Uhulumeni ulungiselela ukudlondlobala ngamandla kweCOVID-19

Allison Cooper

UKULUNGISELELA UKUDLONDLOBALA okungenzeka kwezigameko zeCOVID-19 kuyaqhubeka njengoba uhulumeni kanye nomkhakha ozimele bakha izibhedlela zesikhashana, bethenga nezinsiza zokuzivikela futhi beqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ikhiqiza imishini yokuphefumula.
Izigameko zesifo segciwane lecorona  (i-COVID -19) kulindeleke ukuthi ze-nyuke kulamaviki ezayo futhi uhulumeni umatasa usebenza engaphumuli ukuqinisekisa ukuthi umkhakha wezempilo usesimweni esilulungele lolu bhubhane.
“Besilokhu sithenga izinsiza zokuzivikela (ama-PPE) emhlabeni jikelele futhi siqhubeka nokweseka izinkampani zalapha ekhaya ukuba nazo zikwazi ukukhiqiza lezi zinsiza zokuzivikela,” kuqinisekisa uMo-ngameli u-Cyril Ramaphosa.“Besilokhu sikhuphula izinga lengqalasizinda ezibhedlela, sihlela kahle nezibhedlela zesikhashana futhi sithola imibhede ukwengeza imibhede yeziguli esezihaqwe igci-wane leCOVID-19 ,” engeza.Ekuqaleni kwenyanga kaNhla-ngulana, ingaphezulu kwezi-27 000 imibhede yezibhedlela zomphakathi esibekelwe iziguliesezihaqwe iCOVID-19 . Uma ngabe sekuphelile, izibhedlela zesikhasha-na zizoba nemibhede eyizi-13 000.
Izindawo zokugonqa kanye nezibhedlela zesikhashanaUNgqongqoshe Wemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizi-nda u-Patricia de Lille uthe: Izindawo eziyi-1 751 ziqoke-lwe njengezindawo zokugcina ngabodwana labo asebehaqwe igciwane, ezizoba nemibhede engaphezulu kwezi-129 600 ku-zwelonke, kuzo zonke izifunda ezingama-44 kanye namadolobha ayisishiyagalombili.  Izindawo ezingama-358 ziqokelwe isifundazwe saseNtshonalanga Kapa, ezizoba nemibhede engaphezulu kwezi-27 500. Izindawo ezingama-395 ziye zahlolwa nguMnyango Wezempilo, ezizoba nemibhede eyi-zi-35 759. Izibhedlela ezingama-32
eMpumalanga Kapa, eziyi-19 KwaZulu-Natali kanye nezili-10 eMpumalanga sezikhonjwe njengezizovuselelwa futhi zilungiswe kabusha njengezibhedlela zesikhashana.  Isikhungo iCape Town Inter-national Convention Centre, nokuyisibhedlela esikhulukazi sesikhashana ezweni, sine-mibhede engama-862. Silalise iziguli zaso zokuqala ezili-10 mhla zi-8 kuNhlangulana. ENyakatho Ntshonalanga, amaqembu akha izibhedlela zibenkulu ngokwengeza izakhiwo.Isimo sokulungela iCOVID-19  e-GautengUNdunankulu wase-Gauteng uMnu u-David Makhura uthe isifundazwe sesi: nemibhede eyizi-8 301 yasesibhedlela ekhona njengamanje, khuculule izibhedlela ebezivele zikhona zenziwa njenge-zindawo zezinsiza zeCOV-ID-19, nokwenze ukuba kube khona imibhede engama-555 ejwayelekile kanye nemibhede engama-308 yabagula kakhulu, senze amagumbi eziguli angu nomphela kulezi zibhedlela i-Kopanong, i-Jubilee, i-Chris Hani Baragwanath kanye ne-George Mukhari, nokwengeze ngemibhede engama-800, futhi siqinisekise ukuthi isikhungo sezempilo sase-Nasrec sibe ne-mibhede engama-500  emisha. NgoNhlaba, uNdunankulu u-Makhura wemukela  umnikelo oqhamuka kwizinkampani zezi-moto i-BMW kanye ne-Nissan ukusiza ukwakha isibhedle-la sesikhashana e-Rosslyn, e-Tshwane.
Izibhedlela zesikhashana eMpumalanga KapaEMpumalanga Kapa, isibhedlela sesikhashana esinemibhede eyi-1 000 sakhiwelwe enkundleni yezemidla-lo iNelson Mandela Bay Stadium . Ezinye izinkundla zemidlalo ezise-tshenziswe njengezindawo zokugo-nqa kanye nezibhedlela zesikhasha-na, zibandakanya izinkundla ze-midlalo iCape Town Stadium  kanye neFNB Stadium . Uhulumeni waseJalimani kanye nenkampani yezimoto i-Volkswagen yenze isethembiso semali eyizigidi ezingama-R107 nezosiza ukwakha isibhedlela sesikhashana eBhayi. Uma ngabe lesi sibhedlela sesiku-lungele ukwamukela iziguli, sizokwazi ukungena imibhede eyizi-4 000.
Imishini yokuphefumula Ngosizo ezingxenyeni ezahlukene zikahulumeni, izinkampani kanye nezinhlangano, iNingizimu Afrika ikwazile ukuqongelela izinsiza zokuzivikela, nezinye izinto zo-kwelapha kanye nemishini yokuphe-fumula.Umshini wokwelapha osiza ngokuphefumula ngumshini osiza amaphaphu ukuthi asebenze ngo-kusezingeni eliyilo. Kanti uyaye usetshenziselwe iziguli ezinenkinga yokuphefumula. Iziguli ezinesifo  segciwane lecorona  (i-COVID-19) ziyaye zibe nobunzima bokuphe-fumula. Uhulumeni wethula Ipro-jekthi Yemishini Yokuphefumula Kuzwelonke (i-National Ventilator Project) ngoMbasa, ukuze kwakhiwe imishini yalapha ekhaya ngenxa yo-kwentuleka kwale mishini emhlabeni jikelele. Kuyathembisa ukuthi umkhiqizo uzoqala ngoNhlangulana futhi uhulumeni unethemba lokuthi imishini yokuphefumula eyizi20 000 izokhiqizwa ezinyangeni ezizayo. Isikhwama Sobumbano sizinikele  ngoxhasomali oluzosiza ekutholeni imishini yokuphefumu-la engama-200, ezonikezelwa  ezibhedlela ezi-yidingayo.Izwe laseMe-lika selinikele ngemishini  yokuphefumu-la eyi-1 000 lapha eNingizimu Afrika, engama-20 yayo yemuke-lwa nguNgqongqoshe Wezempilo u-Zweli Mkhize ngoNhlangulana. Yafakwa esibhedlela esise-Soweto i-Chris Hani Baragwanath Academic Hospital. Umnikelo olandelayo uzosetshenziswa ezikhungweni zaseNtshonalanga Kapa.
Izinsiza zokuzivikela zabasebenzi bezempilo Okunye okuseqhulwini kwiSi-khwama Sobumbano ukuthumela izinsiza zokuzivikela kubasebenzi bezokwelapha njengodokotela kanye nabahlengikazi. Lesi Si-khwama, esesiqongelele izigidigidi eziyi-R2.61 kuze kube manje, sisize ekutholeni izinsiza zokuzivikela ezizokwazi ukuthi zihlale izinyanga ezimbili emisebenzini yomphakathi yezempilo kanye nakubasebenzi bezempilo yomphakathi.Noma kunjalo, kuseno-kwentuleka kwezinsiza zokuzivikela emhlabeni jikelele, kubandakanya nayo iNingizimu Afrika.Izinkampani ezinikele ngezinsiza zokuzivikela, okubandakanya Amabhizinisi aseNingizimu Afrika, i-Naspers, i-First National Bank , iUnited Pharmaceutical Distrib-utors, i-People’s Republic of China, Inhlangano Yezempilo Emhlabeni jikelele, inkampani yezimoto yakwa-Ford kanye neSikhwama Sobumbano.
Kucelwa bonke abasebenzi bezempilo Baningi abasebenzi bezempilo abazodingeka njengoba izinga labantu abahaqwe iCOVID-19 lenyuka nje futhi uhulumeni uye wamemezela nakulabo basebenzi bezempilo abangasebenzi kanye nodokotela ukuba baxhumane nezifundazwe zabo. “Siphakamisa isimemezelo kubo bonke ochwepheshe bezempilo, ngisho nalabo asebathatha umhla-laphansi, ukuba baphumele obala futhi bavumele ukuqashwa kabusha – noma kuzoba kungokwesikhasha-na nje,” kusho uNgqongqoshe uMkhize.Uhulumeni uphinde waphaka odokotela base-Cuba abanga-ma-217 ezweni lonke jikelele.
“Silokhu sithuthukisa ingqalasizinda ezibhedlela, silungisa izibhedlela zesikhashana futhi sithola sengeza nemibhede yeziguli zeCOVID-19 ” izokhiqizwa ezinyangeni ezizayo.
Isikhwama Sobumbano sizinikele  ngoxhasomali oluzosiza ekutholeni imishini yokuphefumula engama-200, ezonikezelwa  ezibhedlela ezilapha eNingizimu Afrika, engama-20 yayo yemukelwa nguNgqongqoshe Wezempilo u-Zweli Mkhize ngoNhlangulana.
Yafakwa esibhedlela esise-Soweto i-Chris Hani Baragwanath  Academic  i-Chris Hani Baragwanath  Academic  i-Chris Hani Baragwanath. Umnikelo olandelayo uzosetshenziswa ezikhungweni zaseNtshonalanga Kapa.
Izinsiza zokuzivikela zabasebenzi bezempiloOkunye okuseqhulwini kwiSima Sobumbano ukuthumela izinsiza zokuzivikela kubasebenzi bezokwelapha njengodokotela kanye nabahlengikazi. Lesi Sikhwama, esesiqongelele izigidigidi eziyi-R2.61 kuze kube manje, sisize ekutholeni izinsiza zokuzivikela Noma kunjalo, kusenokwentuleka kwezinsiza zokuzivikela, okubandakanya Amabhizinisi aseNingizimu Afrika, i-Naspers, iiUnited Pharmaceutical DistributorsKucelwa bonke abasebenzi bezempilolabantu abahaqwe ilenyuka nje futhi uhulumeni uye wamemezela nakulabo basebenzi bezempilo abangasebenzi kanye nodokotela ukuba baxhumane nezifundazwe zabo.
“Siphakamisa isimemezelo kubo bonke ochwepheshe bezempilo, ngisho nalabo asebathatha umhlalaphansi, ukuba baphumele obala futhi bavumele ukuqashwa kabusha – noma kuzoba kungokwesikhashana nje,” kusho uNgqongqoshe uMkhize.
Uhulumeni uphinde waphaka odokotela base-Cuba abangama-
217 ezweni lonke jikelele.