Ukwesekwa kwamabhizinisi amancane ngesikhathi seCOVID-19

Dale Hes

UNGABAZANE nobunzima kwezezimali okusemahlombe osomabhizinisi kanye nabanikazi bamabhizinisi amancane obudalwe ubhubhane oluhlasele umhlaba jikelele lwegciwane lecorona  ngandlela thile buzokwethulwa ngezinhlelo zokweseka zikahulumeni nezalabo abazimele.
Abanikazi bamabhi zinisi amancane nabathengisa  emgwaqeni bayingxenye yabantu baseNingizi mu Afrika abashayeke kakhulu ngokuvalwa kwezwe. Ukuze badlule kulesi sikhathi esinzi-ma, labo somabhizinisi bangasebenzisa ithuba ngokusebenzisa izindle-la eziningi zokungenelela uhulumeni azibekele uku siza bona.
Isikhwama Sosizo Lwezikweletu Oluqondiswe Emabhizinisini Amancane Kulandela isimemezelo sokuvalwa kwezwe, uMnya ngo Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane wavula isikhwama sosizo lwezikweletu oluqondiswe emabhizinisini amancane ashayeke kakhulu ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19 .
Ingaphezu kwezigidi ezingama-R500 imali ekhona kulesi sikhwama, okumele amabhizinisi amancane ukuze ayithole afake izicelo ngendlela ye-inthanethi. Nazi izinyathelo okumele zilandelwe uma ufaka isicelo:1. Ibhizinisi lakho kumele libhaliswe kwingosi Yama-bhizinisi Amancane YaseNingizimu Afrika. Uma ungakabhalisi, kumele uye  ku www.smmesa.gov.za  ukuze ubhalise. 2. Uma usuqedile ukubhalisa, usungafaka isicelo Esikhwameni Sosizo Lwe zikweletu oluqondiswe emabhizinisini amancane seCOVID-19 . Ifomu lokufaka isicelo ungalithola kuwebhusaythi yoMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Ama-ncane. 3. Uma unayo yonke imininingwane edingekayo futhi ufanelekile (njengokuthi ibhizinisi lakho liyayilandela imigomo yentela futhi liphethwe ngabantu baseNingizimu Afrika), imali yosizo izokhokhwa kulabo abaphu-melele ezicelweni zabo ezinsukwini zokusebenza eziyi-12. Uma  ungumnikazi webhizinisi elincane, Uphiko Loku-thuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane lukhona ukuze lukusize ukufaka isicelo ohlelweni lokusizwa ngesikweletu. Izicelo zokusi-zwa zingathunyelwa ku:  debtrelief@seda.org.za.  IsiKhwama Sobunye NobumbanoUMongameli u-Cyril Rama-phosa uphinde wamemezela ukuvulwa kwesiKhwama Sobunye Nobumbano, esiqalwe ngemali eyizigidi ezi-R150 ephuma kuhulumeni. Isi-khwama sivumela izinhla-ngano kanye nabantu nga-munye ngamunye ukunikela emzamweni kazwelonke ukweseka amabhizinisi amancane kanye nemizamo yokusiza nge-COVID-19 . Emavikini okuqala amabili kuvulwe lesi sikhwama, kwanikelwa imali engaphe-zu kwamabhiliyoni amabili amarandi, ezosetshenziswa emizamweni yokusiza.
Ukwesekwa KweziphazaUhulumeni uzibonile izingqi namba ezilethwe ubhubhane kulabo somabhizinisi abathengisa emgwaqeni. Ngalokho ke, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwama-bhizinisi Amancane uKhu-mbudzo Ntshavheni naye usekhiphe izinhlelo zokwese-ka labo bantu abasebenza kulo mkhakha.Lokhu kubandakanya uhle-lo lokweseka iziphaza. “Ukwesekwa kweziphaza kuzobandakanya ukuxhuma-na okubhekiswe ngqo kwizi-phaza, amandla okuthenga kanye nokuthenga inqwaba yezimpahla kubathengisi abakhethiwe nabavumelekile,” kuchaza uNgqongqoshe. Lokhu kwesekwa kuzovu-mela iziphaza ukuthi zithole izimpahla ezingazithengisa. UNgqongqoshe uNtshavheni wenezele ngokuthi uhlelo lolu luzokwenza ukuthi abanikazi beziphaza bakwa-zi ukuthenga ngesikweletu, okuzobavumela ukuthi bathole imali edingekayo ukuze bayothenga isitoko abazosithengisa. “Lokhu kuzolandelwa ukuthola indawo enikezela ngesikweletu ezokwenza ukuthi abanikazi beziphaza bakwazi ukuqhubeka bathenge, noma sekudlule ukuqubuka kweCOVID-19 .”Umnyango uzophinde ubacebise ngokuthi bangazi-phatha kanjani ngokuyimpu-melelo izitolo zabo. “Siphinde futhi sibaseke ngokubanika ukwesekwa ngokulawulwa kwamabhizinisi ngoba siyazi ukuthi kunezinkinga eziphaza ngokulawulwa kwamabhizinisi abo ukuthi enze inzu-zo,” kusho uNtshavheni.
Ukusiza Abathengisi Abangahleliwe Uhulumeni usebenza futhi ohlelweni oluzohlinzeka ngosizo lwemali kosoma-bhizinisi abathengisa emgwaqeni abalahlekelwe inzuzo ngenxa yale nhlekelele. Osomabhizinisi abathengi-sa emgwaqeni nabo bafane-lekile ukuthola Usizo Lwesi-khwama Lwezikweletu oluqondiswe emabhizinisini amancane kodwa kufanele babhalise nomnyangongendlela efanayo nalawa amanye amabhizinisi amancane. 