebezi.
 Sesadlula isikhathi lapho sasingathi akekho umuntu esimaziyo otheleleke ngegciwane lecorona . Manje abangani bethu, nemindeni, ozakwethu kanye nomakhelwane bethu badinga ukuhawukelwa nokuthi sibazwele kakhulu kunakuqala.
 Ezinsukwini, emasontweni nasezinyangeni eziseza, kuzoba nezikhathi esizozithola si-xakekile futhi sesaba njengoba sibona isibalo sabantu abathelelekile nabashonayo sinyuka. Kungenzeka ukuthi izinto sezonakele kakhulu, kodwa sinesiqiniseko sokuthi zizoba ngcono. Ososayensi bethu kanye nabeluleki bezempilo basitshela ukuthi isibalo saba-ntu abathelelekayo sizonyuka njengoba siya esicongweni sesibalo sabathelelekayo. Kodwa sizokwehla nakanjani.
Sihlonipha bonke abasebenzi basemkhakheni wezempilo abadlule emhlabeni ngenxa yokunakekela abagulayo. Njengoba sibakhumbula, masizigcine thina uqobo kanye nezinye izakhamuzi zakithi ziphephile ngokudlala eyethu indima.
 Sizolinqoba leli gciwane bese silakha kabusha izwe lethu. Sibuya ebumnyameni obudlula lokhu futhi esabu-nqoba ngempumelelo.
 Masingapheli amandla nesibindi njengoba sibambi sene ukusindisa abantu. 