INingizimu Afrika iya esigabeni  sokuqapha sesithathu

vukuzenzele unnamed

 UMongameli u-Cyril Ramaphosa uye  wamemezela enku lumweni yakhe ukuthi iNi ngizimu Afrika seyedlulele esigabeni sesithathu ma nje nokuqale ukusebenza ngokusemthethweni mhla luluNye kuNhlangulana nemikhakha eminingi eyehlukene ivulile ukusebenza nokuxegiswa kwemikhawulo yokuhamba kwabantu.
Echaza enkulumweni yakhe yakamuva mayelana nenqu bekelaphambili emaswini ange nabungozi ahleliwe okubhe kana nobhubhane lwe-corona (i-COVID-19), uMongameli uthe izwe selizoba nendlela ehlukile yokubhekana ngqo nalezo zindawo ezinamazinga aphezulu okwesuleleka kanye nokusabalala kwalolu bhu bhane.
Izindawo eziyizizinda zeCOVID-19Lezi zindawo zimenyezelwe njengezizinda zegciwane le-corona. Lezi zindawo zibandakanya la madolobha: eTshwane  eGoli  Ekurhuleni  eThekwini  e-Nelson Mandela Bay  e-Buffalo City eKapa.Ezinye zezindawo ezikhonjwe njengezizinda kuse-West Coast, e-Overberg kanye nase-Cape Winelands nekusifunda somasipala wasesifundazweni saseNtshonalanga Kapa, isifunda i-Chris Hani esi ngaphansi kweMpumalanga Kapa, kanye nesifunda iLembe esingaphansi kwesifundazwe saKwaZulu-Natali.Indawo eyisizinda ichazwa njengendawo enabantu abathelelekile abangaphezulu kwabahlanu kubantu abayizi-100 000 noma kube yileyo ndawo enezinga lokusuleleka okusha okukhuphuka ngesi vinini esikhulu. Ukuze sikwazi ukulwa naleli gciwane kulezi zindawo, uhulumeni uzoqalisa ukungenelela ngamandla nahlose ngakho ukwehlisa isibalo esisha sabantu abesulelekayo.“Sizothatha izinyathelo ezithe thuthu zokubhekisisa lezi zindawo ezinobungozi, ukulawula ukusuleleka kanye nokulandelelwa kwakho. Sizothumela iqembu lochwephe she kuleso naleso sizinda,” kusho uMongameli.Le liqembu lizobandakanya odokotela bokwelashwa kwezifo, odokotela bezo kwelashwa komndeni, abahle ngikazi, onompilo, ongoti bezokuphathwa kwezimpilo zomphakathi kanye nabophiko lokwelashwa okuphuthu-mayo, elizosekwa ngongoti base-Cuba.“Sizoxhumanisa isizinda segciwane ngasinye nezinsizakalo zokuhlolela leli gciwane, izindawo zokuhlala wedwana, izindawo zokugonqa zalabo asebehaqekile, ukwelashwa, imibhede yasesibhedlela kanye nokuthungatha labo abake bahlangana nalowo ogulayo.“Uma ngabe kunesidingo kungenzeka ukuthi, noma yiyiphi ingxenye yezwe ibuyele esigabeni sokuqapha sesine noma sesihlanu uma ngabe ukubhebhetheka kwegciwane kungathibeki ngisho sekunge nelelwa futhi kunobungozi bokukhungatheka kwezi khungo zethu zezempilo,” kusho yena.Uhlu lwezindawo eziyizizi nda zegciwane luzobuyekezwa njalo emva kwamaviki amabili ngokuzoya ngokubhebhetheka kwegciwane.
Ukuvulwa komnothoUkuqaliswa ngokusemthe thweni kwesigaba sokuqapha sesithathu, nesiqale ekuqaleni kukaNhlangulana, kufake phakathi ukubuyiselwa kokusebenza ngokujwayelekile kwemikhakha emini ngi yomnotho, ngokulandela imithetho eqinile yezempilo nokuziqhelelanisa nabantu. Abasebenzi bakahulumeni a baningi babuyelile emsebenzini ngokuhambisana nemibande la ehambisana Nokusebenza Komthetho Wezempilo kanye Nokuphepha Emsebenzini, nangokuholwa nguMnyango  Wezemisebenzi Kahulumeni kanye Nokuphathwa Kwayo ngokusebenzisana neminye iminyango kahulumeni.



Imithetho kanye nezinhlelo ezindaweni zokusebenzaNjengoba imikhakha eminingi yomnotho ivula, uhulumeni uzothembe la kakhulu ezenzweni za bantu bomphakathi naba bambiqhaza ababalulekile ukubhekana nobungozi ezindaweni zokusebenza kanye nalapho abasebenzi behlangana nomphakathi.“Ngakho-ke sizophothula imithetho eminingi yakulo mkhakha futhi sizodinga ukuba zonke izinkampani zakhe izinhlelo mayelana nokusebenza kwazo  ngaphambi kokuvulwa,” kusho yena.Ngokwalezi zinhlelo, izinkampani kufanele zihlinzeke izibulali-magciwane kanye nokuziqhele lanisa nabantu; kumele zixilonge abasebenzi nsuku zonke uma befika, zigo nqise labo asebesulelekile ngaleli gciwane futhi zenze izinhlelo zokuba bahlolwe.“Kumele ziphinde zisize ngokuthungatha labo asebehlangane nalowo osehaqwe yileli gciwane. Ngenxa yobuthakathaka babo, bonke abasebenzi abaneminyaka engaphezulu kwengama-60  ubudala futhi abanezifo eziyimbelesela okunga ba isifo senhliziyo, isifo sikashukela, izifo eziphathelene nokuphefumula kanye nomdlavuza kumele bahlale ekhaya,” kusho uMongameli.Abasebenzi abakwaziyo ukusebenzela emakhaya kumele bavunyelwe ukwenza kanjalo.Ukulandela lezi zinyathe lo, zonke izimboni ezikhi qizayo, izimayini, abakhi, abezezimali, imisebenzi ekhokhelwayo namabhi zinisi, ubuchwepheshe bamakhompyutha, abe zokuxhumana, imisebenzi kahulumeni kanye nabezindaba, baqalile ukuse benza ngokusemthethweni mhla luluNye kuNhlangu lana. Amalungiselelo okuqala kahle ukusebenza ngokwezigaba kanye nokufakwa kwezinhlelo kuzokwenziwa kuzo zonke izindawo zokusebenzela.“Abathengisi kanye nohwebo lwezitolo kuzovulwa ngokuphelele nakho, okubandakanya izitolo, iziphaza kanye nabathengisi basemgwaqeni. Ukuthenga nge-inthanethi kuzoqhubeka kusebenze. Eminye imikhakha eyayi vele seyivuliwe, njengezoli mo kanye nezamahlathi, izinsiza ezibalulekile, usizo lokwelapha, ukukhiqizwa kokudla kanye nokukhiqizwa kwemikhiqizo ye nhlanzeko, izoqhubeka nayo isebenze,” kusho yena.
Imisebenzi yomnotho enobungozi obuphezulu ayivumelekileImisebenzi enobungozi obuphezulu izoqhubeka nokungavumeleki. Le mi sebenzi ibandakanya:
• Izindawo zokuhlala phansi udle, izindawo ezithengisa nezokuphuzela utshwala, ngapha ndle uma kuhanjiswa noma kulandwe ukudla.• Izindawo zokuhlala kanye nezindawo zokuhamba ngezindiza  zalapha ekhaya,  ngaphandle uma uhamba ngomsebenzi, okuzo vunyelwa ngezinsuku ezisazomenyezelwa ngokusemthethweni.• Izingqungquthela, imi cimbi, ukuzijabulisa kanye nemidlalo.• Ukuzicwala, okubandakanya ukulungiswa kwezinwele kanye nemisebenzi nokuziphaqu la.
Ukuhamba kwabantu kanye nokuthengiswa kotshwalaAbantu bazovunyelwa ukuba bakwazi ukuzivocavoca noma nini ngezikhathi zasemini, kuye ngokuthi lokho abakwenzi ngamaqembu. Umthetho we washi ovimbela ukuhamba kwabantu uzosuswa.“Utshwala bungathengi swa ukuphuzelwa ekhaya ngaphansi kwemigomo eqinileyo, ngezinsuku ezithile futhi ngamahora athile. Izimemezelo ezihambisana nalokhu zizo kwethulwa uma sekupho thulwe izingxoxo kuleyo mikhakha eyahlukene,” kusho uMongameli.Ukuthengiswa kuka gwayi kuzoqhubeka  nokungavunyelwa  kulesi sigaba sokuqapha sesithathu, ngenxa yobu ngozi bempilo yabantu obuhambisana nokubhema.“Yonke imibuthano yomphakathi  ayivunyelwe, ngaphandle  kwemingcwabo enabantu abangadluli kuma-50 noma imihlangano ezindaweni zokusebenza ngezinhloso zemisebenzi,” kusho yena.
Ukulindela ukwe nyuka kwesibalo so kwesuleleka nge gciwaneUMongameli u-Ramapho sa uthi, ukulungiselela u kwenyuka kwesiba lo sabantu abaphe thwe igciwane le-corona (i-COVID-19) ezweni, kunemibhede yasezi bhedlela eyizi-20 000, futhi, ihlelelwe izigameko ze-CO VID-19, kanye nezibhedlela zesikhashana ezingama-27 esezakhiwe ezweni jikelele. “Ezinye zalezi zibhedlela seziqalile ukwamukela iziguli ezinegciwane le-corona.” UMongameli uthi uhulumeni uyawubonga umsebenzi wezisebenzi zikahulumeni, ikakhulukazi labo abaphambili empini yokulwa nobhubhane lwe-corona (i-COVID-19).“Ukuphepha kwabo bonke abasebenzi,  kubandakanya izisebenzi zikahulumeni, kuyingxe nye yokukhathazeka kwethu sonke. Sizoqhubeka nokwenza imizamo ukuhlinzeka ngezinsiza zokuzivikela ezanele ukuze siqinisekise ukuphepha kwawo wonke umuntu ngesikhathi esemsebenzini .
 “Esikubeke eqhulwini uku qala ukwehlisa amathuba okusabalala kwegciwane le-corona kanye nokwenza indawo ephephile yawo wo nke umuntu,” kusho yena.
 
Amasu okumele uwalandele ukuze ugweme ukwesuleleka ngegciwane leCorona .
 »Hlala ekhaya ngayo yonke indlela. »Khumbula ukuziqhelelanisa nabantu »Gqoka isifonyo sakho sobuso »Hlanzisisa izandla zakho ngensipho. Geza izandla zakho macala onke, phakathi neminwe kanye naphansi kwezinzipho. Hlanza izandla zakho njalo ngensipho ngaphambi kokudla nasemva kokuba nabantu. »Vala umlomo wakho ngethishu uma ukhwehlela futhi uthimula. Gwema ukuzithintathinta ubuso ngezandla ezingcolile ngaso sonke isikhathi.  »Thola ukwelashwa uma ungaphilanga kahle. Izimpawu ezijwayelekile zeCOVID -19 emzimbeni zibandakanya ukukhwehlela, ikhala eligxazayo, imfiva kanye nokuvaleka ukuphefumula. Uma ngabe uhlaselwa ngezinye zalezi zimpawu, thola usizo lokwelashwa ngokuphazima kweso.
Ngeminye imininingwane ethe thuthu shayela Isikhungo Sezifo Ezithelelanayo Kuzwelonke  kule nombolo esebenza ubusuku nemini ethi: 0800 029 999 noma ungene ku: www.health.gov.za  naku:  www.nicd.ac.za