Asibumbane Ekulweni neCOVID-19

vukuzenzele unnamed

Umhlaba wonke  awuphelile amandla ekubhekaneni nobhubhane lwegciwane le-corona , eselibhebhethe kise okomlilo wequbula. Umgomo walo okusamele utholakale. Emhlabeni jike-lele, bangaphezu kwezigidi ezi-3.4 abantu ekwaziwa ukuthi basulelekile fu-thi bangaphezu kwezi-240 000 asebeshonile. Lezi ngempela izikhathi ezinzi-ma.
Ngesikhathi kumenyezelwa isimo senhlekelele kazwelonke emavikini ayisithupha adlule, iNingizimu Afrika yayinezi-gameko ezingama-61 kuphela eziqinisekisiwe zabasuleleke ngegciwane lecorona . Nga-phandle kokubuka inani eliphansi, umbono wongoti kanye nesikubone kwamanye amazwe aphesheya kubonise ukuthi ukusuleleka kusazokhuphuka ngendlela eyisimanga. Ngabe sengithi kuzodingeka kutha-thwe izinyathelo ezinkulu futhi eziphuthumayo. Lezo zinyathelo – okubanda-kanya ukuvalwa kwezwe jikelele nokuvalwa kwemingcele – okubonise ukuthi kuyasebenza ngempela ukubambezela uku-bhebhetheka kwesifo. Lokhu kuyenzeka ngenxa yokuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bayilandele imiyalelo yokuvalwa kwezwe, ukuqhelelana nabanye abantu kanye nokugqoka izifonyo zo-buso. Ngiyanibonga kakhulu ngalokhu nangakho konke ukuzinikela esenikwenzile.Kulesi sigaba sokudlondlobala kobhubhane, amanye amazwe abe nenani  labasulelekile eliphe-zulu ukwedlula thina. Njenga-manje – okungusuku lwama-46 selokhu sabika isigameko se-100 segciwane lecorona  – sesinezi-gameko eziqinisekisiwe eziyizi-6 783. Izwe lase-Italy, elinenani labantu elifanayo nelethu, libe nezigameko ezingaphezu kwe-zi-140 000 kanye neMelika ibe nezigameko eziqinisekisiwe ezilinganiselwa ezi-700 000 esikhathini sezinsuku ezinga-ma-46.Kodwa lokhu akusho ukuthi ubungozi sebudlulile. Asikafiki esihlokweni sokusuleleka eNi-ngizimu Afrika. Lonke ucwani-ngo lwesayensi lubonisa ukuthi izinga lokusuleleka lisazoqhu-beka likhuphuke ngesivinini esikhulu ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.Noma kunjalo, isivinini eli-bhebhetheka ngaso igciwane nenani labantu abasulelekayo lizolawulwa ukuthi thina senza-ni manje. Yingakho ukuxegiswa kokuvalwa kwezwe kudinga kwenziwe kancane kancane nangokucophelela. Kungalesi sizathu ukuthi imithethonqubo eminingi kumele ihlale ikhona futhi kungani kubalulekile kakhulu ukuthi abantu bayila-ndele. Ngiyazi ukuthi kunzima kanjani lokhu futhi ngiyakuqo-nda ukukhathazeka abantu ba-kithi abaningi abanako ngokuthi le mithethonqubo igxambukela futhi ibeka imikhawulo ku-malungelo abo. Inhlosongqangi yethu ngukugcina impilo.Ukuqhelelana nabantu noku-hlanzeka kuseyizona zikhali zethu ezihamba phambi-li kulo mzabalazo. Ilokhu okulawula imithethonqubo esiyibekile esigabeni sesine sokubhekana negciwane. Ukucabangela kwethu kususe-lwa ebufakazini obuqanda ikha-nda, ulwazi lwesayensi no-mnotho kanye nokusebenza okuhamba phambili kwamazwe ngamazwe. Ngesahlulelo sowe-1995 seNkantolo Yomthethosise-kelo eyakhipha emthethweni isigwebo sentambo, u-Justice Arthur Chaskalson wabhala wathi: “Amalungelo empilo nesithunzi yiwona abaluleke kakhulu kuwowonke amalu-ngelo omuntu futhi angumtho-mbo wawo wonke amalungelo omuntu. Ngokuzinikela kwethu emphakathini owakhiwe ngo-kwamukela amalungelo abantu sidingeka ukuba siwaqhaka-mbise la malungelo amabili okudlula wonke amanye.”Le mithethonqubo esiyibekile ibekelwe phezu kwalokho ku-zinikelela empilweni nesithu-nzi, futhi ezithethelela – kulezi zimo ezibucayi – imikhawulo yesikhashana kwamanye amalu-ngelo, njengokuba nelungelo lokuya lapho uthanda khona nokuba nanoma ubani ofuna ukuba naye.Ekwenzeni lokhu, iNingizimu Afrika ayifani namanye amazwe.Inani labantu emhlabeni elili-nganiselwa koyedwa kwabahlanu livalelwe ngenxa yesifo noma lisekuvalweni kwezwe, ngaleli nani elikhula ngesivi-nini ngenxa yokukhula kwenani labasulelekayo. Lokhu kubanda-kanya amazwe anenani labantu elikhulu kunelethu, njenge-India  enabantu abayisigidigidi  esi-1.5. Inqwaba yamazwe isibeke izikhathi zokubuya ekhaya njengalesi esisibekile lana. Imikhawulo ekuhambeni ibekiwe emazweni amaningi. EUK kanye nakunhlokodolobha yaseFrance , e-Paris , ukuzivocavoca ngaphandle kunemikhawulo yamahora athile ebangeni eli-thile ukusuka ekhaya lomuntu.Izindlela zokugcina nokugwe-ma ezifanayo nezethu zibekiwe emazweni amaningi. Isibo-nelo, ukudayiswa kotshwala ngesikhathi sokuvalwa kwezwe kunemikhawulo ethile noma ku-misiwe ezindaweni eziningi ngohulumeni bendawo, kubanda-kanya i-Mexico , i-Hong Kong  kanye neGreenland , ngenyanga edlule eyabeka ukuvalwa uku-dayiswa kotshwala ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ukunciphisa ukusuleleka kodwa futhi ‘no-kwehlisa udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.’Sekube nemibono eminingi yomphakathi ngesinqumo sika-hulumeni sokwelula ukuvinje-lwa kokudayiswa kwemikhiqizo yogwayi esigabeni sesine. Isi-nqumo esifana nalesi kulindele-kile ukuthi silethe impikiswano, kodwa akukuhle ukucabanga ukuthi kunoNgqongqoshe noma uMongameli owenza noma osho noma yini afuna ukuyisho ngalo-lu daba.Mhla zingama-23 kuMbasa, ngamemezela ukuthi ukudayiswa kogwayi kuzovumeleka esigabeni sesine. Lokhu kwa-kususelwa embonweni wo-Mkhandlu Kazwelonke Obhekene Negciwane Lecorona  (NCCC), futhi okwakuqukethwe ohlakeni olwalungakaphasiswa olwaluchicilelelwe ukubonisana.Emva kokucabangisisa oku-nzulu nokuxoxisana, i-NCCC yabuye yabuyekeza isinqumo sayo egwayini. Yingakho ke, imithethonqubo eyavunyelwa yiKhabhinethi neyamenyezelwa nguNgqongqoshe uNkosazana Dlamini-Zuma mhla zingama-29 kuMbasa yelula ukuvalwa ko-gwayi.Lesi kwaba yisinqumo esathathwa ndawonye nezitatimende ezethulwa emphakathini yimi-na noNgqongqoshe zethulwa simele, sigunyazwe, yithimba engiliholayo.Wonke umthethonqubo esi-wubekile ucatshangisiswe kanzulu. Ngesikhathi senza lokho kube khona ukubonisana nongoti bezokwelapha, izifunda ezehlukene kanye nezimboni ezehlukene. Besiholwa izi-nhlangano zamazwe ngamazwe kanye nalokho amanye amazwe asedlule kukhona.Iqiniso ukuthi sizwa amanzi ngobhoko. Kusekuningi kakhu-lu okumayelana nalolu bhu-bhane lwegciwane okungazi-wa. Kungcono ukuphambukela ohlangothini lokucophelela kunokuthi kusasa silahlekelwe ngokwahlulelwa.  Ngesikhathi kusenokwehluka kwemibono kwezinye zezi-nqumo esizithathile – kwesinye isikhathi lokhu kunombono owehlukanisa abantu – uhu-lumeni wenza yonke imizamo ukukwenza ngendlela ezokwe-nza ngcono amalungelo empilo nesithunzi sabobonke abantu bakithi.Ekulaleleni abantu bakithi nokukhathazeka kwabo ngalesi sikhathi kube ngeye yezinto ezehlukile esinazo zokuthi uhu-lumeni ululawule kanjani lolu bhubhane. Siyaqhubeka uku-lalela ukukhathazeka kwabantu bakithi futhi sizimisele ukwenza izinguquko ezizohambisana nokukhathazeka kwabantu ngezingqinamba abahlangabe-zana nazo nesidingo sokuphe-phisa izimpilo.Kulesi sikhathi esinzima, ama-ndla ethu sonke kumele siwa-bhekise ekuqinisekiseni ukuthi ezempilo nempilo kuyagcinwa, ukuthi ukuthuthwa kokudla, amanzi, usizo lwezempilo, ukuphepha komphakathi no-kwesekwa komphakathi aku-phazamiseki. Ngaphansi kwalezi zimo ezi-ngajwayelekile, njengohulu-meni, njengomunye nomunye nanjengomphakathi ngesinye isikhathi amaphutha sizowe-nza. Uma lokho kwenzeka, sizowalungisa. Kodwa kumele siqhubekele phambili, singa-ngenwa itwetwe noma singa-lahlekelwa ukuzimisela.Isimo esizithola sikuso sidinga isibindi nokubekezela. Sidinga ukufiselana okuhle noku-thembana phakathi kwakho, isakhamuzi, kanye nohulumeni, naphakathi komunye nomunye. 