Ukusizwa kwezakhamuzi zakithi ezibuthaka

Vukuzenzele unnamed

Amazwe amaningi emhlabeni aseva-le amazwe ngenxa yegciwane lecorona  ngokomqondo wokuthi kuzosindisa izimpilo ze-zakhamuzi zabo. Nathi senze okufanayo ezweni lethu, kodwa ukuvalwa kwezwe lethu kwembu-le iphutha elidabukisayo emphakathini wethu oku-beke obala indlela ububha, ukungalingani noku-swelakala kwemisebenzi oku-hlukanisa ngayo imiphakathi yethu. Alukho usizi olwedlula olomzali okhalelwa abantwana befuna ukudla, kodwa benge nalutho abangabanika lona.
Akukho ukungabi nabu lungiswa obedlula umpha kathi lapho abanye baphila ngokunethezeka nokungasweli lutho, ngesikhathi abanye be-zabalazela ukuphila ngalokhu okuncane abanakho noma ngalokhu abangenakho nhlobo.
 Yebo, lena imiphumela emibi eyasala yesikhathi esedlule ebesinokukhubazeka nokungalingani. Kodwa futhi kuyizimpawu zokwehluleka kwethu emphakathini wase-mva kobandlululo. Ukuvalwa kwezwe kulolonke lakuleli ngenxa yokulwisana negci-wane le-corona  sekuvele kwa-bhebhethekisa kakhulu inkinga elokhu yabakhona.
Emavikini ambalwa edlule, sesibhekane nezithombe ezile-tha usizi zabantu abahluphekile bebanga izijumbana zokudla ezikhungweni zokunikezela ngokudla kanye nemibhikisho yemiphakathi ngokuswelakala kokudla.
Siphinde futhi sabhekana nezi nsolo eziphazamisayo nezihla-zayo. Izifundazwe eziningana zithole imibiko yokuthi kuna-bantu abanonya, abanye babo okusolakala ukuthi izikhulu zikahulumeni, bagweve noma badayisa izijumbana zokudla ezihlinzekelwe abantu aba-swele nabahluphekile, noma bakuhambisa kubangani nase-mindenini yabo.Uma kuke kwatholakala ukuthi lezi zinsolo ziliqiniso sizobhekana nalabo bantu ngesikhulu isihluku.
 Ngokumemezela isimo sika-zwelonke senhlekelele nokube-ka kokuvalwa kwezwe kulo-lonke lakuleli besizwa amanzi ngobhoko. INingizimu Afrika ayikaze yabhekana nesimo esi-phuthumayo esinzima kangaka ngempilo yomphakathi.
 Bekumele sisukume ngoku-shesha ukuze sisindise izimpilo. Kumele sikuvume ukuthi ezinsukwini nasema-vikini alandelile, ukwese-kwa kwezakhamuzi zakule lizwe lakithi ezikhungatheke kakhulu kuhambe kancane kunalokho obekudingeka, futhi sekuvuleke igebe.
Noma kunjalo, ukukhokhwa kwezibonelelo zikahulume-ni kuqhubeke ngaphandle kwezithiyo, futhi emva kwezingqinamba eziningana zobuchwepheshe, uhlelo lo-kuthunyelwa kokudla luyalu-ngiswa.Ukubeka ukuvalwa kwezwe esikhathini esifushane kakhulu kulethe izinselelo eziningi. Be-kumele siqhathanise ubungako bokuvalwa kwezwe nobukhu-lu bemikhawulo okuzomelwe ibekwe.
 Sikhethe ukuba sohlangothini lokuqaphela. Futhi ngokombiko owethulwa nguNgqongqoshe Wezempilo kungekudala, ukuvalwa kwe-zwe ngesikhathi esakwenza ngaso kwehlise izinga lo-kusuleleka, futhi okubaluleke kakhulu, kusinikeze isikhathi sokulungiselela ukubhebhe-theka okukhulu ekusulelekeni okungenzeka emavikini nezi-nyanga ezizayo.
Bekumele sicabangele no-mthelela emnothweni osuvele untengantenga esikhathini eside nesifushane, nomthele-la walokhu kuphazamiseka okukhulu ezimpilweni zezigidi zabantu.
 Bekumele sicabange  ukuthi ukuvaleleka emakhaya amavi-ki kuzosho ukuthini kubantu abasebenzayo abangezukukhokhelwa amaholo ajwayele-kile, kubantu abangasebenzi nakulabo abasafuna umsebe-nzi, kulabo abatohozayo, ku-labo abathengisa emgwaqeni, kulabo abaphofu nalabo ababuthaka.
IKhabhinethi izoqedela iqoqo lamaqhingasu azosetshenziswa ukubhekana nomthelela woku-valwa kwezwe ezimpilweni zabantu bakithi. Lokhu kwa-ndulelwe imihlangano ehlukahlukene nalabo abathinteka-yo kubandakanya amabhizini-si, abasebenzi, izinhlangano zezenkolo, umphakathi kanye noMkhandlu Oyala uMonga-meli Kwezomnotho.
 Esisebenzisana nabo empha kathini sebelethe izicelo eziningana zokungenelela ezi ngasiza ebuthakathakeni kwalabo abadla imbuya ngothi, iningi labo abaphila ngokusi-zwa ngumphakathi.
 Sizokhuphula izinga loku-hlinzeka ngezenhlalonhle ngalesi sikhathi ukuze sisize amakhaya aphila ngaphansi kwesimo sobubha.Noma sekuphelile ukuvalwa kwezwe, umonakalo wako uzo-qhubeka uzwakale kwabanye ngesikhathi esithile esizayo.
 Labo abanenhlanhla yokuba nemiholo engathikamezeki bazokwazi ukubuyela emise-benzini yabo; kodwa izigidi za-banye abantu bazolahlekelwa inyanga lapho bebengabe be-thole umsebenzi wesikhashana, ngabe bazenzele amabhizinisi ngokuthengisa emgwaqeni noma bonge imali ababeyitholi-le ukuze bahlangabezane nezi-bophezelo zemindeni yabo.
Ukusekwa ngokudla kuyi-ndlela yesikhashana yokubhe-kana nesimo esiphuthumayo. Kuzomele kuhambisane ne-zisombululo ezimile ezisiza izakhamuzi zakithi ezibuthaka kakhulu ukunqoba izikhathi ezinzima eziseza.
 Ngiﬁ  sa ukubonga Izinhlangano Ezizimele (NGOs) eziningi, amaqembu ezenkolo kanye nezakhamuzi zakithi ezinikele imali nokuvolontiya ukusiza ngokudla kwabalambile na-baphofu.
 Ukuqeda indlala akusona isenzo sokupha. Kubalulekile kunoma umuphi umphakathi ophila ngokuhlonipha amalu-ngelo abantu.
 Sisesikhathini empini yethu nalolu bhubhane lapho uku-thatha izinto kalula kungaba yingozi enkulu. Nginxenxa omunye nomunye wenu ahlale eqaphele, aqhubeke nokula-ndela imithethonqubo, noku-zigcina uphephile nokuphe-phisa abanye.
 Njengohulumeni sizonikeze-la ngolwazi ngokungenelela okuqonde ngqo esikwenzayo ukuvikela izakhamuzi ezi-buthaka kakhulu osizini lwe-ndlala.
Phakathi kobunzima obuningi obubhekene nabantu bakithi kulesi sikhathi, ukucabanga ukuthi kaze ukudla abazokudla futhi kuzoqhamuka kuphi aku-mele bube obunye babo.
