Ukwesekwa kweziguli kusemqoka ekulweni neSifo Sofuba

Dale Hes

I-US AID Tuberculo sis South Africa Pro ject ikhombisa ukuba yisibonelo esihle kakhu lu sokuthi uhulumeni, imiphakathi kanye na ma-NGO bangabambisa na kanjani ekulweni nesifo sofuba (TB) ngokuhlinzeka ngokwesekwa okufanele ezigulini.
INingizimu Afrika isithathe isikhundla sobuholi empini yomhlaba wonke yokulwa ne-TB, futhi iUnited States Agency for International Development  (USAID) nayo seyingenelele ngokunikeza usizo.
Iphrojekthi yeminyaka emihlanu, eqale ukusebenza ngonyaka wezi-2016, yenziwa ngokubambisana noMnyango Wezempilo Kazwelonke ezifundazweni eziyisishiyagalombili zaseNingizimu Afrika.
Enye yezingxenye ezibaluleke kakhulu zephrojekthi ukwesekwa kwama-NGO agxile  emiphakathini. Le phrojekthi ihlinzeka ngo sizo lwezimali kuma-NGO angama-21 aseseke iziguli ezingaphezu kwezi-3500, iningi lazo elisezindaweni zasemakhaya.
I-Mosamaria ese FreyistataEtholakala eMangaung, i-Mosamaria ingenye yamaNGO asethole ukwesekwa ngezimali yile phrojekthi.
Le nhlangano inethimba labasebenzi bezempilo bomphakathi, umphathi wephrojekthi kanye nogcina imininingwane bonke laba basebenzela ukuqinisekisa ukuthi iziguli ziyaqhubeka nohlelo lokwelashwa ukuze zelapheke esikhathini sezinyanga eziyisithupha.
 “Siqashe abanakekeli abangama-74 abasiza kule phrojekthi. Ekuqaleni sa sisebenza neziguli ezinga ma-200, sabuye saba neziguli ezingama-400, kanti njenga manje enkontilekeni yethu sineziguli  ezingama-500,  esisebenza nazo nsuku zonke .
Iziguli zidluliselwa kithi uma kutholakale ukuthi zinesifo sofuba zivela emitholampilo eyahlukene eyisishiyagalo-lunye yase-Mangaung Metro,” kusho umxhumanisi we-Mosamaria, u-Trudie Harrison.
I-Mosamaria yenza imi khankaso yokuhlola iziguli ngokuhamb a ingena ama khaya ngamakhaya njalo ngenyanga ukuze ithole iziguli ezintsha ezine-TB futhi izifake  ohlelweni lokwelashwa ngokushesha.
U-Harrison uthi umsebenzi we-Mosamaria usukwehlisile ukukhishwa inyumbazane okuhlobene ne-TB, wakhe ubudlelwane obusondelene nomphakathi futhi waholela emazingeni angcono kakhulu ekwelashweni okuphumelelayo.
"Isibonelo, ngowezi-2018, iziguli zethu ezingama-514 zelashwa zasinda," kusho u-Harrison.
U-Harrison uxoxa udaba ngesinye seziguli zase-Mosa maria. Wanikezwa ukwesekwa nsuku zonke ngumna kekeli wase-Mosamaria, owayeqinisekisa ukuthi uyawaphuza  amaphilisi akhe nsuku zonke futhi esiza nangokudla okuyimpuphu nezingubo ezintsha.
“Waluqeda uhlelo lwakhe lokwelashwa wasinda.
Ubuyele emsebenzini njengoba umqashi wakhe emugcinele umsebenzi wakhe,” kusho u-Harrison.
Yazi izimpawu ze-TBUma unezinye zezimpawu ezi landelayo, kufanele uvakashele umtholampilo noma isibhedle la esiseduze ukuze uyohlolelwa i-TB:
• Ukukhwehlela okuthatha amasonto amathathu noma ngaphezulu• Ukukhwehlela igazi• Ubuhlungu besifuba, noma izinhlungu lapho uphefumu la noma ukhwehlela• Ukwehla kwesisindo okungahlosiwe• Ukukhathala•	 Imfiva.	 





