Ngokubambisana Singayinqoba i-COVID-19

vukuzenzele unnamed

Evikini lokuqala  lokuvalwa kwezwe ngenhloso yokulwa nobhubhane lwegciwane lwecorona  oseludale  umonakalo emhlabeni, sizithokozele izindabaezinhle ezisilethele injabulo nethemba kulesi sikhathi esi-nzima nesindathabuzekayo. Abantu baseNingizimu Afrika abayi-114 abalandwa e-Wuhan e-China emavikini ambalwa adlule sebesiqedile isikhathi sabo ekuvalelweni ngenhloso yokunqanda  ukuthelelana ngegciwane lecorona  futhi sebehlanga-nisiwe nemindeni yabo. Emva kokuhlolwa bonke batholakale bengenalo igciwane lecorona  futhi baphile kahle ngokwe-mpilo nangokomoya. Sekube izinyanga, belokhu bevalelwe, okokuqala bebevalelwe e-Wuhan izinsukuezingama-51 nase-Polokwane izinsuku eziyi-14. Babengakwa zi ukuba nabathandiweyo babo, bengakwazi ukuhamba lapho behlala khona futhi benganasiqiniseko sokuthi lolu sizi lwabo luzophela nini. Uma sengeza lezi zinsuku ezisele eziyi-17 zokuvalelwa kweNingizimu Afrika kubona kuzoba yizinsuku ezingama-82 bevalelwe. Kube yintokozo ukuchi-tha isikhathi naleli qembu elahlukahlukene labantu baseNingizimu Afrika eli-hlanganise yonke iminyaka yobudala, izilimi kanye nemve-laphi. Ngamangazwa kakhulu ukubekezela nesibindi kanye nempokophelo yabo yokuzi-gcina benempilo. Bebephu-ma kumnyombo wegciwane lecorona  e-Wuhan e-China futhi sebebone nomonakalo osudalwe ubungozi baleli gciwane ezimpilweni zabantu. Akumangazi ukubezwa bethi bazimisele ukuphephisa impilo yalabo abaseduze nabo. Manje isineke sabo nesibindi sabo sekuthole umvuzo, ngoba sebebuyela emindenini yabo. Ukubuya kwabo ekhaya kwenzeke ngenxa yabantu abaningi abazinikele ngezi-ndlela eziningi ukwenza uku-thi ukulandwa kwabo kube yimpumelelo.Njengesizwe, siyabonga kakhulu kuHulumeni naba-ntu base-China ngokunakekela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, nosizo lwabo eku-hleleni ukulandwa kwabo. Kubalulekile ukuthi iningi labantu baseNingizimu Afri-ka abase-Wuhan bebefunda ngemifundaze ephuma ku-hulumeni wase-China; oku-yisenzo sokupha esisibonga kakhulu.Siyabonga futhi kubobonke abantu akade bebandakanyeke kulo msebenzi, kusuka kuthi mba labashayeli bezindiza zakwaSAA kuya kuthimba lodokotela kuya kumaphoyisa namasotsha ababuyise ekhaya. Omunye nomunye wabo uthathe igxathu wazibopheze-lela ukuphepha nokuphila kahle kwabanye abantu. Be-bezimisele ukuthunywa kulo msebenzi onzima noyingozi nokuzibeka esimweni soku-valelwa. Manje, bonke bangi-tshela ukuthi, sebekulungele ukuthunywa emsebenzini wabo olandelayo. Ngifisa ukubonga kubase-benzi nabaphathi base-Ranch Hotel e-Polokwane, ababe-nakekele labo ababelandiwe. Babezimisele ukudlala indima yabo emizamweni yezwe yokunqoba lesi sifo. Wonke umuntu obandakanyeka kulo msebenzi wenze iNingizimu Afrika yaziqhenya ngaye.Isimo abadlule kuso abantu baseNingizimu Afrika e-Wu-han sitshengisa ukusebenza – nesidingo – sombuso ukuthi uvale izwe. Kwakungenxa yezinqumo ezinkulu ezatha-thwa nguhulumeni wase-Chi-na ukunqanda ukusabalala kwesifo edolobheni lase-Wu-han, okwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakwazi ukubuya bengathelelekanga futhi benempilo.I-Wuhan, idolobha elihlala abantu abayizigidi eziyi-11 esifundazweni sase-Hubei, libe nabantu abangaphezu kwezi-50 000 abasuleleke ngegciwane le-corona . Njengamanje, emva nje kwesikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili emva  kokubekwa kwezindlela ezinzima zokuvalwa kwezwe, lesi sifundazwe sesibe nezi-gameko ezintsha ezingaphansi kwama-20 emavikini amabili adlule. Ukunqanda ukusabalala kwesifo edolobheni i-Wuhan, esifundazweni i-Hubei na-kwezinye izindawo e-China kudinge umzamo omkhulu futhi ongakaze ubonakale phambilini. Lokhu kufake phakathi imikhawulo emikhu-lu empilweni yansuku zonke futhi kuba nomthelela omkhu-lu emnothweni wase-China. Amanye amazwe athatha lesi nqumo esifanayo ayaphu-melela kakhulu ekulawuleni ukusabalala kwesifo kunalawo mazwe enza kancane ukubhe-kana nalesi sifo.Njengoba inani eliphelele lezigameko eziqinisekisiwe zeCOVID-19  emhlabeni jikele-le linyuke laya ngaphezu kwe-zi-700 000 nenani lasebeshonile lidlula izi-33 000, singafunda isifundo kula mazwe.Sekucace bha manje ukuthi indlela engasebenza ka-ngcono ukuthi umphakathi unqande ukusabalala kwesifo ukuthi abantu bonke bahlale emakhaya baziqhelelanise kwabanye abantu okungenani amaviki ambalwa. Futhi kuba-lulekile ukuthi lokhu kuvalwa kwezwe kanye neminye imi-zamo ephuthumayo kokubili kuyalandelwa futhi kuyapho-qelelwa ngokungaguquki kukho.Njengoba abantu baseNingi-zimu Afrika ababuya e-Wuhan bangafakaza, le mikhawulo empilweni yansukuzonke, ekuhambeni nasekubeni nje nabantu inzima kakhulu ukuyibekezelela. Ngokwa-seNingizimu Afrika, ukuvalwa kwezwe kwengeza ubunzima nobulukhuni, futhi senza konke okusemandleni ukwehlisa umonakalo kubantu bakithi.Kodwa isifundo esisithole kubantu baseNingizimu Afrika abase-Wuhan ukuthi ukuvalwa kwezwe kuyasebenza. Ku-tshengisa ukuthi uma singa-qinisa ekulandeleni imithetho ebekelwe ukunqanda ukusa-balala kwegciwane le-corona , sizokwazi ukwehlisa izibalo zokusuleleka. Kuyabonisa ukuthi uma singabambisana neziphathimandla zezempilo ekwenzeni lokho okumele si-kwenze, sizobe singasindisi nje kuphela ezethu izimpilo kodwa nezalabo abaseduzane nathi. Indaba yabantu baseNi-ngizimu Afrika abalandwa e-Wuhan kumele isinike uku-gqugquzeleka nethemba kula maviki anzima azayo.Indaba yabo isitshela ukuthi kuba mnyama kakhulu uma sekuzosa, kodwa uma sizofika ekugcineni, uma sizohlala nje-ngokuyalwa futhi sihloniphe ukuvalwa kwezwe, uma sisebenza ngokubambisana, sizonqoba.
