Intsha yaseNingizimu Afrika ingumthombo wogqozi nethemba

vukuzenzele unnamed

Amazwi ka-Frantz Fanon athi 'isi-zukulwane ngasinye kumele sithole impokophelo yaso' ayangifikela njalo uma nginethuba lokukhuluma na-bantu baseNingizimu Afrika abasebasha.
Noma ngabe bahlala kuphi futhi noma ngabe benzani, bonke ngamunye banentshi-sekelo yokushintsha umhlaba.Ngesikhathi befuna ngoku-ngangabazeki ukuthuthukisa izimpilo zabo, bafuna futhi ukuba nomphakathi ongcono kanye nomhlaba ongcono. Bazibona bengamanxusa engu-quko eyisisekelo.Emlandweni abantu abasha bebelokhu behola ukuletha uguquko. Emashumini emi-nyaka embalwa edlulile, abantu abasha sebelwe izimpi eziningi zomzabalazo belwela ukungabikho kobulungiswa, kusuka ngowe-1968 kumbhiki-sho wabafundi e-Paris, kuya kumkhankaso ophikisana nempi eMelika ngowe-1960, kuya kumzabalazo ophikisana nobuqonela emazweni amani-ngi ase-Afrika nase-Asia, kuya ekulweni nobandlululo, kuya kumibhikisho yokulwela inkululeko yama-Arab i-Arab Spring.Kungekudala nje, abantu abasha bebephambili ku-mkhankaso we #BlackLivesMa-tter ozuze ukwesekwa umhlaba jikelele emva kokubulawa kuka-George Floyd eMelika. Emavikini ambalwa adlule, izishoshovu emhlabeni jikelele bezilokhu zifuna kususwe imifanekiso etusa ubulwane nodlame lokuhweba ngezigqila kanye nobuqonela.Embhikishweni waseNyuvesi yase-Oxford muva nje umbhi-kishi wayephethe uqwembe olunamagama athi 'Rhodes must Fall", ukukhala okuhla-ngene kwabafundi ezweni lethu eminyakeni emihlanu eyedlule.Abantu abasha emhlabeni jikelele bathole isisusa esiso-dwa. Babhidliza izithombe ezi-baziwe nemifanekiso ecwasa ngokobuhlanga, bafuna kukhu-lulwe ezemfundo, futhi bafuna zonke izikhungo zibhekane nokucwaswa ngokobuhlanga nangokwenhlalo.Manje, njengoba sihlonipha isizukulwane sangowe-1976 mhla ziyi-16 Nhlangulana 2020, sithulela isigqoko intsha yaseNingizimu Afrika yanga-semva kobandlululo, izindla-lifa ezifanelwe yileli lifa elihle kangaka. Umsebenzi wesizukulwane sangowe-1976 kwakunguku-shabalalisa imfundo yobandlu-lulo; okumele intsha yanamuhla iqhubele phambili umsebenzi wokubuyisana nokwenza izi-nguquko ezweni.Esikhathini esizayo ku-zothiwa lo nyaka, wezi-2020, kwakungukuqala kwesikhathi esisha emlandweni wabantu.Igciwane le-corona aligci-nanga nje ngokuthinta kanzima izimpilo zabantu kanye noku-phila, liphinde lanyakazisa ukuphila emhlabeni jikelele.Indlela ubhubhane olube yiyona lusikhumbuze uku-xhumana kwezinhlanga za-bantu kanye nokungalingani okujulile okukhona phakathi kwamazwe naphakathi ema-zweni.Lolu bhubhane lusinika ithuba 'lokulungisa kabusha' umhlaba esiwubona ngobu-lima bokuqhakambisa izinto ngokweqile, ubugovu kanye nokuzithiba hhayi nje kwicala lomuntu ngamunye kodwa emiphakathini yonke.Abantu abasha basitshela ukuthi amagugu abalulekile obuqotho, isihawu kanye nobumbano kumele kube izimpawu zomphumela wo-mphakathi omusha, nokuthi bazimisele ukuba ngamaqhawe alo mhlaba omusha, ongcono.Ezingxoxweni engibe  nazo nabantu abasha ngithe akumele sibukele phansi ama-ndla ombono, ngoba imibono ingashintsha futhi isishintshe umhlaba. Imibono isikhuthaze inqubekelaphambili yabantu futhi iyona ezokwenza sikwazi ukuphendla indlela entsha esikhathini sangemva kwegci-wane le-corona.  Laba bantu abasha baguqule imibono yabo yaba izenzo. Abavumelanga ukuntuleka kwezinsiza kubaphazamise. Bazitholele intuba emikhakheni eminingi kusuka ebuchwe-phesheni obuphezulu kuya ekugcinweni kwemvelo.Manje ukudlula ekuqaleni sizobheka umfutho wentshayakithi wokusungula noku-qamba izinto ukuza neziso-mbululo zosizi lokuswelakala kwemisebenzi ezizosiza bona, nemiphakathi yabo. Ngesikhathi esifanayo, ngiphosela inselele intsha yezwe lakithi ukusungula nokuqamba izinhlelo ezizo-sisiza ukufezekisa amaphupho ethu okuthuthuka.Ngowe-1961, i-Cuba eguquki-leyo yathumela ibutho la-bafundi abangamavolontiya abasebasha ezintabeni nasezi-godini ukuyokwakha izikole, bafundise ukufunda nokubhala nokuqeqesha othisha abasha. Namanje usathathwa njengo-mkhankaso oyimpumelelo kakhulu kunayo yonke emla-ndweni wesimanje.Abantu bakithi abasha kumele basungule imizamo yo-kuthuthukiswa komphakathi futhi kumele kube yibona abayiholayo.Njengoba benza emzabala-zweni wokulwela ukulinga-na emfundweni ephakeme, umfutho omkhulu wentsha yakithi kumele usetshenziswe ukulwela ukufinyelela oku-linganayo ekunakekelweni ngokwezempilo, ekuguquleni nakubunikazi bomhlaba futhi, okubaluleke kakhulu, ubu-lungiswa ngokobulili.Njengabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ngi-phazamiseke kakhulu ukwe-nyuka kwezinga lokubulawa kwabesifazane abasebancane bebulawa ngamadoda. Lezi izenzo ezithusayo zobulwane ezingenandawo emphakathini wakithi.Ubushoshovu obuholwa yi-ntsha, ukuqwashisa kanye no-kwelulekana kwentsha yizona zikhali zethu emizamweni yethu yokuqeda udlame olu-bhekiswe kubulili obuthile e-mphakathini. Ngaso lesi sikha-thi, kumele siqinise uhlelo lwethu lobulungiswa, siqinise-kise ukuthi izigilamkhuba zi-yajeziswa, kuqiniswe imithetho yebheyili noshwele nokuthi labo asebegwetshwe udilika-jele babhadla ejele impilo yabo yonke.Ngesikhathi lokhu kudingaumsebenzi womphakathi wo-nke, ngicela amadoda ikakhu-lukazi asemancane ukuqala umzabalazo wokulwa nodlame olubhekiswe kubulili obuthile. Uma singaqeda impi ebhekiswe kwabesifazane baseNingizimu Afrika, iphupho lomphakathi omusha lizolokhu liyize leze.Labo bethu ababeyingxe-nye yombhikisho wabafundi ngesikhathi sobandlululo sihle-zi sibuzwa ukuthi sicabangani ngentsha yanamuhla. Ku-nokulingeka okukhona koku-ﬁ  sa ukubuyela emuva 'ezinsu-kwini ezimnandi' zepolitiki yabafundi nomzabalazo we-ntsha, okungeke kuphinde kube khona.Kodwa ngendlela intsha ya-ngonyaka odlule echaze ngayo umsebenzi wayo, intsha yana-muhla iwuchazile owayo.Intsha yaseNingizimu  Afrika yangowezi-2020 iyaﬁ  ka ebangeni eliphezulu elabekwa abangaphambili. Banethemba, bayabekezela futhi banesibindi, ikakhulukazi uma bebhekene nesimo esinzima kakhulu.Bangumthombo wogqozi nethemba. Ngezenzo zabo, bakha umhlaba ongaphezu nje, kokulingana, osimeme futhi onokuthula.Abantu abasha emhlabeni jikelele banxusa izikhungo zemfundo ephakeme ukuqeda ukucwasa ngokobuhlanga kanye nokubandlulula ngokwenhlalo.