Izindlela okumele uzilandele zokusebenzisa isifonyo sobuso

vukuzenzele unnamed

UMnyango  Wezempilo  Kazwelonke uncoma ukuthi wonke umuntu waseNingi zimu Afrika afake isifonyo sobuso ese nziwe ngendwangu (okungesona isifonyo sezokwelapha) uma esemphakathini.
Abagibeli abahamba ngamatekisi nezinye izi-ndlela zezokuthutha zomphakathi, kanye na-bantu abachitha isikhathi ezindaweni lapho kunzi-ma khona ukuqhelelana kwabantu, bayaphoqelelwa ukuthi bafake izifonyo zo-buso ezenziwe ngendwa-ngu.Inzuzo enkulu ngokuthi abantu bonke bagqoke izi-fonyo zobuso ukunciphisa inani legciwane lecorona  (COVID-19) elisatshalali-swa ngokukhwehlela yilabo asebethelelekile  ngokunciphisa ukusabalala kwalo ngamathonsana.
Njengoba abanye abantu asebehaqwe igciwane leco-rona kungenzeka bangabi nazimpawu noma banga-zazi ukuthi banegciwane, wonke umuntu kufanele afake isifonyo sobuso.
Ukugcina isifonyo sobuso sihlanzekile Izifonyo zobuso ezenziwe ngendwangu ziyanconywa njengengxenye yomkhuba noma inqubo yenhlanze-ko kwezokuphefumula ehlanganisa ukukhwe-hlelela nokuthimulela endololwaneni efinyeziwe noma ephepheni lokufinya. Isifonyo sobuso kumele semboze ikhala nomlomo ngokuphelele. Izifonyo zobuso akufanele zehliswe lapho umuntu ekhuluma, ekhwehlela noma ethimula.
Kubaluleke kakhulu ukuthi izifonyo ezenziwe ngendwangu zisetshe-nziswe ngendlela efanele. Ukusetshenziswa ngendle la engalungile kungahle kuholele ekutheni labo abawafakile bazibekeengcupheni yokusabalalisa iCOVID-19 .
Nalapho ufake isifonyo kufanele:
• ugeze izandla zakho• ulandele umyalelo wokuqhelelana nabantu• khumbula ukuthimule-la nokukhwehlelela endo-lolwaneni yakho• gwema ukuthinta ame hlo akho, ikhala noma umlomo ngezandla ezingcolile.
Umphakathi akumele usebenzise isifonyo sodo-kotela (sezokwelapha) noma isifonyo i-N-95  ngo-ba lezo zigcinelwe abase-benzi bezempilo nabanye ababizwa kuqala ezimweni zezempilo.
  vNhlaba 2020 Ushicilelo 2 Indlela yokunakekela isifonyo sakho sendwangu  1. Sebenzisa isifonyo esiwashiwe sa-ayinwa kuphela.2. Geza izandla zakho ngaphambi kokufaka isifonyo.3. Gqoka isifonyo kahle uhlangothi olufanele lubheke ebusweni ba-kho, futhi uqiniseke ukuthi semboza ikhala nomlomo wakho kahle.4. Bopha izintambo ngemuva kwekhanda lakho, noma uma use-benzisa esinamabhande elastiki, qiniseka ukuthi aboshwe aqina.5. Qiniseka ukuthi sikulingana kahle. Sinyakanyakazise ukuze sime kahle. Ungalokothi uthinte ingxenye yendwangu ngesandla.6.  Uma usufake isifonyo, UNGA LOKOTHI UTHINTE UBUSO BAKHO futhi kuze kube lapho usikhumula.7. Lapho ususikhumula, qaqa izintambo, bese usonga ngokucophe-lela isifonyo kusuka ngaphakathi kuya ngaphandle, usibambe ngezintambo /ngelastiki bese usi-faka esitsheni esenzelwe ukuwasha  isifonyo esenziwe ngendwangu.8. Gezisisa izandla zakho kahle bese uzisula ngaphambi kokwenza enye into.9. Kufanele umuntu ngamunye abe okungenani nezifonyo ezimbili ukuze ukwazi ukuthi uma uwashe esisodwa esinye sibe sihlanzekile sikwazi ukusetshenziswa.10. Izifonyo kufanele ziwashwe nge-nsipho namanzi ashisayo, zihlanjululisiswe  futhi zi-ayinisiswe.
Ukubaluleka kokuqhelelana nabanye abantu Kule mpi yokulwa negciwane leCOVID -19 elihamba ngamandla, ukuqhelelana kwabantu kusemqoka kakhulu ukusiza ukunqanda ukusabalala kwalesi sifo ezweni lonke.Ukuqhelelana kwabantu kuchaza ukuba buqamama ngebanga elingaba amamitha amabili kwabanye abantu ukuze kuncishiswe ukuthelelana ngeCOVID -19. Lo mkhuba ubaluleke kakhulu ngenkathi siphakathi nalolu bhubhane lwegciwane lecorona  lapho leli gciwane lisabalala lisuka komunye umuntu liye komunye umuntu ngomuntu othelelekile edlulisa amathonsana alo ngokuthimula, ukukhwehlela noma ukukhuluma.Ukuqaliswa kohlelo lokuqhelelana kanye nokuvalwa kwezwe laseNingizimu Afrika kusemqoka ukuze kuncishiswe isivinini sokuthelelana kwabantu, nokubonakala ngokwehla kwenani labantu abathelelekile.
Lolu lwazi luhlinzekwe nguMnyango Wezempilo.