Intando yeningi yethu izosisiza ukunqoba  iCOVID-19  

vukuzenzele unnamed

Sihlale siyithatha kancane intando ye-ningi yethu enempi-lo nenamandla. Kodwa ibe kuyiyona nto esinayo kulo mzuzu esikuwo wokuzaba-lazela ukunqoba ubhubhane lwegciwane le-corona.
Sinezakhamuzi ezizib anda-kanyayo kwipolitiki emhla-beni. Inhlolovo yangowe-2018 eyenziwa i-Pew Research Center ibonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazimisele ukuthatha isinyathelo sezepolitiki ngezindaba ezibaphethe kabi kakhulu, njengosizo lwezempilo,  ezemfundo, ukukhuluma ngokukhululeka kanye nenkohlakalo.
Inhlolovo iqinisekisa oku-ningi esesivele sikwazi nga-thi. Akukho okusithokozisa njengokuzibandakanya no-hulumeni wethu naphakathi kwethu ezindabeni ezisema-theni zosuku. Sinomphakathi ophapheme ohlezi ume ngo-mumo ukuvikela inkululeko namalungelo ethu ayisisekelo.Okunye kokunqoba kwentando yeningi yethu ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika uyakholwa ngukuthi uMthethosisekelo uyabavikela nokuthi izinkantolo zinobu-lungiswa futhi zingumahlu-leli ongathathi icala obhekelele okudingwa yibona.Ngicabange ngalezi zindaba ngesikhathi ngivakashele eMpumalanga Kapa maduze nje ukuyohlola ukuzilungiselela kwesifundazwe ukubhekana negciwane le-corona.Ngabuzwa intatheli ukuthi ngabe ngikhathazekile yini ngombango wamacala okhona okuphosa inselele ekuhlinzekweni koMthetho Wokulawula kweNhlekelele.  Lo mthetho uyisisekelo sayo yonke imithetho-nqubo eyamenyezelwa ngaphansi kwesimo senhlekelele sikazwelonke eyethulwa ukulwa negciwane le-corona. Selokhu kwaqala lolu sizi, abantu abaningi basebenzise ilungelo labo lokuya ezinkantolo. Imithetho-nqubo yoku-valwa kwezwe yaphoselwa inselele ngeviki lokuqala ngqa lokuvalwa kwezwe yisakhamuzi saseMpumalanga esasifuna ukukhululwa ekunqatshelweni ukuhamba ukuze sikwazi ukuhamba siye emngcwabeni.Emavikini ayisikhombisa alandela, sekube nezinselele zomthetho ezibuya kubantu abaningi, izinhlangano ze-zenkolo, amaqembu epolitiki, ama-NGOs nasezinhlanganweni zamabhizinisi ezilwisa isinyathelo noma eziningi zo-kuhlinzekwa kokuvalwa kwe-zwe abebengathokozile ngazo. Abanye baphumelele kulezi zinselelo zabo abanye abaphumelelanga. Abanye baye ezinkantolo ngokubhekela ukuphuthuma kodaba lwabo lapho abathole impikiswano yabo ephuthumayo isichithwa  enkantolo futhi abanye bathola ezinye izindlela zokukhulu-leka abebekufuna. Abanye bazihoxise ngokulandelana izicelo zabo kulandela ukubo-nisana nohulumeni.Ngesikhathi singancamela ukugwema isidingo sokutha-thela uhulumeni izinyathelo zomthetho, kumele samukele ukuthi izakhamuzi ezingatho-kozile nanoma yikuphi uhu-lumeni anqume ukukuqalisa zinelungelo lokuya ezinkantolo ukuthola nanoma yikuphi ukukhululeka ezikufunayo. Lona ngumgomo ojwayelekile wentando yeningi yomthethosise-kelo futhi kuyisenzo esamu-kelekile ezweni elinesisekelo sokubuswa ngomthetho.Sibeke ngomumo izinqubo ezizogwema amaphutha ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlaka zikahulumeni ziya-kwazi ukumelana nokuhloli-siswa ngokomthethosisekelo. Lapho sitholakala khona sifu-na, siyobekwa icala izinkantolo zethu futhi, ngaphezu kwakho konke, yizakhamuzi zakithi. Ngaphandle kwezinkantolo zethu, UMvikeli Womphakathi kanye Nekhomishana Eyengamele Amalungelo Ompha-kathi waseNingizimu Afrika bakhona ukubeka phambili amalungelo ezakhamuzi, kanjalo nezinhlangano ezijutshwe ngokubhekelela ama-ejensi ezomthetho.Njengoba ngatshela intatheli, wonke umuntu waseNingizi-mu Afrika unelungelo lokuya ezinkantolo ngisho nami, njengoMongameli, angeke ngama endleleni yanoba ubani osebenzisa lelo lungelo. Sekube, futhi kuzoqhubeka kube khona, ukugxekwa oku-namandla nokushayisana nge-zindlela eziningi zikazwelonke zokubhekana negciwane le-corona, kusuka ekucubunguleni imininingo nokulinganisela, kuya kwimiphu-mela yomnotho ngenxa yokuvalwa kwezwe, kuya kwimithetho-nqubo. Njengohulumeni asifuni ukuthi lokhu kugxeka kube nentu-kuthelo noma kuthuliswe.Ngakoluhle uhlangothi, ukugxeka, ngokwakhayo, ku-siza thina ukuthi sivumelane futhi siqhubeke masinyane futhi kalula ekubhekaneni no-kushintsha izimeko nezimo.  Kucebisa inkulumo-mpikiswano yomphakathi futhi kusinikeza ukuqonda okusa-balele ngezindaba okukhulu-nywa ngazo. Ngokungashintshi silokhu sithembele kulwazi lwezesayensi, lwezomnotho kanye nolwazi esiluthole ngokubona okwenzekayo uma kumele sithathe izinqumo nokusungula imithetho-nqubo ukuze sibhekane negciwane le-corona. Okukhulu kakhulu esingakwenza ngaphansi kwa-lezi zimo ezinzima, sihlose ukubonisana nokuxoxisana. Sifuna bonke abantu baseNingizimu Afrika babe yingxenye yalo mzamo kazwelonke. Imibono yezakhamuzi zakithi kumele iqhubeke ilalelwe nge-sikhathi esinzima njengalesi.Ubhubhane lwegciwane le-corona kanye nezinyathelo esizithathile ukulwa nalo sekulethe umthwalo kubantu bakithi. Sekudale ukuphaza-miseka okukhulu nobunzima. Yize singayikhomba inqube-kelaphambili esesiyenzile eku-bambezeleni ukubhebhetheka kwegciwane, iseyinde indlela esisazoyihamba. Amaviki nezinyanga ezizayo zizoba nzima futhi zizofuna okukhulu ebantwini bakithi.Ubhubhane luzoqhubeka lubeke ubunzima obukhulu emphakathini wakithi nasezikhungweni zethu. Noma sivu-la kancane kancane umnotho, umthelela ezimweni zezinto zabantu uzoba mkhulu. Uma kuzobe kusasenjalo, amathuba okungqubuzana, ukungezwa-ni nokungagculiseki kuzohlale kukhona.Njengoba sisesizibeni esimanzonzo, uMthetho-sisekelo wethu yiwona nkombandlela yethu ebalulekile futhi neyigugu lethu lokuzivikela. Intando yeningi yethu ena-mandla ihlinzeka amandla kanye nokuqina esikudingayo ukunqoba lolu sizi olungaka.Njengoba uhulumeni  ekubonga ukuthi izicelo ezi-ningi zenkantolo zigqugquzelwa okuhle okufanayo, ngakhoke nathi kumele sibone ukuthi izinqumo ezithathwa nguhu-lumeni zenziwa ngesihle futhi zenzelwe ukwenza ngcono, hhayi ukulimaza, izidingo za-bantu baseNingizimu Afrika.Okuseqhulwini kunakho konke kusalokhu kungukusindisa izimpilo. Zonke izinqumo zethu ziholwa isidingo sokwenza ngcono amalungelo empilo nesithunzi njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo wethu.Sizoqhubeka samukele imi-bono eyehlukile ngisho nephikisayo mayelana ngendlela kazwelonke esibhekana ngayo negciwane le-corona. Yonke imibono ilusizo futhi iyasisiza ukusebenza kangco-no nangobuchule.Ukusetshenziswa kwesise-kelo senkululeko yokudlulisa lokhu ofisa ukukusho, ukuzi-bandakanya kanye nokukhu-luma kuyisilinganiso sempilo enhle yentando yeningi yethu. Kodwa ngaphezu kwalokho, la malungelo abaluleke kakhulu empumelelweni yomzabalazo wezwe wethu sonke ukuze sinqobe igciwane le-corona.