Ngokubambisana singalwisana ne-COVID-19 

vukuzenzele unnamed

Umhlaba ubhekene nomunyu wesimo esiphuthumayo sempilo yomphakathi esingakaze silinganiswe eminyakeni elikhulu.
 Ukusabalala kwegciwane le-co rona, okubangela isifo esaziwa nge-COVID-19, sekudlondlobale ngokushesha okuyisimanga, njengamanje selithathwa njengobhubhane emhlabeni-jikelele.  Lolu bhubhane alukhethe ndawo namngcele, seluhlasele abancane nabadala, lukhuphuka ngamandla emazweni athuthukile nasathuthuka.  Njengoba sekukhuphuke izinga lokuhlolwa kwaleli gciwane, inani labathelelekile eNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi likhule. Ngisanda kumemezela isimo senhlekelele sikazwelonke, okunguhlelo lokubhekana nenhlekelele oluhambisana nobukhulu betwetwe kubantu bakithi, umphakathi wakithi kanye nasemnothweni wethu. Lokhu kuzokwenza ukuba sibe nendlela ehlanganisiwe yokulawula inhlekelele nokubeka endaweni  izinhlelo eziphuthumayo,  ezisheshayo nezisebenzayo zokubhekana nesimo. Leli gciwane lizophazamisa kakhulu, okuseqhulwini kuthina ukuvikela impilo nenhlalakahle yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Kumele futhi sibhekane nokuwa komnotho esingeke sakubalekela. Kumele silindele ukwehla ezimpahleni ezithunyelwa kwamanye amazwe, ukwehla kwenani lezivakashi kanye nomthelela omkhulu ekukhiqizeni, ekusebenzeni kwamabhizinisi kanye nokusungulwa nokugcinwa kwemisebenzi. IKhabhinethi isizophothula izindlela eziphelele zokungenelela ukwehlisa umthelela olindelekile we-COVID-19 emnothweni wethu.  Lokhu kwenziwa ngokubonisana namabhizinisi, abasebenzi kanye nezinye izikhungo ezifanele. Kwakungu-Louis Pasteur owathi umnotho uhambelana nengqondo elungiselelwe. INingizimu Afrika isizilungiselele, futhi kudala yazilungiselela. Kusuka kwabikwa okokuqala ngokuqubuka kwalolu bhubhane sesisukumile ukubeka ngomumo izinhlelo zokuhlola kanye nokugcina labo asebethelelekile.  Ukusukuma kwethu njengezwe kuqhutshwa iKomidi Elakhiwe Ngongqongqoshe (i-IMC) eliholwa ngusihlalo walo uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Zweli Mkhize. Indlela i-IMC kanye namaqembu asekayo asisukumele ngaso lesi simo senhlekelele kube yisibonelo nokuqinisekisa, ikakhulukazi ekusizeni ukuqeda ukwenyuka kwamaphaphu komphakathi. Ngizobe ngingusihlalo Womkhandlu Wokuyala Kazwelonke ukuxhumanisa zonke izingxenye zikazwelonke zokubhekana nale nhlekelele. INingizimu Afrika inomlando omuhle ekulawuleni izimo eziphuthumayo zempilo yomphakathi.Sinolwazi, indlela kanye nobungcweti. Ososayensi bethu kanye nodokotela bezifo basezingeni lomhlaba. Sibeke ngomumo izinhleloeziningi zokubhekana nalesi simo esiphuthumayo, futhi sizohlinzeka ngosizomali ukweseka ukuqaliswa kwazo. Zibandakanya ukumiswa kokuvakasha kwezivakashi eziqhamuka emazweni esiwathatha njengayingozi kakhulu; ukuhlolwa okuyimpoqo; ukuzihlukanisa noma ukuhlaliswa bodwana kwabantu baseNingizimu Afrika ababuya kula mazwe; nokuqinisa ukugada, nokuhlola emachwebeni angenela kuleli zwe. Ukuziqhelelanisa kubantu  emphakathini kubalulekile uma sifuna ukunqanda ukusabalala kwe-COVID-19. Imibuthano yabantu abangaphezu kwe-100 ayivumelekile kanye nemigubho yezinkumbi zabantu yezinsuku zikazwelonke isimisiwe. Ukuvakasha kuwo wonke amajele kumisiwe izinsuku ezingama-30 kusuka manje. Uhambo lwaphesheya kwezilwandle olungabalulekile lwezikhulu zikahulumeni selumisiwe futhi nohambo lwalapha ekhaya nalo alugqugquzelwa. Inani lezintuba ezingama-35 namachweba amabili azovalwa, kanjalo nezikole kusuka mhla ziyi-18 kuNdasa kuze kube ngemva kwempelasonto yePhasika. Maduze nje sizomemezela ngezinhlelo mayela-na namakolishi namanyuvesi. Ngenyanga ezayo kuzoba kuyiPhasika, isikhathi esingcwele sezinkolo eziningi kanye nesikhathi lapho kuba nezinkonzo zezinkumbi nemibuthano. Izinkolo zomphakathi kumele zithathe izinqumo ngalokhu ngokubhekela impilo yamalungu amabandla abo kanye nezwe lilonke. Inhlanzeko kumele iqinisekiswe kuyo yonke imikhakha. Zonke izakhamuzi kumele zibeke ukuphepha kwazo ezandleni zazo ngokulandela izindlela ezifana nokuhlale uhlanza izandla ngamanzi nensipho noma ngesibulali-magciwane sezandla kanye noku vala amakhala nomlomo ngethishu noma ngokugobisa indololwane uma ukhwehlela noma uthimula. Njengengxenye yemizamo kazwelonke UMnyango Wezempilo uzoqhubeka nomkhankaso omkhulu oqhubekayo wokuqwashisa ngokuvikela, ukusatshalaliswa kanye nezimpawu zokutheleleka. Ngigqugquzela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuzihlomulisa bona ngolwazi olufanele lokuzivikela. Lezi zinhlelo ziyafana nalezo zakwamanye amazwe, futhi kubalulekile ukuthi sonke siqonde ukuthi azisiso isijeziso kodwa zibhekele ukuphepha komphakathi. Enye yezingozi ezinkulu kulesi sikhathi ukungazi nokuba nolwazi olungelona iqiniso. Kumele sipheze ukusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso nezingaqinisekisiwe, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kwandisa umuzwa wokuthuka osuvele ukhona ezweni futhi kucekela phansi imizamo yezwe. Akumele futhi sivumele izenzo zokucwasa esizibone zenzeka kwamanye amazwe ebezibhekiswe kubantu bamazwe lapho ukuqubuka kuqale khona noma endaweni emaphakathi e-Europe. Kuyacaca ukuthi leli igciwane elihlasela abantu balolonke uhlanga. Ake sehlise uzwelo kulabo abathelelekile, nalabo abasanda kubuya ekhaya bebuya emazweni esiwathatha njengayingozi kakhulu. Asisize labo abadinga usizo nalabo ababuthaka, kunokuthi sibaxwaye. Sizoqhubeka sithembeke ezimfundisweni zokubekezelelana nokuhlonipha ezichaza thina njengabantu. Egameni labo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngibonga iqembu ebelilande abantu bakithi  e-Wuhan, e-China, kanjalo nobuholi kanye nabantu baseLimpopo abasiza ngohlelo lendawo yokuhlalisa ngabodwana labo abathelelekile.  Lesi isikhathi esinzima. Futhi ezikhathini zobunzima lapho kwambulwa khona amandla ethu. Sizosukumela phezulu sithathe izinqumo, ngokuzimisela nokuba nenhloso. Sizosebenza ngokubambisana, ngoba ukuphumelela kwemizamo yethu kuncike ekusebenzeni kwawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika.  Umzuzu kaThuma Mina ususengamele, mhlawumbe kakhulu kunakuqala. Nalokhu kuzodlula. Sizonqoba SingabaseNingizimu Afrika. 