Asivikele siphinde sesekele abantwana bethu

vukuzenzele unnamed

Usuku Lomhlaba  Wonke Lokuvike lwa Kwabantwana, olugujwa emhlabeni jikelele mhla zi-3 kuNhlangu lana, ukuze kunakwe ama lungelo abantwana emhla beni jikelele nenhlalakahle. Ngokuqondana, kuphinde futhi ngosuku olufanayo kwaba lusuku Lomhlaba Lwezizwe Ezihlangene Lwabazali, lapho kuhloni shwa ukuzinikela kwaba zali nabanakekeli benhla lonhle yabantwana.Ngifuna ukubonga izigidi zabazali, ogogo nomkhulu kanye nabanakekeli kulo lonke elaseNingizimu Afrika abaqhubeka nokudlala indi ma ebalulekile eminyakeni yokukhula kwezakhamuzi zakithi ezisencane. Inkutha zo, ukwesekwa nokuvi keleka abantwana abaku thola kubazali babo kanye nakubanakekeli kubaluleke kakhulu enjabulweni nase mpumelelweni yabo yaku sasa. Mhla lu-1 kuNhlangulana izwe liqale isigaba esisha eku lweni negciwane le-corona. Imisebenzi eminingi yomnotho neyomphakathi iqalile futhi ukusebenza, okubandakanya ukuvulwa kwezikole ngokwezigaba ngezigaba. Sithe sizokwenza izinto ka ncane kancane, ngokuholwa umyalo wososayensi bakithi futhi siholwa ngamaqiniso esiwathola emphakathini nokubonisana nababambiqhaza.Emavikini ambalwa adlulile, njengoba besilungiselele ukubuyela esikoleni, sibe nezingxoxo ezibanzi nezijulile nabo bonke ababambiqhaza emkhakheni wezemfundo. Lokhu kube umhlahlandlela wokuthi sizobhekana kanjani nalo msebenzi oyindida futhi ophoselana inselele.Iningi lalaba babambiqhaza okubandakanya othisha nabazali badlulise ukukhathazeka kwabo ngesimo sokulungela ukuvulwa kwezikole ezikoleni eziningi. Sibazwile, siyaya mukela imibono yabo futhi sithatha izinyathelo ukubhe kana nokukhathazeka kwabo kanjalo neziphakamiso zabo. Siyakuqonda ukuthi abazali nabanakekeli abaningi abazi kufanele bazizwe kanjani kulesi sikhathi ngokuvulwa kwezikole. Kunokukhululeka ukuthi abantwana bazokwazi ukuphinde baqalise ngokufunda emva kokungabibikho isikhathi eside emagumbini nasemahholo okufunda. Aba ntwana bamagange ukuba sesikoleni futhi baphinde babone abangani nothisha. Kodwa futhi kunetwetwe kubazali, othisha nakubafundi uqobo. Abazali bafuna isiqiniseko sokuthi izindlela zokuvikela ezidingekayo zizoba khona ukuze zivikele ngokwanele abafundi. Ukuphepha kwezakhamuzi zakithi ezisencane ngokwezempilo nangokwe siqu into engeke kuphikiswa ne ngayo. Sikubeke eqhulwini.Njengoba silungiselela ukuvulwa kancane kancane kwezikole zethu nezikhungo zemfundo ephakeme, izi phathimandla zezemfundo bezilokhu zisebenza kanzima zibeka ngomumo izinyathelo zezempilo nezokuphepha. Usomqulu omayelana nenqu bo yokusebenza usuhlinzekwe kuzo zonke izikole. Le nqubo yokusebenza ikhuluma ngokuqeqeshwa nokufundiswa kwabaxilongi, ukuhlelwa kabusha  kwezikhathi zokufu nda kanye nokumiswa kabu sha kwamagumbi okufundela ukuze avumelane nezidingo zokuqhelelana.Siyaqhubeka nomsebenzi wokuhambisa izinsizakusebenza zokuzivikela nokuqini sekisa ukuba khona kwamanzi nezindlu zangasese. Ukufu nda, uma sekuqalile, kuzokwe nzeka ngaphansi kwezimo eziqinile nenani elinomkha wulo labafundi. Njengabazali, othisha, ama bhodi alawula ukusebenza kwezikole kanye nohulumeni, sisesivunyelwaneni sokuthi asikho isikole esizovulwa kuze kube zonke izinyathelo zokuvikela zime ngomumo. Kumele kungafihlwa lutho mayelana nezinga lokulungela ukuvulwa kwezikole ngasinye ngasinye. Wonke umuntu obambe iqhaza, kungaba umzali, ilungu le bhodi elilawula ukusebenza kwesikole, uthisha noma u msebenzi kahulumeni kumele akwazi ukuba nolwazi oluyilo mayelana nesimo sokulungela ukuvulwa kwesikole ngasi nye. Kuyisibopho sethu sonke ukuqinisekisa ukuthi indawo yokufunda iphephile.Ngifuna ukubonga abazali nabanakekeli, ikakhulukazi, ngendima abayidlalile ezinya ngeni ezimbili ezedlule. Nje ngoba izikole bezivalile, be kumele bazibophezele nsuku zonke emfundweni naseku thuthukisweni kwabantwana babo. Abazali abaningi nabanakekeli bekumele basize abafundi ngomsebenzi wabo wesikole ekhaya, ngoku ngangabazi nokubonga umse benzi onzima owenziwa ngo thisha bethu nsuku zonke.  Uma izwe selivuliwe nabafundi abaningi sebebuyele esikoleni, thina njengabazali kumele siqhubeke nokudlala indima ebonakalayo emfu ndweni yabantwana bethu, kungaba ngokuba ilungu lebhodi elilawula ukusebenza kwesikole, ngokuvolontiya ngemisebenzi yethu ezikoleni noma ngabe nguluphi olunye usizo. Abazali bangavolontiya ukuhlanza izikole, basungule izivande zezitshalo noma babe ingxenye yekomidi lezokuphepha kwesikole emphakathini. Lokhu kungaguqula izikole zibe "yizikole zomphakathi" ngempela, na ngokweqiniso.Noma singazizwa sikhathazekile futhi sinokwesaba nje ngoba amadodana namadoda kazi ethu ephuma ngaphansi kwesethu isandla, kumele sibe nesibindi ngokwazi ukuthi yonke imizamo yenziwa ukuze ivikele bona. Njengabazali, nisithembile ngenhlalakahle nokuphepha kwabantwana benu. Lokhu kuyisibophezelo esingasithathi kancane. Kulezi zinsuku namaviki azayo, sizobe siqa phe ngokucophelela okukhulu ukuvulwa kwezikole.Uma silandela imithetho futhi sigcina izindlela zokuzivikela njengabazali, othisha, imiphakathi kanye nabafundi sizobehlisa ngempumele lo ubungozi begciwane le-corona.Ekugcineni ngukwenza kwethu komunye nomunye nemizamo yethu sonke ezogcina abantwana bethu bephephile. Noma ngabe yini esizoyenza, kumele siyenze ngokubambisana.
