IVulekamali ihlomisa abantu baseNingizimu Afrika 

More Matshediso

Ngokuchofoza nje inkinobho, abantu sebekwazi ukutho la ulwazi ngesabelomali sezwe, ngenxa yohlelo lwe-inthanethi olubizwa ngeVulekamali.
Ingosi yasungulwa eminyakeni emibili eye dlule ngu Mgcinimafa Kazwelonke ngokubambisana nezinhlangano eziningi zomphakathi.
Le projekthi entsha ihlo nyuliswe ngomklomelo emcimbini we-17th Sector Innova tion Awards  2019, ngaphansi kwesigaba esibizwa ngeInnovations Harnessing 4IR Solutions.
Umqondisi woMgcinimafa kuZwelonke, u-Andile Best, ohola ingosi yeVulekamali, uthe inhloso yabo enkulu ukukhulisa intshisekelo emphakathini, uk ubamba iqh aza kanye nokuba nolwazi ngezinhlelo zezimali zikahulume ni.
"Lokhu ukuzibophezela koMgcinimafa Kazwelonke ukubeka obala angafihli lutho malungana nezimali zomphakathi. Imininingwane yesabelomali isivele ishicilelwe kusizindalwazi soMgcinimafa, kepha ingosi iqukethe imininingwane	ekufinyeleleka	kuyona kalula ngendlela okulula ukuyiqonda, ukuze kwenziwe lula ukwabelana ngolwazi, ukuhlaziya nokucwaninga,” echaza.
Ngokusho kuka-Best, iVulekamali yeseka ukubanda kanyeka komphakathi ezinhlelweni zesabelomali futhi wenza izakhamuzi zikwazi ukuba nezingxoxo ezinolwazi neziphusile mayelana nezinqubomgomo zikahulumeni.
“Uma sicela umphakathi uku thi ubambe iqhaza ezinqubweni zesabelomali futhi umphakathi ufika	ungenalo	ulwazi	olunembile, ngeke ukwazi ukuletha imibono ephusile. Okwesibili, sifuna umphakathi wazi uku thi uhulumeni uyisebenzisa kanjani imali esesikhwameni somphakathi,” kusho u-Best.
Isibonelo, izinhlangano zomphakathi zivame ukufuna ukwazi ukuthi uhulumeni uhli nzeka kanjani izinsiza, ukuthi izinsiza zixhumene kanjani nesabelomali nokuthi ingabe uhulumeni kazwelonke, we zifundazwe noma wezindawo uyena obhekene nezinsizakalo ezithile.
U-Best uthe phakathi  kwaba bambiqhaza ababandakanyeka yo kule phrojekthi uMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola; umfelandawonye wezinhlangano zomphakathi Imali Yethu; Umzamo Nesu Lomhlaba Jikelele neSikhungo Sikahulumeni Sokwelule kwa  Ngobuchwepheshe.
Kuwo wonke amazinga enza izinqumo nakuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, kukhona abamele uhu lumeni nomphakathi, kusho yena.
Ekhuluma egameni lezinhlangano zomphakathi ezibanda kanyekayo, uZukiswa Kota, inhloko yoHlelo Lokuqapha Nokumelela, Ekuqashelweni Kokuphendula Kukahulumeni  Ngakwenzile kanye nomxhu manisi we-Imali Yethu, uthe izinqubo ezibhekene nezabe lomali ezibalule -kile zisemqoka ohlelweni lwentando yeningi labantu.
Inhlosongqangi ukuthi sibe ne thonya ekulethweni kwezidingo ezingcono, kusho yena.
"Kithina, ukufinyelela olwa zini ngokushesha kusho ukuthi imiphakathi ayihlezi ithukuthele futhi ingenalwazi ngenqubo yesabelomali," kusho yena, engeza ukuthi abantu banomuzwa ongcono mayela na nendlela okuphuthuma ngayo ukulethwa kwemibono malungana nezabelomali futhi bazi ukuthi ubani okufanele bakhulume naye mayelana nalokhu okubaxakile . 

